Imindeni yakhiwa ngenhlonipho nangezimfundiso eziqamathekile
UMbhali yiNduna Phumlani kaDoto Mfeka weNJENJE YabeNguni
Isizwe sabeNguni isizwe esasinothe kakhulu endulo, sinothe ngezimfundiso nangosikompilo olwalenza imizi, izigodi kanye nesizwe siphilisane futhi siphilelane.
Imfundiso ethi umuntu ngumuntu ngabantu, iNkosi iyiNkosi ngesizwe, omdala akahloniphe omncane, omncane ahloniphe omdala zonke zazinehloso yokwakha imindeni kanye nesizwe esibumbene. Phezu kwezimfundiso, kunezinto eziwumgogodla wobuNguni okuthi manxa kuphazamiseke zona kucace ukuthi umndeni kanye namalungu awo kawazukubusa emhlabeni nasempilweni ngoba kuphazamiseke umongo wabo. Ukuze yetshiseke kahle le nkulumo, mhlawumbe kumele siyiqale esibongweni okuyiso esiwumongo womuntu nowomndeni wakhe azalwa kuwo. Ngesikhathi sokhokho, ulibo kwakuyinto eyayixoxwa ngabadala kanye nomlando wokwehlukana nokuhlangana kwezindlu kuyinto eyayidluliselwa kwabancane ukuze uzalo lungadukelani. INdlu yoBukhosi besibongo yiyo eyayiklama indima enkulu ekutheni uzalo lungadukelani, zonke izindlu zesibongo zikuqonde ukuthi zingena kanjani kulesi sibongo. Ingqalasizinda yakho konke lokhu kwakuwumsamo wasekhaya okuyiwo oxhumanisa umndeni osemhlabeni nomndeni okweliphakade. IkoMkhulu lesibongo kwakumqoka kakhulu ukuthi owalo umsamo uhlale uhlanzekile futhi uqondile ngoba yiwo owumongo wesibongo sonke okwenza ubemqoka kakhulu kubantu besibongo, ikakhulukazi kulabo abazalwa benikwe izikhwama zobungoma ngoba bona basebenza ngamathongo azalwa yilo ithongo elikhulu lesibongo ngoba yilo elinguKhulukhulu wokhulukhulwane womkhulu besibongo ngoba yibizo lakhe elisetshenziswa njengesibongo.
Le nqubo yabeNguni yokuphila isiNtu nobuNtu kwabenza bakha imibuso emikhulu okwakubuswa kuyo kunethezekiwe, yikho-ke lokhu kubusa kuze kweqe okwadala ukuthi bagcine sebemonazelana bodwa. Lesi sihlava okuthiwa umona saqale sangenisa eZindlini zoBukhosi zabeNguni, ezesende sezidlana zodwa ekubeni abeNguni benayo inqubo yonkatho loBukhosi ukuthola ukuthi yiliphi iwundlu egcekeni eliphiwe ukudla uselwa lwezinkanyamba zoBukhosi. Kwakungageji ukuthi leyo ezohlonzwa ngonkatho impela iyosibusa isizwe ngamandla nangokukhalipha ngoba obe engabusi yedwa obe ebusa nabanikazi boBukhosi. Izimpande ezithakwa noselwa
loBukhosi zivezelwa yena yedwa, kanti uye umukela isikhwama esikhulu soBukhosi. Kepha konke lokhu ngenxa yokunatha umbuso abathize emndenini eziNdlini zoBukhosi bakushaya indiva, babukele phansi indlu eqondene bezibona benamandla kunayo, baqome ukuphehla amanzi amanyama ukuze bephoqe ngenkani amathongo esibongo ukuthi ezwe bona enze intando yabo hhayi yaseZulwini nezophilisa isizwe. Lokhu kuphehlwa kwamanzi amnyama emsamo wekoMkhulu lesibongo kuba nomthelela oyinhlekelele kubantu besibongo jikelele kuphinde kufake umkhokha kuzozonke izindlu zesibongo. Lento ihamba ihambe iphazamise isizukulwane nesizukulwane, abathwala kanzima kakhulu ilaba abazalwa bembethe izikhwama zamaThongo aso isibongo, kubanzima kakhulu kubo ngoba iningi lithwasa liqede bese kuphela kanjalo, kungacaci futhi kungakhombisi nokuthi uthwasile. Kukancane ukuthi uMngoma wesibongo esaphehlelwa amanzi amnyama eNdlini yoBukhosi usibone sithwasisa into eqondile futhi naso sisebenza into eqondile ngoba konakele ithongo elikhulu lesibongo okudala kube nzima ukuthi asebenze ngabantu baleso sibongo, abanye baze basebenze ngezithunywa kuphela okanye amathongo akwesinye isibongo awembethe, sibayeke laba abaqoma ukuqhuba umkhokha wokulanda izinto eziphambene nokuqonda nokulunga basebenze ngazo ngoba nabo basayizisulu zomkhokha wokhokho abadala abaganga beluthwe umona.
