ISILO uZwelithini sishiywa ngunina esamphiwa yiziNyandezulu



UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
Yimfihlakalo lena okungelula ukuyihlaziya ngokucabanga komuntu futhi ayiqonde ngokwakhe ngaphandle kokuthi iSihlalo soBukhosi siyisabelo esivela kuMdali ngakho siyazihlela sona ngokwaso. Ngisho ngaphakathi eNdlunkulu akubanga bikho noyedwa owaba nokukuqonda lokhu okwase kwenzeke kuNdlunkulu uGaneba okaMpahleni ukuthi yaguqulwa ngaso leso sikhathi yaba yiNdlovukazi. Yakwazi ukwamukela ngezandla zayo iSikhumba Somhlabathi kaZulu, okuyiSILO uZwelithini. Umhlane wayo wakwazi ukuthwala nokubeletha iNyandezulu yaleli lizwe laMakhosi oHlanga. Nababekubuka lokhu kwenzeka ngemuva kwesiphrofetho sikaMagasela bathula kabaze bayithi vu ngemilomo yabo ngabase bekubona kuzihlaziya khona funa inhloso yesiphrofetho yonakale ngabo.
UMagasela nanxa wayethunywe ngokwemfihlakalo kaMvelinqangi kanye neziNyandezulu zoBukhosi kepha wayekuqonda kahle ukuthi ngokwesiko lesiZulu angeke akwazi ukukusho konke ayethunywe khona nayekuqonda nokwakushiwo kuye ngekusasa lale ngane yezimanga. Wavinjwa waphenduka isimungulu ngaso leso sikhathi ukuze angakwazi ukudalula konke ayethunywe khona ngokwesiphrofetho lapha eNdlunkulu ngenxa yobucayi bodaba ayelunikezwe ngabaphansi. Nalokho akukhulumayo kwamthatha isikhathi eside kakhulu ukukugonyuluka konke enovalo olwalumeleka athule isikhathi esiningana ukukuchaza.
Wayenokwesaba okukhulu kwabona abantu akwethula kubo ebesaba ukuthi isigcino bayokwamukela yini noma bagcine bemjezisa ngokumbulala ukuthi uzoxabanisa iNdlunkulu yeNkosi. Ukhuluma konke lokhu nje inhloso yakhe enkulu athunywe yona ukuba avikele futhi aphephise le ngane yezimanga azobikezela ngokuzalwa kwayo. Kwakufuneka akubeke kucace kuNdlovukazi okaMpahleni ukuthi yini iqhaza lakhe okufanele alibambe ekukhuliseni le ngane enekusasa elehlukileyo kwezinye izingane esezake zazalwa lapha eSigodlweni. Njengoba wayeyisithunywa sabaphansi kwathi uma umbono wakhe usufinyelele kahle kubo abaseNdlunkulu, naye abekusho kubo sebekubhalile phansi encwadini. UMagasela wabe esevaleka umlomo waphenduka isimungulu ngaso leso sikhathi akabe esakwazi ukukhuluma. Wabe esenyamalala eSigodlweni ngaphandle kokwaziwa ukuthi useshonephi. AbaseNdlunkulu bakuqonda ukuthi konke obekuhlosiwe ngaye sekwenzekile kwaphelela. Kwathi ngemuva kwesikhathi sokunyamalala kukaMagasela bathi, kwabe sekufika esinye isithunywa esasingalindelekile eNdlunkulu inkosikazi eyabe iyinhle ngebala layo futhi iyinde yahlala izinsuku ezincane nje lapha eSigodlweni. Kepha yayiqaphelisisa kakhulu indlela le ngane eyayiphathwa yiNdlovukazi okaMpahleni eyayiyinakekela ngayo, okwehlukile kwezinye izingane zalapha eNdlunkulu.
Yase ibuza le nkosikazi ukuthi lithini ngempela izwe ngale ngane. Umbuzo wayo waba ngomunye owawubalulekile kakhulu owawuvela kumimoya ebonisayo, amadlozi akhe ayekhuluma. Kwakubangwe yini ukuthi nayo le nkosikazi ivele eNdlunkulu njengoba kwenzeka kuMagasela. Ingane yase iqanjwa igama ngokuthi nguZwelithini. Okwakuwumbuzo ukuthi ngempela izwe lithini ngale ngane yezimanga. Ngamanye amagama iSILO uZwelithini sathwetshula safakwa esibelethweni seNdlovukazi okaMpahleni saba yingane yeNgonyama uSolomon kanye neNgonyama uBhekuzulu njengokubusa kwazo. Phela iNdlovukazi okaMpahleni yayigane iSilo uSolomon Maphumzana Phumuzuzulu kanti uNdlunkulu uNdwandwe yena wayegane iSilo uBhekuzulu. Ngakho iSILO uZwelithini ngokwenyama sizalwa yiNgonyama uNyangayezizwe Bhekuzulu Cyprian kanti ngokukamoya sizalwa yiNgonyama uMaphumzana Phumuzuzulu Solomon. Kanti neziNdlovukazi ezimzalayo zimbili ngokwenyama uzalwa yiNdlovukazi uJezangani Ndwandwe kanti ngokwabaphansi nokunakekelwa kwayo le ngane izalwa yiNdlovukazi okaMpahleni.
