Now Reading
Ihambele ubuholi boMdabu iDemocratic Alliance
Dark Light

Ihambele ubuholi boMdabu iDemocratic Alliance

IDA ithathe uhambo ilibangise eNewcastle kuleli sonto ukuyohlangana nezinduna zaseMajuba ngaphansi kobuholi bukaSihlalo uMnu uPercy Nkosi emva kokuthola isimemo sokuzolalela izikhalo zazo. Izinduna ziveze izihloko ezehlukene ngokwehluleka kukaHulumeni ukuxhumana nazo ikakhulukazi uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu KwaZulu-Natal. Okubuye (Codta) kwavela kulo mhlangano ukuvaleka kokuxhumana selokhu kwangena uMnu uSihle Zikalala kwesobundunankulu emva kukaMnu uWillies Mchunu.

Enye yezikhalo zabo ukungalingani kwamaholo ezinduna kanye nodaba olungakaxazululwa namanje lwemali ekweletwa izinduna. Kuvelile kulo mhlangano ukuthi miningi imibuzo ethunyelwe kodwa lutho izimpendulo. Kuvele nokuthi kunezinye izinduna eziholayo kuthi ezinye zishaywe indiva nje bese kuba nalezo ezingahlali ngisho ezindaweni ezibekwe kuzo kodwa zibe zithola imihlomulo yobunduna.


Ukwehluleka kwe-ANC kulolu daba lwezinduna kungenye yemiphumela kaHulumeni owehlulekile ukubusa. Sekuyiminyaka ngeminyaka iDA eSishayamthetho icela ukuthi udaba lokukhokhelwa kwezinduna lwenganyelwe umnyango obhekele izimali kuzwelonke, kodwa namanje lokhu kubekwa eceleni.

Njengomuntu okhulele emakhaya, ngiyakuthanda kakhulu ukubona intuthuko ezindaweni zasemakhaya, kuhlale kungidabukisa kakhulu ukungalingani okukhona, nenhlupheko ebhekene nabantu basemakhaya, abangaqashiwe, abaswela amanzi nogesi, njengeqembu sizimisele ngokukushintsha lokhu.

Ubuholi beDA KwaZulu-Natal buyabuhlonipha ubuholi bomdabu nobumqoka bokubusa kwabo, futhi luzinikele ekutheni lilokhu liqhubekile nokuxoxisana nokweseka ubuholi bomdabu nemiphakathi eyengamele.

Iminyaka engamashumi amabili nesikhombisa yokubusa kukaHulumeni wentando yabantu, kumele engabe sewuyabonakala umehluko, unyaka nonyaka , uNdunankulu wesifundazwe uSihle Zikalala ukhuluma nomphakathi ngentuthuko, kodwa okuseqinisweni kugcina kungukukhuluma nje. Ngikholwa ukuthi i-ANC isihlulekile ukunaka izinto ezithinta umphakathi, emakhaya nakhona emadolobheni bakhohliwe abantu besifundazwe jikelele. Isifiso sami ukuthi kube nokubusa okubeka phambili abantu nezidingo zabo, ukubusa okulethela wonke umuntu ngokulingana izidingo.

Siyakuvuma futhi siyakwemukela ukuthi uHulumeni wobandlululo wadala umonakalo omkhulu kuleli lizwe nokumele ulungiswe. Udaba lokulungisa kokungalingani kumele ukuthi lube sequlwini uma sifuna ukulungisa izinto kulesisifundazwe nasezweni lonkana. Umnotho kumele ufake bonke abantu bazozonke izinhlanga, kuvulwe amathuba emisebenzi kuqinisekiwe ukuthi uHulumeni wesifundazwe uHulumeni onakekelayo.

Njengeqembu sihambela imiphakathi emikhankasweni yethu njengoba kuza ukhetho loHulumeni Bezindawo. Inhloso yethu enkulu ukuthi sidle umhlanganiso umkhandlu waseMngeni ukuze sivezele umphakathi waKwaZulu-Natal ukuthi lapho kuphethe khona thina siphatha ngendlela, sivulela abantu amathuba ngokungabheki ibala noma inhlangano. UMngeni uwo ongaba ubufakazi bethu bokuthi yithi kuphela iqembu elimele ithemba noshintsho. Ngikholwa ukuthi kumele sisebenzisane nalabo abakholelwa ekuthuthukisweni kwesifundazwe. IDA isiveze kaningi ukuthi iyiqembu elimele ukuhlonipha uMthethosisekelo waleli lizwe futhi iyo ebeka phambili abantu balesisifundazwe nekusasa lesifundazwe. Kumqoka ukuthi sibheke emuva lasivela khona nokungalingani bese sihlela ikusasa elinokulingana nobulungiswa.

See Also

Njengamalungu eDA eSishayamthetho, ikhokhasi yethu izama ngayo yonke indlela ukulwela ukuthi imali yomphakathi isetshenziswa ngendlela efanele ukubhekana nokuqedwa kwenkemane, ukulethwa kwezidingo, ukuqiniswa ukulethwa kwezidingo kwezempilo nezemfundo nokuthi imali esetshenzisiwe kwaziwe ukuthi isebenze kanjani.
I-ANC isikuveze kaningi ningi ukuthi iyehluleka ukulwa nesihlava senkohlakalo. Akukho ukuvuleleka eqenjini elibusayo ngokusebenza kwezimali zomphakathi.
Njengeqembu leDA sesikulungele ukumelana nazo zonke izinkinga esibhekene nazo kulesisifundazwe. Yingakho mhla ziyisi-9 kuNhlangulana sethule ngokusemthethweni umkhankaso wethu wokuqinisekisa ukuthi abantu bakubhaliselile ukuvota okhethweni loHulumeni Bendawo lowezi-2021.

I-ANC seyitshengisile ukuthi ayizikhathalele izakhamuzi zesifundazwe neNingizimu Afrika, sekuyisikhathi soguquko. Kolunye uhlangothi iqembu leDA lilokhu lihambe phambili ngomasipala abaphethwe ngendlela. Uma ubheka isifundazwe esihamba phambili ngokulethwa kwezinsiza kusebenza futhi esinezinga eliphansi lesibalo sabangasebenzi ezweni lonke iWestern Cape ephethwe IDA. Omasipala abahlanu abahamba phambili eNingizimu Afrika ngokulethwa kwezinsiza kusebenza baphethwe ilo iqembu le-DA.

Njengomholi weqembu le DA sengiqale uhambo lwami lokuvakashela izindawo zesifundazwe lapho sizobe silalele siphinde sithole izindlela zokwelekelela imiphakathi yesifundazwe, ngingaqinisekisa ukuthi ayikho indawo esizoyikhetha sizohambela zonke izindawo sizwe izikhalo zomphakathi ngoba sizobe sitshale abazosimela njengamakhansela kuzozonke izigxenye zesifundazwe kulolukhetho, ukuze silethe ugoquko lwangempela oluzokwenza ngcono impilo yabantu.

Mhlawumbe sekuyiso isikhathi sokuthi abantu bake babuke engxenye babone ukuthi awukho yini umehluko ongcono ozolethwa iqembu le DA.

Scroll To Top