Amazwe omhlaba abonakala engakakulungeli ukwehlulela i-Israel
UShozi yisifundiswa nombhali wezindaba zesimomazwe, wenza iqhuzu lePHD.
UNdunankulu wakwa-Israel uBenjamin Netanyahu (osesithombeni) ufunga uyagomela ukuthi iHamas izojeza kulandela ukuhlaselana okuqale ngesonto eledlule. Lokhu ukusho nje leli lizwe lilokhu liqhubeke njalo ngokuhlasela ngezikhali zokubhubhisa lapho okuzinze khona iHamas, eGaza. Le nkulumo ibiyindlela yokuziphendulela kunkulumo evela e-United States of America (USA) enxenxa leli lizwe ukuthi linciphise izinga lokuhlasela eGaza kwazise bangaphezu kwekhulu asebefile ngalokhu kuhlasela.
I-Israel ayigcini kuphela ngokuhlasela ngezikhali ezitshuzayo zifinyelele eGaza kodwa isisebenzisa nezindiza ukwenza lokhu. Kunokukhathazeka kokuthi lokhu okwaqala njengomdonsiswano ojwayelekile phakathi kwalezi zinhlaka sekuphenduka impi uqobo lwayo njengoba nayo iHamas nakuba ingenazo izindiza kodwa iqhubeka nokuhlasela ngezikhali ezitshuzayo.
Sekusolakala nokuthi sengathi iqembu elibusa ngokubambisana eLebanon eliphinde libe nohlaka lombutho wezempi iHezbollah seliyingxenye yale mpi njengoba ngoLwesithathu kubekhona ukuhlaselwa ngezikhali zokubhubhisa okuqhamuka enyakatho ye-Israel. Lokhu kuyobe kuchaza ukuthi le mpi isingena kwesinye isigaba njengoba lezi zinhlaka zake zatholana phezulu ngowezi-2006 phakathi kukaNtulikazi noNcwaba lapho khona i-Israel yakhala ngaphansi kodwa kulokhu yakwazi ukugwamanda iqeqebana lomhlaba osenyakatho okuze kube manje iHezbollah ifuna ubuyiswe.
NgoLwesithathu uNetanyahu uvakashele isizinda sombutho wezempi kwa-Israel ukuwuyalela ukuthi awuphokophele phambili ngempi. Umbango phakathi kwe-Israel neHamas waqala zili-10 kule nyanga ngesikhathi iHamas ithumela isexwayiso kuleli lizwe ngokusebenzisa isikhali sokubhubhisa esasiqondiswe eJerusalema kulandela ukuhilizisana phakathi kwababhikishi basePalestine namaphoyisa akwa-Israel imbangela kuwukuxoswa kwabasePalestine ababekhuleka e-Al-Aqsa Mosque okuyisakhiwo esibalulekile kumlando nakunkolo yamaSulumane.
Ngokwe-Israel abasePalestine babengenayo imvumo yokuvakashela lesi sakhiwo. Kulesi sexwayiso seHamas i-Israel yaziphendulela ngokuthumela uxhaxha lwezikhali zokubhubhisa eGaza esekuholele ekufeni kwabantu basePalestine abangama-227 okubalwa kubo izingane ezingama-68 nabesifazane abangama-38 kanti bali-1620 abalimele ngokusho koMnyango Wezempilo eGaza.
IHamas ne-Islamic Jihad sebefelwe ngamalungu angama-20 kanti i-Israel iyakuphika lokhu ithi isibalo kufanele engabe sicelela kwabali-130. Bangama-58 000 asebebalekile emakhaya ePalestine kanti e-Israel kusafe abali-12 kuphela. Ngaphezu kwawowonke lo monakalo, i-Israel ibonakala inokuzigqaja ngokuthi konke kuvuna yona.