INdlovukazi uNdwandwe kayibazanga ubumnandi bokuzala ikhulise le ngane njengoba kwenzeka kwamanye amakhosikazi. Bathi kwakuthi uma iNdlovukazi uNdwandwe ifuna ukubona le ngane yayo yayiphumela ngaphandle kwegceke leSigodlo saKwaDlamahlahla bayihambisele khona ukuze iyibone. INdlovukazi uNdwandwe ayikwazanga ukuncelisa le ngane yayinceliswa yiNdlovukazi okaMpahleni. Kayikwazanga ukukhahlelwa yizinyawo ezimnandi zale ngane yayo emabeleni ayo uma kwakufanele ilale nayo. Ayikwazanga ukubhodlelwa kwebele layo yile ngane livuvukale uma kufanele incele kulo. YiNdlovukazi okaMpahleni owayeyizwa iqala ukufudumala ayiphuthume ngokuyichatha. Kwakuthi uma ikhala ingakwazi ukusho ukuthi kubuhlungu kuphi kuyo kube yiNdovukazi okaMpahleni owayekuqonda kuqala ukuthi ikhala nje iphethwe yini. INdlovukazi uNdwandwe yehlukaniswa nengane yayo izelwe yaze yakhothama ingakaze ihlale nayo kepha yayiyibona njengesivakashi sayo. Bathi eNdlunkulu kwathi ngemuva kwesikhathi eside ingane seyizelwe isizikhulumela yona kwabonakala uMagasela esetheleka eBukhosini. Bamkhombisa le ngane yakhe yezimanga akaze abaphendula ngoba wayelokhu wavaleka ukukhuluma ngenkathi efike lapha eNdlunkulu. Kuthiwa Kwathi uma enkwankwaza ezama ukukhuluma ejabulela ukubona le ngane yezimanga, ingane ndini yavele yamuzwa kahle nje konke lokho ayekusho yazixoxela naye. Ngangokuthi ingane yagcina sekuyiyo ebatolikelayo kwayekusho kubo. Kwathi uma ngiyibuza iMbube ngixoxa nayo ukuthi ngempela yona yayimuzwa kanjani? Yangiphendula ngokuthi nayo kayazi kepha yayimuzwa kahle nje konke ayekukhuluma futhi imphendule kahle.
Okwaba yisimangaliso esikhulu eNdlunkulu uMagasela wagcina esephimisela izinhlamvu zamagama wakhuluma kwezwakala kusukela ekhuluma nale ngane yakhe eyayimuzwa kahle yona kanti wayefike eSigodlweni engakwazi ukukhuluma. Isibusiso nonkatho olwadla iNdlovukazi okaMpahleni namuhla isizwe sonke siyasibona ukufezeka kwaso ukuba iNgonyama uZwelithini ikhule ize ibe ngaphezulu kweminyaka engamashumi ayisikhombisa nambili okungazange kwenzeke eMakhosini amane ayendulelayo kulesi Sihlalo soBukhosi ehlezi kuso. ISilo uCetshwayo sedlula emhlabeni sisesincane kakhulu. Kanjalo iSilo uDinuzulu naso kwabanjalo. ISilo uSolomon naso kwaba yisona leso. Kwathi iSilo uBhekuzulu esizala iSILO uZwelithini naso samshiya emhlabeni esemncane kakhulu. Ngakho iqiniso lithi iNdlovukazi okaMpahleni nguyena owabusiswa ngaMakhosi oHlanga ngale ngane ukuze kuzinze uBukhosi bakwaZulu.
YiNdlovukazi okaMpahleni owayikhulisayo yaze yathomba, yaqonywa, yaganwa, waze wayibeka eSihlalweni soBukhosi sikaZulu. Yaze yabekwa le ngane yengamela uHulumeni waKwaZulu njengenhloko yawo. INgonyama uZwelithini yathi, kwathi ngelinye ilanga isohambeni lwayo lwaseGoli yashiya iNdlovukazi okaMpahleni eSigodlweni KwaKhethomthandayo iphila. Kwathi ebusuku isilele yaphupha iNdlovukazi okaMpahleni igula kakhulu. Yayibona umphefumulo wayo usuphuma uyishiya. Ithi yambona esehamba egqoke isambatho sakhe sobuYoni. Yaliboniswa nebhokisi lomngcwabo leNdlovukazi okaMpahleni. ISILO sithi kwathi uma siphaphama sethuka kakhulu sakhathazeka saba nobuhlungu obukhulu emoyeni waso ukuthi kazi sekwenzekeni ekhaya. Yashaya ucingo ngaso leso sikhathi ebusuku eSigodlweni KwaKhethomthandayo ibikela uNdlunkulu uDlamini ukuthi nakhu ivuswa yiphupho elibi kakhulu ngeNdlovukazi okaMpahleni ngabe iyaphila yini. Impendulo eyayitholayo yathi sebeyiphuthumise esibhedlela ngoba ibambekile kakhulu.
IMbube yathi yalunqamula uhambo lwayo ingasakwenzanga eyayikuhambele eGoli yaphuthuma ekhaya kwaNongoma. “Ukhule Mntanami Uphile” Kwaba ngamazwi eNdlovukazi uGaneba okaMpahleni okugcina eyawakhuluma.