Bajabula babuya neno abalimi ngezimvula zakamuva



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
UNhlangulana yinyanga evamise ukuba yiyona eyomile kodwa kulo nyaka ezindaweni ezithile esifundazweni iKwaZulu-Natal kune imvula eningi ebingalindelekile. Lokhu kuna kwemvula ngalesi sikhathi sonyaka kwethuse abaningi kodwa abanye bakujabulele, ikakhulukazi abalimi. Akubona abalimi abatshalayo kuphela abayijabulele kepha nabafuyi bayijabulele le mvula.
Yize kukhona abayijabulele le mvula, kukhona abakhalayo ngoba kuphazamiseke ukuvuna. Lokhu kwenzeke kakhulu endaweni esogwini oluseNingizimu yesifundazwe iKwaZulu-Natal embonini yomoba. Ngenxa yokuthi abagawuli bomoba kanye nogandaganda abakwazanga ukungena emasimini, kusweleke umoba oyiswa emshinini kashukela iSezela. Ngenxa yalokhu umshini ugcine usucishwa. Njengoba imvula ine isonto lonke kuchaza ukuthi amasimu amanzi nemigwaqo yonakele. Uma kade lina kuthatha izinsuku ezimbalwa umhlabathi wome ngokwanele ukuthi izinqola ezinjengogandaganda namathrakhi zikwazi ukungena emasimini nasezizindeni zokulayishwa komoba.
Lokhu kusho ukulahlekelwa kuzo zonke izinhlaka zemboni kashukela. ISouth African Canegrowers Association ibeke ngokuthi zikhona nezinye izigayo eziphazamisekile njengaseNorth Coast. “Umthelela wokumiswa kwesigayo kuphazamise amaphakethe alabo balimi okungukuthi ngabe besebewugawulile umoba wabo kodwa ungakayiswa esigayweni”, kusho uThomas Funke oyiSikhulu Esiphezulu seSouth African Canegrowers Association.
Ngokusho kwenhlangano yabalimi iSouth Africa Farmers Development Association lesi sehlo sijwayelekile kepha umthamo wemvula otholakale ungaphezu kwalowo olindelekile ngesikhathi ekujwayeleke somile. UNondumiso Mlondo okhulumela le nhlangano uthe: “Kwejwayelekile ukuthi izigayo zomoba ziphazamiseke. Kepha iSezela yiso isigayo esiphazamiseke kakhulu. Besingayibali imali elahlekile”.
“Imvula ihlale yamukelekile yize njengakwezinye izikhathi imvula enkulu ingona amasimu, imigwaqo nenye ingqalasizinda, konakale nezingabunjalo lomoba. Okunye, uma amanzi ehlala isikhathi eside kungagcina sekone ukukhula komoba. Kodwa uma sibuka ngeso elibanzi lezi zimvula ezisanda kuna zizosiza ukugcina umswakama ozosiza ekukhuleni komoba ezinyangeni ezizayo.
Imvula ngezibalo:
- eHibberdene ibe ngama-216 mm;
- eHighflats ibe ngama-116 mm;
- eSeafield (eduze nase Port Shepstone) ibe ngama-297 mm;
- eHarding ibe ngama-169 mm;
- e-Umzinto ibe ngama-159 mm.
- e-Eston ibe ngama-95 mm;
- eMt Edgecombe ibe ngama-45 mm;
- eWartburg ibe ngama-54 mm;
- e-Amatikulu ibe ngama-52 mm
- eMpangeni ibe ngama-60 mm