Now Reading
Omunye umlando waboHlanga usekujuleni kolwandle
Dark Light

Omunye umlando waboHlanga usekujuleni kolwandle

Njalo ngonyaka nangezikhathi ezithile abantu bathutheleka olwandle. Basuke beyophumula, beyozijabulisa nokuyinto enhle. Bakhona abanye abaya olwandle ngenxa yokugcina imikhuba namasiko athize. Lena yindawo (ulwandle) enokuthula kanjalo nolaka. Ukuheleza komoya kuyaqaqa umqondo kwenze uphumule. Kanti kuwo lowo mnyama ulwandle luyaguquka lugubhe amagagasi aphakeme uzwe sekunxuswa abantu ukuba ake baqhele ezindaweni ezithize ukuze kungenzeki umonakalo. Kwabanye ulwandle yikhaya lezilwane nemvelo eyahlukene. Kepha kwaboHlanga ulwandle lungamathuna.

Miningi eminye imikhuba eyagilwa kwaboHlanga njengoba bukhona ubufakazi bokuthi…

Ekujuleni, esiswini solwandle yilapho kulele khona amathambo abafazi, amadoda nezingane zaboHlanga. Ngokocwaningo umgudu wokudlulisa nokuthengisa izigqila owaziwa ngeTrans-Atlatic Trade iwona owawumkhulu ekushushumbiseni abantu selokhu kwathi nhlo. ITrans-Atlantic Slave Trade uhlobo lohwebo olwaqala sekuyophela ikhulunyaka leshumi nesithupha olubandakanya i-Afrika, i-Europe ne-America. Lwakhiwe wuhlelo lokuthenga izigqila e-Afrika zidayiswe kwabamasimu omoba nakagwayi nasemikhiqizweni kagologo neminye, futhi babuye bathengiswa nase-Europe. Lobu bunxantathu bohwebo bagcina kubhalwa ngabo ezinwadini kuthiwa yiTriangular Trade (Davidson, 1985).

Phakathi kwezigidi ezili-10 nezili-15 zama-Afrika ezaphoqwa ukuba zithuthwe zeqe ulwandlekazi i-Atlantic phakathi kowe-1500 nowe-1900. Lezi zinombolo zingaphansi kwaleso sangempela sama-Afrika enziwa izigqila, abulawa noma adingiswa ngenxa yokuthengiswa kwezigqila. Angaphezu kwezigidi ezi-2 ama-Afrika okungama-10% kuya kwangama-15% afa ngesikhathi seMiddle Passage ngale kwe-Atlantic. Amanye ama-15% kuya kwangama-30% afa ngesikhathi sokuya noma sokugcinwa ogwini. Sekukonke, abagama-40 ekhulwini bafa lapha e-Afrika mgesikhathi seMiddle Passage.

Miningi eminye imikhuba eyagilwa kwaboHlanga njengoba bukhona ubufakazi bokuthi iningi labesifazane badlwengulwa ngabathumbi babo. Abanye ababezithwele emkhunjini baphoswa olwandle bona nemibungu yabo. Lesi cishe kwaba yisiwombe esibuhlungu nesingagcinanga ngokwehlukanisa imindeni nemiphakathi kepha sasusa isizukulwane ezwenikazi i-Afrika bayoba yizimba kweminye imihlaba. Izizukulwane zama-Afrika zikhona nje kuwo wonke amagumbi amane omhlaba namuhla, umlando wabo uqala ngezinyembezi zomlando wobugqila.

See Also

Ulwandle ukugubha kwalo, ubuhle nokucwatha kwalo kanjalo nolaka olusuka kulo luxoxa indaba. Indaba yezinyembezi, ukusola uMdali, ukwethuka nokwesaba. Ukucwatha lokhu kuheleze umoya kuqopha khona ukuthi kwabangena kulo bekhala namuhla bathule sebengumoya. Kubo ulwandle abagqitshwa kulo namuhla luyikhaya. Liwukhalo lomzali ongumama abaphumule kulo. Lapha ekujuleni basefasiteleni leZulu bezungezwe yimvelo, enkulu nencane, bezungezwe zitshalo zekhethelo ngoba nabo sebeyilo ikhethelo. Balapha nje imiphefumulo yabo ihambela yonke imihlaba ngoba kubo ulwandle sekwaba yikhaya.
Kanjalo nolaka nezishingishane zolwandle zisamuntu ngoba ngokuzilalela ngokujulile sibona ulaka lwabantu abazibona sebelibalekile. Ngesikhathi iningi lohulumeni nemiphakathi lakha izakhiwo libiya namadlinza njengengxenye yokukhumbula nokuhlonipha umlando, kumbalwa okwenziwayo ukukhumbula isiwombe lapho aboHlanga basuswa khona ezindaweni zabo, bezingelwa njengezilwane bathwala bayothuthukisa iminotho yamanye amazwe.

Ngakho njalo uma usolwandle yazi ukuthi kungenzeka kawuwedwa kepha kuheleza umoya waboHlanga, ama-Afrika akudala asephumule ngaphansi kolwandle. Lelo yifagugu lethu ngoba balele lapha nje bayithi.

Scroll To Top