Now Reading
Eyamazwe ase-Europe iyaqhutshwa emveni kokubhuntshiswa wukhuvethe
Dark Light

Eyamazwe ase-Europe iyaqhutshwa emveni kokubhuntshiswa wukhuvethe

Uyasuka uyahlala namuhla ngoLwesihlanu umqhudelwano kanobhutshuzwayo i-UEFA Euro.
Lo mqhudelanwano ngokwekhalenda lenhlangano ephethe unobhutshuzwayo iFootball International Federation Association (FIFA), bekumele ube nyakenye kodwa ngenxa yokusabalala kwegciwane ukhuvethe wahlehliselwa lo nyaka. Njengoba uzoqala namuhla uyoze usongwe mhla zili-11 kuNtulikazi.

Umgadli we-England uHarry Kane uthi uyalithemba izwe lakhe ukuthi lizokwenza kahle kulo mqhudelwano.
“Iqembu lethu liqine kakhulu, abadlali esinabo babe nesizini enhle emaqenjini abo. Nami ngisemfuthweni omkhulu okusiza iqembu lami njengoba ngibe umdlali ovalele amagoli amaningi ku-English Premier League (EPL). Side isikhathi izwe lethu lagcina ukujabula, ngibona kuyilona thuba ukuthi silijabulise ngokuthi sinqobe i-UEFA Euro” kusho uKane.
Lo mgadli odlalela iTottenham Hotspur uqhube wathi: “Ngineminyaka yobudala engama-27, kodwa ngibalwa nabantu abadala eqenjini lokho kuchaza ukuthi siphethe inqwaba yabadlali abancane abanekhono. Nakanjani sizoyibamba ishisa kuze kube isekugcineni” usho kanje.
Kubadlali abangasiza i-England ukuthi kufezeke iphupho likaKane, uJadon Sancho weBorussia Dortmund, uRaheem Sterling noPhil Foden beManchester City, uMarcus Rashford weManchester United noMason Mount weChelsea FC. I-England iseqoqweni D, lapho iqhathwe neCroatia, iCzech Republic neScotland.

Umdlali weGermany u-Emre Can uthe bazimisele ukuthi balungise iphutha elenzeka emqhudelwaneni weNdebe YoMhlaba eyaba ngonyaka wezi-2018 eRussia. IGermany ngalowo nyaka ayenzanga neze kahle.
“Abantu abaningi babebheke ukuthi senze kahle ngowezi-2018 kodwa kwala khona. Isikhathi sokutshengisa abantu ukuthi kungani siyizwe elihlonishwayo futhi elikhulu emhlabeni. Maningi amazwe anezikwati eziqinile, kodwa siyazithemba kakhulu thina. Sakwazi ukunqoba indebe YoMhlaba ngowezi-2014 khona amazwe eqinile nakulokhu singenza njalo” kusho uCan,
IGermany iyona esike yawina lo mqhudelwano izikhathi ezintathu, yawunqoba ngonyaka we-1972, we-1980 nangowe-1996. Elinye iqembu eliseke lanqoba lo mqhudelwano kathathu iSpain.

Ukaputeni weNerthelands uGeorginio Wijnaldum uthe naye ubona ezakhe zisemathubeni okunqoba lo mqhudelwano.
“Sidlale kahle kakhulu emdlaweni yethu yesihle, nginalo kakhulu ithemba lokuthi sizokwenza kahle kulo mqhudelwano. Kumnandi ukuba ithina ngoba siyizwe elinganakiwe, akhona amazwe abhekiwe abantu bazosibona sesikowamanqamu. Okumele sikwenze nje ukungavumeli ukungenelwa amagoli alula siphinde sikwazi ukusebenzisa amathuba phambili” kusho uWijnaldum.

See Also

INerthelands kumdlalo wokuqala wobungani yadlala ngokulingana ngamabili neScotland, yabuya kowesibili yabhaxabula iGeorgia ngamathathu eqandeni.
Iqembu okuyilo elivikela lo mqhudelwano iPortugal eyehlula iFrance ngowezi-2016, kowawubanjelwe khona eFrance.

Abadlali okulindeleke ukuthi bagqame kulo mqhudelwano
UNgolo Kante noKarim Benzema la badlali babe nesizini enhle emaqenjini abo ikakhulukazi uKante onqobe umqhudelwano omkhulu i-UEFA Champions League neChelsea FC.
URomelu Lukaku weBelgium usize i-Inter Milan ekutheni inqobe iligi yase-Italy ngokuthi avalele phakathi amagoli amaningi, uphinde waqokwa njengomdlali ovelele khona e-Italy.
Umgadli wePoland, uRobert Lewandowski, igama lakhe lisematheni njengoba ephule irekhodi likaGerad Muller ebeselihlale iminyaka, lokushaya amagoli angama-41 ngesizini eyodwa.
Abanye abadlali uCristiano Ronaldo wePortugal, uKylian Mbappe weFrance noHarry Kane we-England.

Scroll To Top