Okumangazayo kukhona konke kulokhu ukuthi amazwe omhlaba abonakala engakakulungeli ukwehlulela leli lizwe. Lokhu kuthusa ngoba le mpi isiphenduke umkhankaso kuNetanyahu ozimisele ngokubuyela kwesobuNdunankulu nakuba iqembu lakhe iLikud lingazitholanga izihlalo ezanele eSishayamthetho ukuze likwazi ukusungula uHulumeni kanti namanye amaqembu akhomba ukungazimiseli ukubambisana naleli qembu elinezihlalo ezingama-30 kwezili-120 ukuze kusungulwe uHulumeni.
UNetanyahu wehlulekile ukushela amanye amaqembu ukuthi abambisane naye ukwakha uHulumeni ngesikhathi uMongameli uReuven Rivlin emunika izinsuku ezingama-30 ukuthi enze lokhu, lezi zinsuku ziphelele isikhali zinhlanu kule nyanga.
Izinkomba zithi leli lizwe lizobuyela okhethweni kanti kuyobe kungolwesihlanu eminyakeni emibili. Ukuhlala kwesobuNdunankulu kuyamvikela uNetanyahu njengoba icala lakhe lenkohlakalo selisenkantolo kanti uma isinqumo senkantolo singamvuni simubopha kuphela uma engekho kwesobuNdunankulu.
Ukusebenzisa impi ukunqoba ukhetho okanye ukubambelela ezintanjeni zombuso kuyinto eyenzeka njalo uma kuza izinsuku zokhetho kwa-Israel kanti ngaso sonke isikhathi kuyamsebenzela lokhu. Ngesonto i-Israel ihlasele izakhiwo ebezisetshenziswa abezindaba i-Associated Press (AP) ne-Al Jazeera isola lesi sakhiwo ngokuba yisizinda seHamas. Okusolakalayo ukuthi i-Israel ibizama ukunqanda ukwanda kombono oyehlulelayo obhebhethekiswa yilaba bezindaba njengoba beveza konke okwenzekayo ngesikhathi kwenzeka nomonakalo odalwa ukuhlasela kwe-Israel.
Ngaphezu kwakho konke lokhu amazwe omhlaba ayaqhubeka ngokungenelela kulolu daba ngokuthumela izitatimende ezizwakalisa ukukhathazeka kunokuthi kube khona akwenzayo. I-USA nakuba ithi i-Israel ayinciphise ukuhlasela kodwa ngeledlule uMengameli wayo u-Joseph Biden Jr ukuvezile ukuthi uthatha uhlangothi lwe-Israel kulokhu ebalula ukuthi inelungelo lokuzivikela.
Lokhu kuchaza ukuthi leli lizwe lisazoqhubeka nokuphakela i-Israel ngezikhali. Ngokomlando wezimpi zaseMiddle East, i-European Union (EU) iyona eba yisisulu esikhulu njengoba laba ababaleka lapha bebalekela kuyo i-EU kanti lokhu kuze kwayiphoqa le nhlangano ngokwezi-2015 ukuthi lokhu kuthutheleka kwenzeke ngendlela egunyazekile. Lokhu akubanga nomthelela omuhle kule nhlangano njengoba kwaqubula izigameko zenzondo nokuhlaselana abangowokuzimilela kumazwe angaphandle kwale nhlangano ebakhaphela laba bokufika.
Okuze kube manje iGreece inenkinga yabokufika abasuka eMiddle East abaqoqelwa kuyo njengoba ababethembise ukuthi bazobathatha sebeziqhelelanisa nalokhu kukhuluma okushiya leli lizwe ngaphansi kwenkulu ingcindezi. Nakulokhu kulindeleke ukuthi kube yiyo futhi le nhlangano ezotheleleka ngempi ye-Israel neHamas, kodwa nakuba kunjalo le nhlangano iyikhuluma sakuyihalamuza le ndaba ngaphandle kokusabisa okanye ukuthatha izinqumo eziyinswinyayo i-Israel njengoba yenza kuRussia neChina.
Namazwe akhona eMiddle East ikakhulukazi iSaudi Arabia ne-United Arab Emirates (UAE) abonakala egxeka sakumbambatha ukuziphatha kwe-Israel njengoba ewubalekela umbuzo wokuthi bazowaxosha yini amanxusa e-Israel?