Now Reading
Ishaye utsheko yazininda iKhomishana kaMushwana
Dark Light

Ishaye utsheko yazininda iKhomishana kaMushwana

IKhomishana Yamalungelo Abantu ithi iSILO kasinacala kepha incoma ukuthi asixolise

UMBIKO obewukade ulindelwe usuze waphuma yize kusengowesikhashana. Lona ngumbiko omayelana nophenyo lweKhomishana Yamalungelo Abantu (Human Rights Comission) eholwa ngu-Advocate uLawrence Mushwana omayelana nodlame olwalubhekiswe kwabokufika kuleli.  Obekwenza lo Mbiko ube mqoka hhayi kuphela kuKhomishana kepha nasezweni nje jikelele wukuthi ubuthinta iSILO nebesinukwa ngokuthi inkulumo yaso yagovuza udlame lolu wonke umuntu ayelubabaza.

Ngokombiko odedelwe yiKhomishana ngomhla zingama-30 kuLwezi 2015 akukho ekutholile okungalumbanisa inkulumo yeSILO esayethula oPhongolo mhla ziyi-15 kuNdasa 2015, nodlame olwabe luqhubeka ezingxenyeni ezithize zeTheku nolwaze lwakapakela naseGoli. Nokho khona lapho le Khomishana ibe isincoma ukuba Ongangezwe Lakhe axolise.

IKhomishana ibiyenza lolu phenyo emuva kwezikhalo ngabamangali abangama-31 okuhlanganisa nohlaka olubizwa nge-African Diaspora Forum kanye nabeLawyers for Human Rights. Zombili lezi zinhlangano zizinze eGoli. Kube sekulandela abantu nokho iKhomishana engabagagulanga ngamagama.

Okunye okushiwo yiKhomishana embikweni wayo wukuthi udlame olwabikwa eSiphingo lwaqala ngomhla zingama-30 kuNdasa 2015, okwabe sekwedlule izinsuku ezili-15 iSILO sethule inkulumo yaso oPhongolo. Umbiko uyakuqinisekisa ukuthi kubantu Ongangezwe Lakhe ayekhuluma kubo akekho owake waphakamisa isandla wagadla kwabokufika nokwabe sekuxaka ukuthi pho laba abaseSiphingo bona babekuthathephi ukukhuluma kokuthi Ongangezwe Lakhe uhlomise impi. Ukuphuma kwalo mbiko kuwukuphela kwesiwombe esibe  nzimana eSihlalweni ngoba bekungeyona imfihlo ukuthi lungakwenziwa uphenyo baningi abantu kuleli nangaphandle kwemingcele ebebekuthakasela ukuhudulelwa phansi kwegama leSILO kanye noBukhosi bukaZulu. Nokho okubukeka kumangaze ngisho izitha zoBukhosi wukuthi kunede kwabonakala ukuthi iyaqonga eyabafo, uZulu wabe usubuthana kuNomthebe wakhe yaphetshezwa eyabafo. Lokhu kufakazelwe wukuphumelela kwembizo eyabe isezinkundleni iMoses Mabhida nalapho yabubula khona iNgonyama  kwananela izizwe zonke. Ngaleli langa uZulu uholwa ngaMakhosi ezizwe wananela inkulumo koNgangezwe Lakhe nokwaba wukuphela kwemikhuba ebigilwa eThekwini naseGoli.

