Now Reading
UBukhosi obuningi base-Afrika banweshulwa amakoloni
Dark Light

UBukhosi obuningi base-Afrika banweshulwa amakoloni

Kunzima kabi ukuthunga umlando waboHlanga bakwamanye amazwe. Kuze kubelula uma sewubachazela ukuthi ugxile emlandweni othinta ulimi, isikompilo, inkolo, uBukhosi nokunye okwakwenzeka bengakafiki abamhlophe nobukoloni maqede baqhwaga imibuso yase-Afrika. Njengoba namanje isaqhwagiwe imibuso yaboHlanga e-Afrika.
AboHlanga base-Afrika banezinto abahlobene noma abasondelene nazo, njengokwazi, njengokubiza uMdali ngamagama abo nokunye, bengakaphazanyiswa ngabelungu ngezindlela eziningi.

AboHlanga baseBurundi ngenkathi izwe lisalawula ngaMakhosi, izinduna nabamnuzane abathile nomphakathi, babebiza uMdali ngoKiranga bengakafiki abelungu nobukoloni, ubuKhrestu neBhayibheli. Sebebiza uMdali ngo-Imana ngokweBhayibheli. Isihumusho esisha sowezi-2020 seBhayibheli lesiZulu sithi uSimakade.

Santongeliswa nguMnu uNdaba Justin waseBurundi, emakhaya eMonge, umthungi wengqephu, ukuthi umkakhe ngowaseKikwena. Wathi babukhona uBukhosi bengakafiki abamhlophe. KwakuyiNkosi uNtare Rushatsi 1, eGitega. Wayengumlondolozi wesikompilo, wolimi, wentuthuko nenqubekelaphambili yaboHlanga baseBurundi eGitega. INkosi uNtare yaba neqhaza ekuzinziseni ukuzigqaja kwaboHlanga baseGitega.
Njengoba sazi ukuthi kwenzeka eBurundi ngenkathi aboHlanga ababengamasosha beqeda uBukhosi, mzukwana uHulumeni usulawulwa ngamasosha njengakwamanye amazwe.
Yaba nenhlanhla iNingizimu Afrika ukuthi bangaphumeleli abamhlophe nobukoloni ukubhidliza izinhlaka zoBukhosi njengakwamanye amazwe e-Afrika. Njengoba sibona ezifundazweni ukuthi basekhona ababizwa ngaMakhosi.

Okubuhlungu nesingathi kuyobe kungubuwula nxashane sekungaboHlanga abaphathisiwe izwe, kube abanye abacashile abayobhidliza uBukhosi ngezizathu ezingabukeka sengathi zinamabala obukoloni nomqondo wabamhlophe phakathi. Kunezinsolo zokuthi aboHlanga abahlukahlukene baseNingizimu Afrika, bafuna ukuqeda uBukhosi. Koba kuhle uma bekwenza kodwa bafake izinhlelo ezingumqondo waboHlanga. Kusizani, kusize bani, kobe kusizeni, kuyosiza bani ngempela ukuqeda into eyayingumqondo waboHlanga bengakafiki abamhlophe e-Afrika. Kadeni siyaqhubeka nokufaka, nokugxisha izinhlelo ezisengumqondo wabamhlophe baseNtshonalanga. Bese singenzi ngendlela yabo, bese kuba mapeketwane ezweni.

Liyaziwa iqiniso ukuthi kwakunabamhlophe ababezicaze ngokwehlukene e-Afrika. Kwakunababezosebenza ukuzofaka umoyamqondo nesikompilo lokwenza, lokucabanga, lemfundo, lemali, lobuKhrestu neBhayibheli ngokwasentshonalanga. AboHlanga baba yinhlakanhlaka, kuze kube manje, asihlangene singaboHlanga ngenxa yezizathu ezilotshwe ngenhla.

Ngasezilimini uNdaba wacacisa ukuthi, eBurundi kukhulunywa ulimi lwesiSwahili, lwesiKirundi nesiFrentshi. Waqhubeka ngokuthi aboHlanga baseBurundi bakhuluma ulimi olulodwa isiKirundu bese bexhumana ngolimi lwesiSwahili.
Ayifani indlela abakhuluma ngayo isiKirundi. Umehluko kuba izigodi, isemakhaya nezindawo ezahlukene eziphimisa ngayo amanye amagama esiKirundi. Njengoba kwenzeka eNingizimu Afrika.

Bayakwazi ukuhlukanisana abantu basemakhaya eMonge, eKikwena, eBubanga, eBuruli, eKamenge, eKayanza, eMakamba, eMtakura, eMzaka, eNgozi, enhlokodolobha iBujumburi nasesifundazweni eGitega. Bahlukanisana ngendlela ababiza ngayo amagama ngesiKirundi, ukuthi lona akayena owayesemakhaya angakubo. Bamunye phezu kwalokho.
Kanti kuyacaca ukuthi abantu baseBurundi basalugcinile ulimi lwebele isiKirundi njengawo wonke amazwe ase-Afrika asakhuluma izilimi zawo zebele nanamanje. Siyazi ukuthi emlandweni amaFrentshi ayefuna zishabalale izilimi zabantu baseBurundi. Okwakuzokwenza bagcine bengakwazi ukwenza izinto zabo bengaboHlanga base-Afrika. Kuyaziwa ukuthi akhona amazwe e-Afrika, aboHlanga abagcina sebengasalukhulumi ulimi lwabo ngokubhalwe phansi. Bayazikhuluma nje kuphela.

Ngakhunjuzwa ngumdayisi ozimele uLwandile Tshikitshwa, waseMpumalanga Koloni, ePort St. John’s, eGemvale. Bakhula bebhukuda emfuleni eZibukweni naseMabhakashiswe besafunda esikoleni iNgodusweni Primary School. Wathi kuseLesotho lapho abantu bekhuluma ulimi olulodwa isiSesotho. Ngabe sengikhumbula ukuthi eBotswana bakhuluma iseTswana naseSwatini bakhuluma isiSwati. Uma isizwe sesingenalo ulimi lwaso.Yini esisazoqhosha ngayo ukuthi ngeyaso. Yini esisazokwazi ukuyikhuluma njengegunundu labo, njengemfihlo yabo bebodwa bese beya phambili nentuthuko abazisungulele yona e-Afrika.

See Also

Inkinga i-Afrika esabhekene nayo ngisho bekhona ababalulayo, abachazayo, abahlaziyayo, okumane kucace ukuthi abanye bayesaba ukubeka kuthi bha ukuthi isimomqondo saseNtshonalanga sabadunga, nanamanje sisabadungile, sisasidungile singaboHlanga.
Besaba ukuthi kuzothiwa naye, nawe ufunde le mfundo engokomqondo waseNtshonalanga. Abazobatshela kanjalo ingoba bayesaba, abanawo ngisho nomncane umuzwa nomqondo wokwengeza phezu kwemfundo ewumqondo waseNtshonalanga.

SinaboHlanga abambalwa asebakhombisa,nabasazokhombisa kanye nabasazozalwa ukuthi bayakwazi ukwengeza ulwazi phezu kolwazi oluvele selukhona ezandleni zabo, zethu ezweni. Isiqalo esiyaphambili saboHlanga leso.

Ukuqhwagwa kwemibuso into endala njengokuthi imfundo yaqhwagwa mzukwana kufika abamhlophe e-Afrika. Asingazikhohlisi neze sithi into entsha esesiyibona manje eNingizimu Afrika njengoba kunekhomishini eholwa isekela mehluleli uRaymond Zondo, ephenya ngezinsolo zokuqhwagwa kombuso.

Scroll To Top