Now Reading
IChina ihlola umgomo ozolwa nohlobo lwegciwane laseNingizimu Afrika
Dark Light

IChina ihlola umgomo ozolwa nohlobo lwegciwane laseNingizimu Afrika

Usosayensi odumile owenza imigomo yaseChina useveze ukuthi umgomo oqondene nohlobo lwegciwane elatholwa eNingizimu Afrika kuqala seluqalile uhlelo lokuhlolwa ukusebenza kwayo kubantu.

UChen Wei wenze lesi simemezelo khathi ethula inkulumo engqungqutheleni ebibanjelwe eShanghai kamumva nje. “Uhlobo lwegciwane olwabikwa eNingizimu Afrika kuqala luphakathi kwezinhlobo esezibe nomthelela omkhulu ekusebenzeni kwemigomo ekhona,” kuchaza uChen.

Uphinde wathi sebefake isicelo sokuthi kuphasiswe ngaphansi kwesimo esiphuthumayo omunye umgomo wokhuvethe ohogelwayo. Lo mgomo ohogelwayo wenziwe ithimba likaChen kanye nenkampani yaseChina eyenza imithi iCanSino.
“Lo mgomo omusha kulindeleke ukuthi wenze kube lula ukuthi abantu bakwazi ukuthola imigomo, uphinde futhi wehlise nenani lokugomela ukhuvethe,” kusho uChen.

Uthe lo mgomo udinga okukodwa kokuhlanu kuleyo mijovo eyenzelwe ukuvika ukhuvethe nesebenzisa amagciwane afike kanti futhi ayidingi ukugcinwa endaweni ebandayo.
IChina ibonakala ikhuphula izinga lokulwisana nalolu bhubhane lokhuvethe ngezindlela ezehlukene, okubalwa kuzo ukusungula imigomo kanye nokunika abantu imijovo yokuzivikela.
Ngokwezibalo ezikhishwe iKhomishini Yezempilo kuzwelonke, iChina isihlinzeke abantu abahlala kuleli lizwe ngemigomo okubavikela okhuvetheni asevile esigidigidini. Izikhulu kule khomishana yezempilo kuzwelonke zithe kuyithathe izinsuku eziyisithupha ukuthi iChina ijove abantu ngemijovo eyizinkulungwane ezili-100 ukuze ifinyelele esigidini ngesonto eledlule.

IChina yaqala ukugoma abantu kuleli lizwe begonyelwa isifo ukhuvethe ngoZibandlela wonyaka odlule isibenzisa imigomo enziwe kuleli lizwe.

Ibe isiqala ukukhuphula izinga lokujovwa kwabantu ngemigomo, nokudingeka ukuthi abantu bajovwe kabili kuze bagome ngokugcwele, ngasekupheleni kukaNdasa. Phakathi noMbasa isibalo semigomo enikwe abantu besiyizigidi ezingama-200, kwathi ngasekupheleni kukaNhlaba safinyelela ezigidini ezingama-500.

Kuthathe leli lizwe izinyanga ezilinganiselwa kwezimbili ukukhuphula isibalo semijovo esikhishewe sisuka ezigidini ezili-100 siye esigidigidini esisodwa. “Kuzothi uphela unyaka ama-70% wabantu bakuleli lizwe uzobe usugomile ukuze uvikeleke esifweni sokhuvethe,” kusho uZeng Yixin iphini lenhloko yekhomishini yezempilo kuzwelonke. “Umkhankaso kazwelonke wokugoma abantu usukhombisile ukuthi ama-gomo enziwe eChina aphephile,” kusho uZeng.

Izikhulu zezempilo zakulelizwe zithi njengamanje ingama-21 imigomo asengene esigabeni sokuhlolelwa ukusebenza kubantu sokuhlolelwa ukwelapheka. Kuze kube imanje mine imigomo asekhombise ukuthembisa ukuthi azosebenza nasephasisiwe ukuthi asetshenziswe kubantu eChina, ngesikhathi amathathu enikezwe imvume yokuthi asetshenziswe ngaphansi kwezimo eziphuthumayo.

See Also

IChina yeseka amazwe afana neNingizimu Afrika ekhweleni lokuthi kube nobulungiswa kanye nokulingana ekusatshalalisweni kwemigomo.

Oyinxusa leChina kuNhlangano Yezizwe uChen Xu uthe; “Sikhathazekile ngalo mkhuba owandayo yokugodla imigomo okwenziwa amazwe athile ngisho nangaphezulu kwalawo anele abantu bawo.”

Uthe emijovweni eezigidigidini ezi-2.6 esinikezwe abantu emhlabeni ukuza bavikeleke okhuvetheni, ingxenye engama-0.3% kuphele esitholwe amazwe adla imbuya ngothi.
Ugcizelele ukubaluleka kokuthi abantu bafinyelele, aphinde bakwazi ukukhiqiza imigomo kanye nezinye izinsiza zezempilo emazweni asathuthuka ukuze kuqedwe ukhuvethe ngokushesha.

Scroll To Top