Ingcabha isikwabezindaba

Okumangazayo kulolu daba wukuthi imithombo yabezindaba eyabe imile kwelokuthi inkulumo yeSILO yakhonga futhi yokhela udlame kababange besaya esigcawini beyosho ukuthi bamile kulokhu ababekusho.  Sikhuluma emcimbini wokubekwa kweNkosi yesizwe sakwaHlongwa ngaphansi kwesifunda iLembe iSILO sathi ngeqhaza labezindaba kulolu daba: “Ezweni elinjengeNingizimu Afrika, abezindaba bafana nezithunywa ezibika lokho ezikubonayo nezikuzwile ngaleso sikhathi. Lolu wubizo olubalulekile ngoba umuntu obizelwe kulo msebenzi wokubika nokwazisa usethubeni lokufundisa isizwe, abancane nabadala ngokwenzeka ezweni.  Inkinga iqala lapho lowo osuke ethunywe ukwenza lowo msebenzi esenonga ukukhuluma kungabe kusaba yilokho obekwenzeka noma okukhulunyiwe. Esikhundleni sokuthi ubike konke ngeqiniso ukuze abantu bazithathele izinqumo ngokwabo bese wena ukhetha ukwenza umgunyathi ngenhloso yokuphumelelisa imicabango nezifiso zakho. Ngeshwa izakhamuzi zakuleli kula masonto (ngaleso sikhathi) amabili zibe yisisulu salo mgunyathi. Okuyishwa kakhulu wukuthi njengakho konke okungalungile, lo mgunyathi, njengomlilo wequbula ungase ushise izwe kungenasidingo. Lolu hlobo lo mgunyathi ngasohlangothini lwabezindaba asiqali ukulubona lushisa izwe,” kuphetha ISILO.

Kanti nalowo owabe ehhola ithimba leSILO elalixhumana neKhomishana, uMahluleli uJerome Ngwenya ekhuluma esithangamini sabezindaba esasibanjelwe eThekwini wakuveza ngokusobala ukunganeliseki ngemibiko ehlanekezelwe yabezindaba.

“Sifunda ngokukhathazeka konke okungamampunge emaphephandabeni nasezinkundleni zokuxhumana okubhalwe njengamazwi aphinyiswa yiSILO, kube kwaziwa kamhlophe ukuthi kasikaze sikusho lokho. Lawa mazwi angakaze nakanye ashiwo yiSILO anobungozi bokuhlakaza adunge imiphakathi ezweni. Uma sifuna umnyombo wale mibiko eyaphuma ephephandabeni iSolezwe langeSonto lwangosuku lwe-15 kuNdasa 2015, satshelwa yilo iphephandaba ukuthi elalikubhalile kunobufakazi bezwi eliqoshiweyo loNgangezwe Lakhe okwathi uma sibucela kwathiwa singabona amehlo esibungu, ngeke sibunuke. Kwala noma sesibuza ukuthi kunasiqiniseko sini sokuthi okuqoshiwe kuwucaphune ngokuyikho  umyalezo weSILO nalapho sangathola mpendulo. Ngezizathu ezaziwa yibo abamaphephandaba bakhe isithombe sokuthi oNgangezwe Lakhe wayeqondise inkulumo yakhe kwabokufika abangomakhelwane bethu ezwenikazi lase-Afrika. Imibiko yabo esizifundele yona inikeza leso sithombe. Kuyishwa-ke ukuthi ngenxa yokubika budedengu kwabamaphephandaba amathamelangozi asesizakele, aqhuba ubelelesi ngezizathu ezingamanga zokuthi ahlonipha umyalelo kaNgangezwe Lakhe,” kuphetha uMehluleli uNgwenya.

IKhomishana kwabezindaba

Iphawula ngeqhaza labezindaba kulolu daba. IKhomishana ithe yize lokhu (ukuphenya abezindaba) kungekho ngaphansi kwayo kepha izincomo zayo zithi  izinhlaka ezifana nePress Ombudsman kumele ziphenye ukuthi ngabe abamaphephandaba akubika ngokuyikho yini okwashiwo oNgangezwe Lakhe. IKhomishana iphinde yancoma ukuba abe Broadcasting Complaints Commission of  South Africa (BCCSA) bakubheke ukuthi bangalenza yini uphenyo ekuthini ngabe kwabikwa ngokuyikho yini njengoba kulandisa umthetho wezokusakaza. Kube yileso naku-Independent Communications Authority of South Africa (ICASA), nethe iKhomishana kuyomele zonke lezi zinhlaka zenze umbiko zingakapheli izinsuku ezingamashumi amathathu (30) zibe sezethule umbiko ekuthini zizothatha ziphi izinyathelo.

