IZinyandezulu zitomula iNdlovukazi uGanebo ukuba inakekele uMntwana



UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
Umfo kaNqama usalandiswa nguSolwazi waseMatshalini:
“UGaneba lona ngomncane wayehamba nodadewabo abelamayo uGwandula owendela kwaNene emzini waseNjiyiphethe kanye noNomaphalishi naye owagana kwaNene emzini wakwaThanda. ISilo sasuka nalona omncane uGaneba ngoba kuthiwa wayemuhle, emhlophe ngebala.
Wayezithanda kakhulu uMatshinga, engafuni sibi eduze kwakhe, kuhlale kushanelwa. ISilo simukha nje sasikhangwa ubuhle bakhe. Kwakuyintombi uHlabangane inyathela ngabantwana, nawe uzibonela nje ukuthi uphumalanga sikothe woqobo. Wayenomusa ehlala emamatheka ehleka uma efike lapha emzini womtanomnewabo.
Thina sambona sisebancane uma evakashele lapha ekhaya kwaYingaza sisakhe endaweni yaseMakhasaneni. Ubaba uSigubhu owayezalwa umnewabo kaGaneba, wamhlabisa inkomo ubabekazi wakhe. Kwakuthi uma kufike yona iNkosazana uGaneba, umama uMaMthimkhulu ayijabulele kakhulu athi sinenhlanhla namuhla sihanjelwe ngumuntu omkhulu esho ubabekazi uGaneba. Kwakushanelwa igceke kungafuneki sibi ngalezo nsuku kusekhona yena ngoba kwakuyinono neqhathanzipho lokugcina uHlabangane.
Thina baseMatshalini namuhla siyabonga kakhulu ukuthi ubabekazi wethu wayengenayo ingane yomfana kepha uNkulunkulu wamnika indodana eyahlala eSihlalweni soBukhosi sikaZulu. Okusimangalisayo namuhla uma kungena uMntwana lapha endlini, sibona engena nezinyosi esingazazi ukuthi ziqhamuka kuphi ngoba kasize singazibona lapha ekhaya sizethuka ngaye nje. Siyabona ukuthi kuvume yona iNdlovukazi uGaneba uma kuzothintwa igama lakhe namuhla elalingasaziwa kuleli gceke lakubo futhi lingasaphathwa muntu kuleli khaya lakwabo.
INdlovukazi okaMpahleni
Ngubani le Ndlovukazi engaziwa kwaZulu kanti futhi akushiwo lutho ngayo olutheni ngaphakathi eSigodlweni soBukhosi bukaZulu. Yini eyenza ukuba umbhali ophethe usiba kuthi uma eninga ejula ezinzulwini zokucabanga komphefumulo wakhe ayibone le Nkosikazi yeSilo uSolomon ngeso elifihlakeleyo ukuthi yiNdlovukazi lena isibili nesithathu.
INdlovukazi lena yayizalwa ngumnumzane uLwandlelusukamadlwambi Mpahleni Mtshali endaweni yaseMakhasaneni eNtembeni, ngaphansi kwesifundankantolo saseMelmoth.
Igama layo lokuzalwa kwakunguGaneba. Wagana iSilo uSolomon Maphumzana Phumuzuzulu. Kuthiwa wayengumuntu owayengenayo impilo enhle. Wayephathwa isifuba somoya.
UNdlunkulu okaMpahleni kwathi ukugana kwakhe iSilo wazala uMntwana uHelen. Lo mkaNkosi kwathi noma engazalanga ngane yomfana kepha kwatholakala isimanga ukuthi unkatho lokuzalwa kwengane yokuqala yomfana yeSilo uBhekuzulu lwadla yena.
Kwafika eSigodlweni KwaDlamahlahla umphrofethi wenkosikazi okuthiwa wayevela endaweni yakwaNyuswa kepha esebenza eGoli. Ufika lapha eNdlunkulu akalindelwe futhi akaziwa muntu lapha koMkhulu.
