Lehlile isasasa lokulandela ibhodwe eliconsayo kubadlali


ININGI labadlali abebefunwa uthuli amaqembu amakhulu aseGauteng sebevele bakhetha ukuhlala emaqenjini abo.
Ngabe lokhu kusho ukuthi seliyehla isasasa lokudlalela amaqembu amakhulu? Yisikhathi esizoveza impendulo yalo mbuzo. Kodwa uma impendulo ingaba nguyebo, kungasho ukuthi lizoncipha igebe phakathi kwamaqembu amakhulu namancane. Phela vele kumanje enkundleni sekukuncane okwehlukanisa amaqembu amakhulu namancane kuleli, bese kusele khona nje ekutheni amancane awakwazi ukugcina izingwazi zawo ngenxa yokuthi zinunuselwa ngemali, zikhale zemuke.
Umdlali we-Platinum Stars, uRobert N’gambi nowe-Ajax Cape Town, u-Aboubacar Mobara – abebefunwa yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns – banqume ukuzihlalela kula maqembu abo, yize ethathwa ngokuthi mancane kuleli ngenxa yokuba nabalandeli abayingcosana.
Echaza ngesinqumo sakhe sokusayina inkontileka entsha ku-Ajax, uMobara uthe ubona leli qembu laseKapa kuyilona elingaba yisitebhisi esikahle sokuthi aye phesheya. “Ngibona sengathi yisiqalo sendlela eya empumelelweni,” usho kanje. “Bekumele ngithathe isinqumo esizongenza umdlali ongcono, enkundleni nangaphandle kwayo. Sengibheke ukuya e-Europe njengamanje, ukuze ngifike ezingeni okungakaze kufike muntu kulo phambilini.
“Ukusayina ku-Ajax yisinqumo esikhulu esizoba nomthelela ngokuthi ngibhekephi nempilo yami. Yiyona eyisitebhisi esihle sokuya phesheya, okuyinto engifisa ukuyenza maduze,” kuchaza lo mdlali.
Akubona laba badlali kuphela abathathe izinqumo ezishiye abaningi bekhexile, noThabo Mnyamane we-University of Pretoria unqume ukuhlala kuyo kunokuya ku-Pirates ebimfuna. Nomgadli obeku-Black Aces, uMabhuti Khenyeza, uqome “ukubuyela ekhaya” ku-Lamontville Golden Arrows edlala ku-National First Division (NFD) yize bekunamaqembu amakhulu abemfuna.
Phambilini, uSibusiso “Villa” Vilakazi, wanquma ukuhlala ku-BidVest Wits ekuqaleni kwesizini yize Amakhosi neSandawana bebemeshela.