Indlela eya e-Europe iqala e-Afrika kuMacron



UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
NgoLwesibili uMengameli waseFrance u-Emmanuel Macron ubenengqungquthela yokufukula umnotho nabaholi base-Afrika. Kule ngqungquthela bekukhona abaholi base-Afrika okubalwa kubo noMengameli waseNingizimu Afrika uCyril Ramaphosa, izikhulu zeminyango emazweni ase-Europe, i-European Union (EU), kanye ne-International Monetary Fund (IMF).
Zonke lezi zinhlaka zizibophezele ekusebenziseni izigidigidi ezili-$100 ukufukula umnotho wase-Afrika okhinyabezwe kakhulu ukhuvethe. Le ngqungquthela ebiseFrance edolobheni iParis ibiyiqhinga likaMacron lokuthola izindlela nezisombululo zokwelekelela i-Afrika njengoba ibhekene nokhuvethe, ukwehla komnotho kanye namandla emali. Ukwenza lokhu ube esemema i-IMF kanye ne-EU.
UMacron ube esesebenzisa le ngqungquthela ukunxenxa amazwe omhlaba ukuthi abuyekeze ubudlelwano bawo ne-Afrika kube ngobuvuna leli zwekazi. Lokhu uthe ukusho ngoba ngokwezibalo zakhe ngowezi-2025 leli lizwe liyobe lidinga okungenani izigidigidi ezingama-$300. Izihambeli zale ngqungquthela zivumelene nangokuthi i-Afrika kumele izikhiqizele ngokwayo umgomo wokhuvethe kanti zithe zizoqinisekisa ukuthi kuyenzeka lokhu ngokuthi ziliphe leli zwekazi ubuchwepheshe bokukhiqiza le migomo kanti zizophinde zilivumele ukuthi likopele imigomo yazo.
Umphathi we-IMF uKristalina Georgieva, ukuqinisekisile ukuthi kulo nyaka le nhlangano izokhipha izigidigidi ezingama-$650 ukwelekelela amazwe axinekile kwezomnotho kanti kule mali i-Afrika izohlomula izigidigidi ezingama-$33.
Izihambeli zale ngqungquthela ziphinde zavumelana ngokuthi izigidigidi ezili-$100 obekumele zitshalwe emazweni angomacaphunakusale sezizotshalwa e-Afrika. IFrance namanye amazwe ase-Europe bathe bazimisele ukuba ngabokuqala ukukhombisa ukuzimisela ukufezekisa lesi sibophezelo sokufukula i-Afrika. I-EU ithe izoncozula esikhwameni sayo esinezigidigidi ezingama-$910 ukwelekelela i-Afrika. Abaholi base-Afrika babonge banconcoza ngalo musa weFrance nabahlobo bayo.
UMengameli waseDemocratic Republic of the Congo (DRC) ophinde abe ngumholi we-African Union (AU) uFelix Tshisekedi, uthe leli ithuba eliyingqayizivele le-Afrika. Uqhubeke wathi ukhuvethe luwukhinyabeze kakhulu umnotho wase-Afrika ngoba wonke amazwe akuleli lizwekazi asekhiphe konke anakho ukunqanda lolu khuvethe osekuphele izinsuku ezevile kwezingama-400 lukhona.
Abaholi base-Afrika babe sebesebenzisa leli thuba lengqungquthela ukuzicelela ku-IMF nakumazwe ase-Europe ukuthi bahoxise ingxenye yezikweletu abazikweletwa amazwe ase-Afrika baphinde banciphise nenzalo ukuze lawa mazwe ezokwazi ukukhula nokutshala imali.
Kulokhu kuzikhalela kuhlomule iSudan njengoba uMacron ememezele ukuthi asisekho isidingo sokuthi leli lizwe libuyise izigidigidi ezinhlanu eyazibolekwa iFrance. Umholi we-EU u-Ursula von der Leyen, umemezele ukuthi baphezu kwezinhlelo zokuvulela uMnyango Wamabhizinisi asakhula e-Afrika emnothweni wase-Europe.
Nakuba kungebona bonke abaholi be-Afrika abebehambele le ngqungquthela kodwa kubonakala uMacron eseyitholile indlela yokungena e-Afrika. Injongo yakhe naye angayifihli ukubuyisa isigqi seFrance ezweni kodwa ikakhulukazi e-Europe.
Kuyanakeka ukuthi ku-EU imibono yakhe ikhaphelwa kalula njengoba sekukaningi eyinxenxa ukuthi iqinise isandla kuRussia, iChina iphinde ichithe neGreece embangweni wayo neTurkey kodwa le nhlangano ikhetha ukusebenzisana nalawa mazwe. Kuwulwazi olungafihliwe ukuthi e-Europe amatomu akumholi weGermany u-Angela Merkel ikakhulukazi ngoba iBritain isahoxa kule nhlangano.
Emuva kweminyaka eli-15 zingama-26 kuMandulo, uMerkel uyaphuma kwesokuhola iGermany kanti ozwakabo bakhomba ukuyixwaya i-EU okuchaza ukuthi ngalesi sikhathi le nhlangano izobe ingasenamholi.
Njengoba uMacron ebheke ukubuyela ihlandla lesibili emuva kokhetho lwangoMbasa ngozayo, kubonakala sengathi usebenzisa i-Afrika ukuhalisa nokuheha ozakwabo ku-EU ukuthi ikuphi okungenzeka uma angase amukelwe njengomholi yize lokhu kungabuye kufundeke njengozungu lokuzixebulela kumnotho we-Afrika.