Now Reading
Owakuleli uKarabo uwancelisa ngempumelelo amawele e-USA
Dark Light

Owakuleli uKarabo uwancelisa ngempumelelo amawele e-USA

Umdlali weqembu lesizwe labesifazane iBanyana Banyana uKarabo Dlamini, ulandela ezinyathelweni zabalingani bakhe kuleli qembu abanjengoNomvula Kgoale, uKaylin Swart, uRobyn Moodaly noJermaine Seoposenwe ngokudlala unobhutshuzwayo ebe eqhuba izifundo enyuvesi yase-United States of America.

Lo mdlali osebenzisa unyawo lwesinxele uyafunda e-University of Northwest Ohio eLima, e-Ohio, e-USA futhi udlala unobhutshuzwayo kulona leli lizwe.

Laba badlali abangenhla baziqedile izifundo zabo khona e-USA ezikhungweni ezahlukene. UKaylin, uRobyn noNomvula kuyimanje badlala kuligi enkulu yabesifazane eNingizimu Afrika   iSafa National Women’s League kanti uJermaine ukweyasePortugal iSC Braga.

UKarabo uma engadlali unobhutshuzwayo usuke esegunjini lokufunda lapho enza iziqu zeBachelor of Business Administration.

“Empeleni, bekufanele ngibe seMichigan University kepha khona baqala ngoNcwaba ngakho-ke ngise-Ohio okwamanje. Ngizodlulela eMichigan ngasekupheleni konyaka. Futhi ngifunda iBachelor of Business Administration okwamanje, kodwa inhloso yami ukwenza izifundo zomthetho ngakho-ke ngikhuluma nabo (eMichigan University) ukubona ukuthi yini engingayikhetha khona, ”kusho uKarabo.

Le ntokazi ukufunda ekubeni idlala unobhutshuzwayo into ebivele iyifisa.

“Ngiyalithanda ibhola futhi imfundo ibaluleke kakhulu. Ukuzenza zombili lezi zinto kujabulisa impela. Inselelo yezemidlalo, ikakhulukazi ibhola labesifazane, ukuthi ngoba asazi ukuthi ikusasa liphetheni ngakho kubalulekile ukuthi uma uthola ithuba lokwenza lokhu engikwenzayo ulibambe ngezandla zombili. Udinga okuthize ozobuyela kukho uma sekuphele izinsuku zakho zokudlala noma uma ukulimala kuqeda umsebenzi wakho ngaphambi kwesikhathi,” kusho le ntokazi.

UKarabo ubelokhu ekhona e-USA kusukela ngoZibandlela. Kulolu hambo lwakhe ubonga umqeqeshi weqembu lesizwe labaneminyaka yobudala engaphansi kweli-17 nabaneminyaka engaphansi kwengama-20, uSimphiwe Dludlu, ngokuthi ehlezi emkhuthaza.

“Umqeqeshi uSimphiwe nguyena olime indima enkulu ekutheni ngifike lapha esengikhona. Wangazisa ukuthi isifiso sakhe kwaba ukuthi aye phesheya ukuyofunda aphinde adlale khona unobhutshuzwayo kodwa iphupho lakhe lagcina lingafezekanga. Ngalokho wabe esezinikela ekutheni asize noma imuphi umdlali onaleli phupho. Ngaba nenhlanhla yokuba naye ngasohlangothini lwami, ngicabanga ukuthi ngidinga ukumbonga kakhulu. Leli ithuba elingandele bani ingakho kumele ngilibambe ngezandla zombili, ” usho kanje.

Efika uKarabo e-Ohio, kwakudingeka ukuthi avalelwe yedwa amasonto amabili ngaphambi kokuba ahlangane nabanye abantu. Uthi wafika ngesikhathi esinzima njengoba kwakubanda ngendlela exakile futhi kuneqhwa.

Uthe isigaba sokuqala sonyaka usifunde kahle kakhulu, yize bekunzima njengoba kumele ahlanganise nonobhutshzuway. Uthe okumsizile ukuthi azenzele isikhathi ukukwazi ukukwenza kokubili lokhu.

Ngenxa yokulandelwa kwemigomo yokhuvethe akakwaznga ukubuya kuleli yize isikhathi esiningi esichitha nalowo owayengumdlali weqembu lesizwe lika-U/17, uShakira O’Malley waseKapa, ofunda kulesi sikhungo.

See Also

“Inhloso bekuwukuza lapha ngifunde ngiphinde ngidlale ibhola yilokho engikwenzayo. Yebo, ngiyakhumbula ekhaya kepha ngikholelwa ukuthi ukuze uphumelele kumele uthathe izinqumo ezinzima. Ezinyangeni ezimbili ezizayo ngizodluliselwa eMichigan, ngiyaliwe ukuthi ngeke ngize ngikwazi ukuvakashela ekhaya ngoba kuzongithatha isikathi ukuthi ngibuye kwazise kuzomele ngingene kumvalelwekhaya. Kodwa ngenxa yobuchwepheshe ngikhuluma nomndeni wami noma inini uma ngithola ithuba, ” usho kanje uKarabo.

Le ntokazi isidlale imidlalo eli-11 kweli-12, umdlalo engawudlalanga kwaba yingenxa yokuthi wayengakavumeleki ukudlala. Uthe indlela adlale ngayo kule midlalo iyamujabulisa kakhulu. Ubedlala kuNational League eqenjini elivikela isicoco iMamelodi Sundowns Ladies.

Uthe iyamjabulisa indlela iligi ehleleke ngakhona, lokhu kuzokwenza iBanyana Banyana yenze kahle kakhulu.

Uqhube wathi  iNational League ikweleta konke iSasol League.

“Kuliqiniso ukuthi iSasol League ibambe elikhulu iqhaza ekwakheni abadlali iBanyana Banyana enabo namuhla. Ngikholwa wukuthi ukube ibingekho iSasol League, belingeke libe khona iqembu lesizwe, ngendlela efanayo, neNational League kufanele ibonge iSasol League okuyiyo ephakela amaqembu abadlali, ” usho kanje.

Ugcine ukudlala kuBanyana Banyana kuCOSAFA Women’s Cup yezi-2019.

Scroll To Top