Ubukhosi njengekhonco lentuthuko


NGALESI SIKHATHI iNingizimu Afrika iphansi phezulu idingida iqhingasu lentuthuko emadolobheni nasezindaweni zasemakhaya, uBukhosi bungaba yikhonco ekuletheni intuthuko ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Lombono ugqame kakhulu enkulumweni kaNdlunkulu waseMatheni kwaNongoma, emhlanganweni lapho iMeya yakulendawo uMnu u-Albert Mncwango nesigungu sayo ibihambele lomphakathi. Enkulumweni kaNdlunkulu, ukubeke kwacaca ukuthi kuyinto engefihlwe ukuthi izinhlaka zobuKhosi kanjalo namakhansela kamasipala kunokungasebenzisani okuhle, nokuholela ekutheni intuthuko ingafiki ngesikhathi kubantu, kwesinye isikhathi igcine ingafikanga sanhlobo.
“Siyakuthokozela ukufika kukasodolobha uMpangazitha ezozethula. Engikubonga kakhulu ukuba usibone isidingo sokuba lokhu ukwenze. Kepha nginomyalezo engifisa ukukuphathisa wona engikholelwa ekutheni uyayijivaza intuthuko. Okokuqala nje kuhle ukuthi njengomholi ubahloniphe abantu obaholayo. Lokhu kuyizimpawu zobuholi obuqotho. Nokho mangingakufihli ukuthi ukusebenzisana phakathi kwezinhlaka zobuKhosi namakhansela kabubuhle neze. Lokhu kuyinto engaphazamisa kakhulu intuthuko ukube ifike kubantu. Kuzofanele siwalungise amaphutha enzeke phambili, kwazise umsebenzi wethu ukusiza abantu. Kangisayiphathi-ke eyokukuxhumana, ngoba ikona okuyisisekelo sakho konke esifisa ukukusa kubantu,” kusho uNdlunkulu obebonakala nasebusweni ukuthi uyizwa ngaphakathi into ayishoyo.
Uphethe ngokuthi kungaba wuhlelo oluhle nxa iMeya ingazisa izinhlaka zoBukhosi nxa ihambisa noma izokhuluma nomphakathi ukuze kungabi nezinkinga. “Ngingajabula kakhulu uma iMeya ingangazisa uma izovakashela isizwe seNkosi. Lokhu kungangilekelela ngokuthi ngazise iziNduna ukuba ziyihlelele iMeya kuleso sigodi. Kepha uma ngingazi ngigcina sengizwa ngabantu,lokhu engikubona kungekuhle. Okwesibili engifuna sikuqaphelisise ukuthi uma umkhandlu usuhambelile endaweni, awulandelele phela ngokuthi usazise ngebanga osulihambile. Ngikusho lokhu ngoba kugcina ngokuthi sizwe ngokufika kweMeya kepha sigcine singabonanga ebikuhambele,” usho kanje uNdlunkulu ophawule ngokuthi kufanele kube nemihlangano nezinhlaka zikhathi zonke ukuze kuzobonakala ibanga eselihanjiwe kwezentuthuko.
Inkulumo kaNdlunkulu ibinanelwa yiwo wonke umuntu obekhona njengoba ibilandelwa nayizibonelo abantu ababekhona abazaziyo. Isiphakamiso sikaNdlunkulu kube ngesokuthi iHhovisi likaSomlomo libe nohlelo lokuhlanganisa amakhansela kanye nezinhlaka zoBukhosi kwaNongoma ngenhloso yokuhlela ndawonye kanye nokunikezana imibiko ngentuthuko kanye nalokho okungaba yizingqinamba. IMeya uMncwango egameni loMkhandlu ikwamukelile ukweluleka kanjalo neziphakamiso. Uphinde wakuvuma ukuthi impela, kufanele kuphele ukungaboni ngaso linye phakathi kwamaKhansela neziNduna.
“Ngifisa ukuzibongela kakhulu kuNdlunkulu, ngokusiyala, ngizizwa ngithobeke kakhulu. Impela konke akushilo kuliqiniso. Nami sengike ngithuke ngizwe ezindabeni kuthiwa ikhansela likaMasipala libeke umuntu endaweni ethile ekubeni lapha emakhaya yinduna okuyiyona ebekelwe loyo msebenzi. Ngamanye amazwi ngigcizelela kona ukuthi uNdlunkulu uyihlabe esikhonkosini. Lokhu kusenza ukuthi sibe nomsebenzi onzima thina njengabaholi bomkhandlu wokuba sibumbe isizwe,sisebenzisane nobuKhosi kusizakale abantu,” kusho uMpangazitha.
Khona lapho ukwamukele ukuthi njengamakhansela kakhulukazi lawo asemasha kuyadinga ukuba bafundiswe kabanzi ngokusebenza kwezinhlaka zoBukhosi nathe ngeke intuthuko yenzeke nxa zingekho. “Uma ungangibuza nje mina, kangikaze ngibe yiMeya okanye iKhansela, kanjalo nethimba lonke engisebenza nalo, iningi lalo kalikaze libe amaKhansela ngaphambilini. Lokhu kusho kona ukuthi muningi umsebenzi osisalele,” kusho uMpangazitha.
Uphethe ngokuthi: “Ngiyafisa kube nokuthula, ukubambisana kanye nokuxhumana okuhle phakathi kwamaKhansela neziNduna ngoba inhloso yethu ukusebenzela abantu,” kusho yena. Phakathi kokunye okubalulwe nguNdlunkulu waseMatheni okuyaye kudale ukungahoshelani okuhle kulezi zinhlaka, ukungalandeleli isimo kwabaholi emiphakathi. Kuleli sonto iMeya ihambele imiphakathi (imikhandlu yamaKhosi) emithathu eyakhele lo Masipala okuyisoSuthu, iseMatheni kanye nakwaMandlakazi.