Now Reading
UMkhandlu iZululand uyoziphungela ngesikweletu samanzi
Dark Light

UMkhandlu iZululand uyoziphungela ngesikweletu samanzi

SINGASE sibe mazonzo kakhulu isimo ezakhamuzini ngaphansi kweSifunda iZululand emuva kwesinqumo esikhishwe nguNgqongqoshe woMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle uNkk uNomvula Mokonyane sokuthi bonke omasipala abanezikweletu zokuphakelwa kwamanzi bazonqanyulelwa uhlelo lokuphakelwa kwamanzi umnqamulajuqu obubekelwe umhla ziyisi-8 kuZibandlela kuwo lo nyaka.

IZululand ingabanye bomasipala abakweleta izigidi zemali njengoba singama- R56 360 784, 07 isikweletu salo Mkhandlu. Lesi sifunda singezinye ezikhahlamezekile kakhulu ngenxa yesomiso. Lowo obeyimeya kulo Mkhandlu iNkosi uMzamo Buthelezi wayenazo izaba zokuthi kugujwe amanzi phansi emhlabathini zokuzama ukuxazulula lesi simo sokushoda kwamanzi ngoba amadamu nemifula okwakuthenjelwe kuyo kushile. Phakathi koMasipala abakhahlamezeke kakhulu kuso lesi Sifunda uNongoma, eBaqulusini, iDumbe , Ulundi kanye noPhongolo.

UNgqongqoshe uMokonyane, ube eselula isikhathi sokuthi omasipala ababhekene nokuphaka amanzi emiphakathini babuyekeze izindlela zokuthi bazozikhokha kanjani lezi zikweletu zabo emuva kokuhluleka ukukhokha. ElaboHlanga lixhumane neMeya entsha yeSifunda iZululand uMfu uThulasizwe Buthelezi wathi, “Ufikile kithi lo mbiko njengoMkhandlu, ngoMsombuluko lo esiya kuwo mina noSomlomo uMnu Sbusiso Nkwanyana silibangisa ePitoli ukuyohlangana noNgqongqoshe uNomvula Mokonyane ukuba sibhunge kabanzi ngalokhu. Kodwa ngokoMkhandlu siyalelele iMeneja yoMkhandlu uMnu uSipho Nkosi ukuba enze uphenyo ngalesi sikweletu okuthiwa siyasikweleta bese kuthi labo abathintekayo kule nkohlakalo bathathelwa izinyathelo ngoba ngokolwethu ulwazi akusona lesi samba semali esisikweletayo, singaphansi,” kuphetha iMeya uThulasizwe uButhelezi.

Lokhu kwenzeka nje emuva kwempikiswano enamandla neKomidi loMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu kanye noMnyango Wezamanzi Nokuthuthwa Kwendle lapho kubhungwe khona ukuthi sincane kakhulu lesi sikhathi esikhiswe uNgqongqoshe ukuze omasipala bekhokhe. Lo mbiko kaNgqongqoshe uMokonyane uveze ukuthi bangama-30 omasipala abahlulekayo ukuhlonipha ukukhokhwa kwezikweletu zabo kanti isiyonke le mali eyizigidigidi ezili-R10.7.

See Also

Okunye okuvelile ukuthi imbangengela yakho lokhu ukuthi omasipala bebengakwazi ukuqoqa imali eyanele yokuhlonipha izikweletu zabo kulesi sikhathi esifushane. Kanti la makomidi acele ukuthi elule isikhathi sokuthi kuze kushaye uNdasa wangonyaka ozayo kuphinde kubuyekezwe lolu daba. Iqembu leDemocratic Alliance lisamukele lesi sinqumo laphinde lagxeka iqembu le-ANC ngokuthi liphethe kabi impilo yabantu baseNingizimu Afrika abangenacala namabhizinisi abo laphinde lathokozela ukuthi ngeke esanqanyulwa amanzi.

Scroll To Top