Inkinga esikhona namuhla ukuthi bantshesi abantu bakithi ababhekene nezinkinga abangazazi nokuthi bayithathaphi futhi kungani ziqondane nabo. Abantu bakithi iningi labo lubhalwe emehlweni usizi abanye abasazi nokuthi kambe ungumuntu uyaphila, ukudideka kuningi, abanye bazibuza ukuthi kambe emhlabeni wayezokwenzani? Izigameko esifunda ngazo emaphephandabeni ezenzeka emndenini lapha ngaphandle ziyethusa zishaqisa igazi, uzibuze ukuthi kanti ngempela iyoze ikuthole nini ukuthula imindeni yabeNguni uma kunje? Iqiniso lithi imindeni eminingi yabeNguni ihlushekiswa zinhlambuluko zomndeni osadla anhlamvana nokweliphakade.
Imikhuba isiyaphindaphindana izizukulwane zilandelana osekudale inkiyankiya yezinkinga ezibhekene nesizukulwane esiphilayo. Ngenxa yokufika kosikompilo lwaseNtshonalanga nezinkolo zalo, ukubhidlika kwemndeni yabeNguni kwaqhubezeka kakhulu kangoba inqwaba yabantu bakithi kunamuhla kabakwazi ukuhlehla ngolibo lwabo bafike ngisho kukhokho wabo. Lokhu kukwenza kucace ukuthi nomlando womndeni wakubo angeke awazi nezinto ezenzekayo endulo okwenza kube lukhuni kuye ukuthi aqonde konakalaphi, koniwa ngubani, ngobani. Esikhathini samanje iningi labantu ikakhulukazi intsha izalelwa ekhaya komame isebenzise isibongo sakhona ikhule ngaso. Njengami nje engizalelwe ekhaya komame kwaMfeka kepha ekukhuleni kwami kwagogo kwaMaphumulo bekuyisekhaya komame kimi ebese kuthi kwaMfeka kube isekhaya. Ukuzalwa kwami kukodwa impela kunomlando wako njengoba ngazalwa ngenyanga ye-10 kepha leyo eyangelinye ilanga, okwaba yimbangela yokuqala yokujula kwami ngokuziqonda mina, ukuhlaziya ibizo lami likaPhumlani. Ngangizibuza ukuthi kungani leli bizo lanikwa mina futhi ngobani laba okumele baphumule ngokubakhona kwami? Baphumula bekhathazwe yini? Kwangihlupha lokhu eside isikhathi futhi kungikhathaza ukuthi kube sengathi yimi ngedwa okhathelele ukujula kwebizo lakhe. Lokhu kudideka kwami kwaye kwalamulwa ukuthi ngifike esigabeni sokuthwasa.