Khona lapho ibe isiphosela abeSouth African National Editors Forum (SANEF) ukuba yedlulisele kuyo izimpendulo ezibhaliweyo mayelana nezinhlelo zeKhomishana zokwedlulisa isikhalo seSILO ngabezindaba ezinhlakeni ezithintekayo.

See Also

Umbiko weBAYEDE uvunywa yiKhomishana noHulumeni

Ngalesi sikhathi wonke umuntu kubandakanya osopolitiki,  abezindaba nabahlaziyi bakhomba umsuka wodlame obhekiswe kwabokufika enkulumweni yeSILO esayenza oPhongolo mhla zili-15 kuNdasa 2015.

Iphephandaba laboHlanga libe ngabokuqala ukuveza isithombe kanjalo nobufakazi obehlukile. Lobu bufakazi yibo obugcine buveze lokho okungaba ngumnyombo wodlame.  Emibikweni wamhla zingama-30 kuMbasa nalowo womhla ziyisi-7 kuNhlaba, IBAYEDE yaveza ubufakazi obuqandula ikhanda ukuthi umdonsiswano wabasebenzi nomqashi esitolo sakwaJeena eSiphingo wakapakela ngaphandle nokwagcina sekube nokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwezakhamizi zakuleli kanye nalabo abavela kwamanye amazwe.  Ngaleso sikhathi abenhlangano yezakhamizi iSANCO kanye nenyunyana iCOSATU bavumelana nombiko weBAYEDE. Nezikhulu zikaHulumeni zabe seziya ukuyozizwela kubaqashi nakubasebenzi ngalokho okwenzekayo.

Akugcinanga lapho ngoba lo mbiko wamukelwa njengeqiniso nakuHulumeni wakuleli kubandakanya noMengameli wezwe, uMhlonishwa, uJacob Zuma. Encwadini yakhe evulekile ayibhalele iphephandaba lesilungu eliphuma kanye ngesonto nalapho ebephendula umbhali waseMozambique uMnu uMia Couto owayegxeka elakuleli ngodlame, uMengameli uZuma uhambe embikweni wephephandaba iBAYEDE lapho akhomba khona umphehli wodlame lwabokufika nabakuleli nolubhebhetheke naseGoli ngumnikazi wesitolo sakwaJeena Warehouse eSiphingo. Ingxenye yencwadi kaMsholozi ifundeka kanje: “Umbiko esiwutholile uveza ukuthi udlame oluqubuke ngesonto eledlule eThekwini lwaba ngenxa yokuziphatha komqashi oxoshe abasebenzi bakuleli lizwe waqasha abokufika kuleli.”

“Ngisho nasemlandweni wezabasebenzi, ukuqashwa kwamagundane yikho okudala udlame ngenxa yokudinwa kwabantu abasuke besesitelekeni. Nathi sihambisana nezinyunyana uma zinxusa abaqashi ukuba bapheze ukweqhatha abasebenzi,” kuqhuba incwadi kaMengameli  uZuma. Lokhu waphinda wakwethula emhlanganweni wamazwe angaphansi kweSADEC owawubanjelwe eZimbabwe nakwi-African Union.  Embikweni wayo iKhomishana iyaluveza udaba lwakwaJeena kanjalo nalokho okwabe sekushiwo ngumphathi walesi sitolo: “Umbono womphathi wakwaJeena Supermarket uthi isiteleka sabasebenzi nodlame olwalandela lapho lwaba ngenxa yeSANCO eyabhebhethekisa okungelona iqiniso ukuthi inkampani yaqasha abokufika kuleli, ixosha abakuleli,” kusho umbiko weKhomishana.   

  • Loludaba lwashicilelwa: 3-10 kuZibandlela 2015
Scroll To Top