Uthi uzobaqapha ngelokhozi abeMercedes uVerstappen



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umshayeli wezimoto zeFormula One (F1) ngaphansi kweRedbull Racing uMax Verstappen, uthi uyazi ukuthi abashayeli beMercedes bazoya emjahweni olandelayo befuna nakanjani ukunqoba.
Umjaho olandelayo owe-Azerbaijan Grand Prix, uzokuba ngeSonto eBaku City Circuit ngelesi-2 ntambama.
UVerstappen usho lokhu ngoba uyena ogcine enqoba umjaho wokugcina iMonaco Grand Prix eyabe imhla zingama-23 kuNdasa. “IMonaco Grand Prix yaba impelasonto enhle kakhulu kimina, iqiniso ukuthi ukunqoba kwami kwaba into enhle kakhulu kumina. Kuhlezi kujabulisa ukuba ngaphambili kukaHamilton, iqiniso lithi uyena umuntu ohamba phambili kulo mdlalo,” kusho uVerstappen.
Uqhube wathi: “Ngilindele ukuthi iMercedes ibuye ngamandla eBaku, iqiniso ayikaze ingivume neze. Angikaze neze ngizithole ngiphambili eBaku, lokhu ngibona ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ngikushintshe.”
I-Azerbaijan Grand Prix isidlale iminyaka emithathu kuphela, ngonyaka wezi-2017, owezi-2018 nangowezi-2019. Abashayeli okuyibo abanqobile kule minyaka uDaniel Ricciardo oshayela iRed Bull Racing, uHamilton noValtteri Bottas abashayela ngaphansi kwaMercedes.
UVerstappen indawo enhle kuyena aseke aphuma kuyona eyesine. Uthe ufuna ukuthi manje kushintshe lokhu.
“Kuyajabulisa ukuthi sisembangweni wokunqoba isizini yakulo nyaka. Siyiqale kahle isizini njengoba singaphezulu kweMercedes. Okumele sikwenze ukuthi siqhubeke nokwenza kahle, kumele lokho ngikwenze ngeSonto ukuthi ngilwele ukunqoba,” kusho uVerstappen.
Yize uVerstappen engakaze abe phambili kuPodium eBaku kodwa umlingani wakhe eqenjini uSergio Perez unerekhodi elihle, njengoba ephume kabili phambili kuyona iPodium.
IPodium ilapho kusuke kulungiselelwa lo mjaho, kubhekwa ukuthi ubani ozoqala ngeSonto ehlezi phambili. Lokho kuyinto enika amathuba amaningi lowo mshayeli ophambili ukuthi anqobe umjaho.
“Ngiyilangazelele kakhulu i-Azerbaijan Grand Prix. Okumele sikwenze siyiqembu leRed Bull Racing ukuthi sibambisane ngoMgqibelo silwele ukuthi sikwazi ukuqala umgwaqo wangeSonto siphambili ukuze lokhu kuzokwazi ukusenza sinqobe lo mjaho. Ukuthi ithina esihamba phambili akusho lutho lokho, kusadlalwe imijaho emihlanu kuphela kusalele imijaho eminingi kabi. Okusihlalele ukubhekisa amakhanda ethu phansi siqhubeke nokusebenza kanzima,” kusho uPerez.
Ngokwezikeliso zezimoto kule sizini, iRed Bull Racing ihamba phambi ngamaphuzu ali-149, kulandele iMercedes ngali-148. Kubashayeli uVerstappen uyena ozihola phambili ngamaphuzu ali-105, alandelwe uHamilton yena onamaphuzu ali-101.