Now Reading
Abanqobi bazobonakala ekugcineni emazweni amaningi
Dark Light

Abanqobi bazobonakala ekugcineni emazweni amaningi

nguSabelo Maphumulo

Kuzophela ukuqagela kule mpelasonto ukuthi imaphi amaqembu azodliwa izembe nazonqoba amaligi kule sizini kumaligi amakhulu emhlabeni kunobhutshuzwayo.

Emaligini amaningi kwenzeke into engajwayelekile ukuthi umpetha wakulelo lizwe abonakale ngosuku lokugcina. 

Lokhu kuqale ngeledlule kuligi yaseTurkey iTurkish Super Lig lapho umpetha ephume ngosuku lokugcina embangweni obuphakathi kweBesiktas neGalatasaray. 

IBesiktas igcine ibe ngompetha ngomehluko wegoli elilodwa nje kwazise la maqembu abe namaphuzu angama-84.

Izindaba ezibuhlungu ukuthi umlandeli weGalatasaray ushonile ngenxa yokwehluleka kwayo ukunqoba iligi. Kuthiwa lo mlandeli oneminyaka yobudala engama-35 umelwe inhliziyo ebuka umdlalo wezakhe zibhekene neYeni Malatyaspor. 

Kule mpelasonto amaligi azobe ebhekiwe eyaseSpain iSpanish La Liga, iFrench League 1 yaseFrance neyase-Italy iSeria A.

ISpanish La Liga

Umbango kule ligi uphakathi kwezimbangi ezimbili zaseMadrid, i-Atletico Madrid neReal Madrid. Umehluko phakathi kwala maqembu amaphuzu amabili, i-Atletico Madrid inangama-83 kanti iReal Madrid angama-81.

I-Atletico Madrid esibe ngompetha bale ligi kali-10, emdlalweni wayo wokugcina izotholana phezulu neReal Valladolid ehlezi endaweni ye-19 kulogi. IReal Valladolid izofuna nakanjani ukunqoba lo mdlalo kwazise uma ingahlulwa kobe kusho ukudliwa izembe. I-Atletico Madrid igcine ukunqoba iligi ngesizini yangowezi-2013/14.

IReal Madrid yona izotholana phezulu neVillareal ehlezi endaweni yesi-7 kulogi. Leli qembu (iReal Madrid) lizoya kulo mdlalo ngaphandle komdlali walo omqoka uToni Kroos otholakale enokhuvethe. 

See Also

Umqeqeshi we-Atletico Madrid uDiego Simone, ubonge abadlali bakhe abalwe kusukela emdlalweni wokuqala kwaze kwaba isekugcineni.

“Uma singanqoba le ndebe kobe kumele balwe kakhulu, banqoba nomdlalo emqoka. Umdlali engimbonga kakhulu uLuis Suarez, okwazile ukuhlohla amagoli. Nangeledlule sidlala ne-Osasuna ufake igoli elibaluleke kakhulu, ukube akalishayanga ngabe sisendaweni yesibili. Ukufika kwakhe kulethe umehluko omkhulu,” kusho lo mqeqeshi.

IFrench League 1

ILOSC Lille kubukeka isemathubeni amaningi okuvimba iParis Saint-Germain (PSG) ekutheni inqobe iligi okwesi-8 kulandelana. ILille ihlezi esicongweni ngamaphuzu angama-80 kanti iPSG inangama-79.

IPSG esinqobe le ligi kusukela ngesizini yangowezi-2012/13, emdlalweni 

Scroll To Top