Now Reading
Umabhajwa azikhiphe: Akucaci ukuthi yena uMengameli ubesopheni kolukaMkhize
Dark Light

Umabhajwa azikhiphe: Akucaci ukuthi yena uMengameli ubesopheni kolukaMkhize

Kungakapheli nesonto elaboHlanga lishicilele udaba ngaphansi kwesihloko esithi: ‘Izihlabathi ziyagqibana: Utavatava lukaMkhize nomthelela kupolitiki yaKwaZulu-Natal’ kuningi osekwenzekile. NgoLwesibili kulandela ingcindezi uMengameli wezwe uRamaphosa wazise izwe ukuthi uKhabazela uzoke athathe ikhefu kuze kube udaba nophenyo ngomsanka othinta ithenda yezokuxhumana eMnyangweni wakhe iyedlula. Ukusho uRamaphosa lokhu nje vele kunophenyo mayelana, phakathi kokunye nokuthintana kwakhe noma umndeni wakhe nenkampani iDigital Vibe. Yize kungekho kwabathintekayo ophika ubudlelwano okuthungwa ngabaphenyi wukuthi ngesikhathi kukhishwa ithenda akubanga khona ubudedengu obuyamela ekwenzeleleni.

Nalapha kuyaphenywa nje ngoba uphenyo lwangaphakathi eMnyangweni Wezempilo ngokusho kwakhe uMkhize kutholakele ukuthi kukhona okungahambanga kahle ekukhishweni kwethenda eyizigidi ezili-R150. Ngakho umsebenzi owenziwa ngabaphenyi beSpecial Investigation Unit usuphothuliwe ingxenye yawo. UMnyango Wezempilo umkhiphe phambili uNgqoqgoshe wawo.

Asiqali ukuba lapha ngodaba olucishe lufane. Kuthangi lokhu uDkt uBandile Masuku eGauteng uzininde ngokufanayo. UMnyango naye bathi akanacala kepha uphenyo lwabeSpecial Investigation Unit bathi akumadede kuyafiwa. Nembala ube eseba ngaphandle uDkt uMasuku kwafakwa omunye.

KolukaDkt uMkhize bekungekho ukungabaza ukuthi kubeka uMengameli edwaleni elibushelelezi okungathi uma enyathele kabi awe bhu. Oshicilelweni olwedlule elaboHlanga likuvezile ukuthi sekukhona abathi le evelelele uMkhize akumuga kepha yitulo elakhiwe ukuze anqindwe ukuthi angabe esebangisa inkosana kaKhongolose uRamaphosa ehlandleni lesibili.
Esitatimendeni esikhishwe nguMnyango sikuchithile lokho. “UNgqongqoshe ukhathazekile ngombiko weSunday Times okhomba umthombo oveza ukuthi ubani obesemhlanganweni noDkt uMkhize ngempelasonto. Ugagula ngqo unyaka wezi-2022. UNgqongqoshe ufisa ukucacisa ukuthi akakholwa ukuthi lolu phenyo luhlangene nepolitiki ye-ANC noma njengoba kushiwo ku-athikeli ‘2022’, kufundeka isitatimende.

See Also

Okushiwo ngalolu daba kokuthi uMkhize uya ekhefini kubukeke njengesixazululo kuMkhize noMengameli kepha kuvuse okunye ukukhuluma. Okokuqala kuthathe isikhathi ukuthi kwenzeke kwalinda ingcindezi ebese yenziwa ngamaqembu aphikisayo nezinhlangane ezizimele. Okwesibili ukukhuluma kuthi nguMkhize ophakamise ukuba athathe ikhefu. Uma lokhu kunjengoba kubikwa kushiya umbuzo ukuthi yena uMengameli ukube kezanga uMkhize ubenazinhelo zini? Ubezomisa yini noma ubezoquba nje kuze kube luyadamba uthuli? Khona ubengayiqwala yini intaba enguMkhize njengoba kwazeka ukuthi akunazinyane lemvubu ladliwa zingwenya kucwebe isiziba.

UMkhize njengoba esekhefini nje kukabili. Kungenzeka ahlale unomphelo noma uzothola ithuba lokuyosebenza inhlabathi. Kuvamile ke ukuthi kuthi ingastshenzwa inhlabathi kube nokuguquka kwezinto kwipolitiki yangaphakathi yeqembu. Ukuqokwa kozobambela uMkhize nokwumuntu ongenawo amava kwezempilo kukhomba khona ukuthi lolu daba luzosongwa maduze nje, sobe sesazi ukuthi uMkhize uhleli ungohlala noma uyabuya.

Scroll To Top