Now Reading
Izinga lohwebo phakathi kweChina namanye amazwe luyakhuphuka
Dark Light

Izinga lohwebo phakathi kweChina namanye amazwe luyakhuphuka

Uhwebo phakathi kweChina kanye namazwe aseNtshonalanga libonakala luqhubekile nokukhula kulezi zinyanga ezinhlanu zokuqala zowezi-2021 yize kunokungezwani.
Izibalo zakamumva zikhomba ukuthi izwe lase-USA lisahamba phambili kulawo ahwebelana neChina ngesikhathi, iqoqo lamazwe ase-Europe lilale isibili emva kwe-Association of Southeast Asian Nations.

Uhwebo phakathi kweChina kanye namazwe angaphandle lukhule ngama-28.2% phakahti kukaMasingana noNhlaba uma uqhathanisa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule, ngokusho kwezibalo ezikhishwe iGeneral Administration of Customs.

Lo mnyango uthe izibalo zikhomba ukuthi uhwebo lweChina namazwe angaphandle lufinyelele kusigidintathu oli-14.7 wamayuan, noma usigidintathu omu-$2.3, kuzo lezi zinyanga.
Uthe lokhu kukhomba ukukhuphuka kwempahla ethengwa eChina ngokunjalo naleyo odayiswa ilelizwe ngenxa yokuthi amazwe amaningi asevulelekile futhi akhuphule nezinga lama-order.

Impahla ekhiqizwe iChina ikhuphuke ngama-30% phakathi kukaMasinga noNhlaba kulo nyaka, ngokusho kwezibalo, ngesikhathi impahla engene kuleli lizwe ivela ngaphandle ikhuphuke ngama-25%. Uhwebo phakathi kweChina ne-USA lukhuphuke ngama-41% lwafinyelela kusigidintathu oye-1.8 wamayuan, uma uqhathanisa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Uhwebo ne-European Union lubonakale lukhula ngama-27.8% lwaba ngusigidintathu omu-2 wamayuan ngesikhathi esifanayo.

NgoNhlaba, iChina ithenge impahla elinganiselwa ezigidigidini ezili-$13.1 e-USA, nokukhomba ukwehla emalini ebeyizigidigidi ezili-R13.9 ngoMbasa.

Kuleli sonto, uMengameli we-European Council uCharles Michel uvikele isinyathelo sokuqhubeka nokufinyelela esivumelwaneni esithinta ukutshalwa kwezimali neChina.
Utshele izintatheli ukuthi bafuna ukubuhlela kabusha ubudlelwano bezomnotho phakathi kwe-EU neChina ukuze kube nokulingana.
“Kule minyaka yakamumva sivumelane ngokuthi kube nezinhlelo ezivuna ukungena kwezinkampani emakethe yethu kodwa kunokungalingani, asiboni kunezinhlelo ezifanayo ezithathwayo,” kusho uMichel.

Uphinde wathi iChina izwe abaqophisana nalo kodwa kubalulekile ukubambisana nayo uma kunesidingo. Isivumelwano sokutshalwa kwezimali esasayindwa ngoZibandlela iComprehensive Agreement on Investment besisamile ngenxa yokungaboni ngasolinye edabeni oluthinta amalungelo esintu. Ubekhuluma kanje nabezindaba uMichel ngaphambi komhlangano noMengameli wase-USA uJoe Biden uvakashele e-Europe.

See Also

UBiden uhambele okokuqala amazwe angaphandle kusukela athatha izintambo njengoMengameli wase-USA ngoMasingana, nalapho ezohlangana khona nabaholi bakhona ukuzama ukuvuselela ubudlelwano.

Akungabazeki ukuthi loludaba luzoba sezithebeni uma uMichel esehlangana noMengameli wase-USA uJoe Biden eCornwall, England, emhlanganweni weG7 obanjwa phakathi kuka June 11-13. UMichel uzophinde ahlangane noBiden ngesonto elizayo lapho ezobe esehambele khona eBrussels ukuyohlangana nabaholi be-EU kanye nabe-NATO.
I-USA ayihambisani nokuqiniswa kwamaxhamu ezokuxhumana ne-China, kunalokho uhulumeni kaBiden ungene emkhankasweni wokunxenxa amazwe ukuthi eseke izinyathelo zayo zokunqinda iChina amandla.

Kusenjalo iWashington isifake unswinyo lwezinhlelo ezehlukene, okubalwa nofaka izinkampani zaseChina ohlwini lwezinkampani okungamele kusetshenziswane nazo e-USA.

Scroll To Top