Ngenhlanhla yeThongo ugobela wami uneminyaka engama-91 wazalwa ngawe-1930, inkambo yami neThongo ingikhulise kakhulu ngokuningi hhayi ngami nengakuzalelwa kuphela kepha nangenhlobo nesigaba somphefumulo wami uqobo. Ngiloba nje, kangididekile ngokuthi ngobani okumele ngihambe emhlabeni bephumulile, kangididekile futhi ukuthi ngubani owayethi abaphumule. Nami uqobo kangisafani, engani sengiyazi ukuthi ngizokwenzani emhlabeni, ngiyazi ukuthi kangeke ngihambe kusasa noma ngaphambi kwakusasa ngoba ngiyazi ngizokwenzani futhi izothatha isikhathi esingakanani, ngibazi nabazalelwe ukuthi silekelelane nabo ukuze amathongo afeze lezi zinhloso zazo, ngamanye amazwi kangisathinti phansi uma ngihamba, kungathi umhlaba uyesaba ukunyathelwa yimi. Lawo ngamandla eNguni eliphapheme kepha iningi labazalelwe ekhaya komame baye babhekane nenkinga yokumbatha iThongo lasekhaya komame njengami, limqhwakele lize limnike nezikhwama zalo, lize limhlunge kwabanye limhlungela ukuthi avuse umuzi walo aphinde alaphe umuzi wonke ngoba libona ukuthi amakhosana asaluthwe imikhokha emidala yokubanga wodwa.
Bavamise ukubhekana nazo zonke izinkinga lezi ngaphandle nangaphakathi emndenini, nakho lokhu ithongo lisuke likwenza ngabomu ukuze baqine bengathambi bakwazi ukumelana nobunzima ngoba manxa sekumele avuse umuzi walo kuyomele akwazi ukumelana nazo zonke izinhlambuluko okumele zenziwe, akwazi ukuqina ngale ndlela yokuthi abaxolele nalabo bomndeni abaphilayo abebemphatha ngesinxele ukuze phela kuzokwazi ukuthi nala mathongo amadala adinga ukuxolelwa ngakwenzayo emndenini akwazi ukuxoleleka. Baningi abangasekho emhlabeni futhi baningi abasekhona olungabafanele uxolo phezu kwezinto asebezenzile emindenini yabo, kepha yize kunjalo kumqoka ukukhumbula ukuthi nabo bazalwa lapha ekhaya, nalapho okulahlwa khona abantu kazange sikhonjiswe kepha noma kulikhuni kangakanani manxa umuntu womndeni esehlambuluka akwenzile noma ngabe kubi kangakanani, manxa leyo nhlambuluko yenziwe ngesiko lasekhaya uthi umthetho kuyophoqa ukuba axolelwe ngoba uma kungenjalo icala liyosala nongaxolanga.
Ukulungiswa kwemindeni yabeNguni yinto ezodinga iqale kwekomkhulu lezibongo, ngalinye ngalinye. IZindlu zoBukhosi zesibongo kumele zihlangane, zibheke izinto eziyimikhokha emibi neletha ukungezwani ububha nenhlupheko ukuze kwenziwe okumele kwenziwe, ivuswe imizi okumele ivuswe yaMakhosi amadala esibongo ukuze kuzoqala kulungele zonke ezinye izindlu zesibongo jikelele. Lokhu kakusiyo neze into elula ngoba inzondo nomona sekwagqisha kakhulu ezinhliziyweni zabanye okwenza kubenzima kwabafisa ukulungisa, lokhu kuyomele kumukelwe ukuthi akusibo bonke abayohlambuluka besaphila, futhi akusibo bonke abayofisa kulunge lutho besaphila. Laba kabakhathalele ukuthi abakwenzayo kuzoba namthelela muni esizukulwaneni ngoba umqondo usuke usaluthwe yimikhokha emidala ngoba phela babesebenzisa imithi ejulile okhokhomkhulu.
Inqobo beNguni ukuthi ukubhidlika kwemindeni endulo kuthwalisa abeNguni kanzima namuhla okuyinto okumele iqale ibhekisiswe yiwowonke umuntu, ayisukumele. Intsha ibhekene nezinkinga yemimoya eyahlukahlukene abangayiqondi kanye nabalaphi abangayiqondi ngoba iningi labelaphi kabayiqedile izigaba zabo, abanye bayazazi ukuthi kunezimpande abangazidlile kepha bayaqhubeka bayona. Lesi sikhathi esikuso sintula ukuba imqondo singavumi ukuthi ifinqane, singavumi futhi ukuphambana nentando yethongo ngoba kungekudala, kukhona okuzophenya inkungu.
UMbhali yiNduna Phumlani kaDoto Mfeka weNJENJE YabeNguni