Kwathi uma esezethulile base bememukela bemngenisa ngaphakathi eSigodlweni KwaDlamahlahla. Kwathi uma bembuza ukuthi ungubani igama futhi uliqhamukisa kuliphi izwe. Bathi wazethula ngokuthi yena unguMagasela. Wathi ulethe isiphrofetho lapha eNdlunkulu. Wathi kunabafazi beNkosi ababili abakhulelwe. Kepha akaze ehlukanisa ukuthi ingane akhuluma ngayo ngeyani. Bathi wagcizelela ukuthi le ngane kuhle iphathwe kahle isesesiswini sikanina igcinwe inempilo ize izalwe.
Lolu limi ayelukhuluma lokubiza omkaNkosi ngabafazi lwalungaziwa lapha eNdlunkulu. Nanxa kunjalo kepha bamnikeza ithuba lokuba bamlalele kulokho ayezokwethula koMkhulu.
Into eyabethusayo eNdlunkulu ekuzalweni kwale ngane yesiphrofetho kwaba wukuthi yazalwa nguNdlunkulu wesibili ukugana iSilo uBhekuzulu kanti uNdlunkulu wokuqala yena wazala intombazane. Ngamanye amagama abanye bangaphakathi bakubona lokhu okwakuphrofethwa uMagasela njengento engeke ibe yiqiniso. Ngikusho lokhu ngokuthi ngokwesiko lesintu le ngane yesiphrofetho yazalwa endlini yasekhohlwa ngokuma kwezindlu zeSilo uBhekuzulu.
Okumangalisayo wukuthi uyise wayo okuyiSilo esiyizalayo sona kasibanganakho ukudideka kwesasikutshelwe ngumphrofethi. ISilo uBhekuzulu sakukholwa ukuthi le ngane siyinikwe ngabaphansi, ngakho bayithathile bayikhipha ekuzalweni kwayo bayakhela ugange endlini yoVu, esiKhupheni, ukuba izalelwe ukubusa isizwe sikaZulu. Indlu yoVu noma eSikhupheni, indawo lena engcwele ngaphakathi endlini yoBukhosi lapho isilokazana sikhuluma khona nabaphansi sibashisele khona impepho.
Abadala babeyihlonipha le ndlu bayibize kanjalo ukuze ihlale inesithunzi sayo esiyifaneleyo. Ngamanye amagama amakholwa wona ayibiza ngokuthi kuse-althari, noma eladini lapho akhuleka khona exhumana noMdali ongabonwayo.
UNdlunkulu lona okaMpahleni, uHlabangane, isimanga esikhulu kuye kwaba wukuthi le ngane ihlale isemphefumulweni wakhe ngangokuthi kuthiwa wayengavumi ngisho uyise wayo ayibeke isandla ekukhuleni kwayo. Bathi wayevele akhale izinyembezi kube sengathi iSilo sishaya enyameni kuye. INdlovukazi okaMpahleni wayikhulisa ngokukhulu ukuyinakekela le ngane eyifundisa inhlonipho yekhaya endlini yoBukhosi.
Wayifundisa ukuba ikwazi ukuyiphila impilo yaseNdlunkulu ukuba ibe nentobeko kontanga bayo kanye nakubantu ababefika eNdlunkulu. Wayeyifundisa ukuthi ingane kayimmeli umuntu omdala uma ekhuluma nayo futhi kayimubuki ezinhlamvini zamehlo. Ukwenza njalo kuyo kuyisibusiso esikhulu.
INdlovukazi okaMpahleni owayekuqonda kahle konke lokho futhi azi kamhlophe ukuthi leli Wundlu alinikwa ukuba aliphathe yilona elalimiselwe iSihlalo soBukhosi. UMagasela wathi le ngane kumele uma izalwa yamukelwe ngendwangu emhlophe kakhalikhi.
UMphrofethi wayeyaliwe ukuthi futhi uyakulandelwa yifu elamsonga njengemvilophi kwaba sengathi usenkungwini. Kuthiwa kuleyo nkungu eyayimsibekelile elapho endlini kwavela kuye inkosikazi yeSilo egama layo uGaneba, okaMpahleni owayengena endlini lapho ababehlezi khona ngenkathi esabazekela le nsumansumane yomchwayo wamaMboza. UMagasela wasebatshela ukuthi lona ozongena lapha emnyango nguyena oyakuba ngunina nomgcini wale ngane yeNkosi.”