Now Reading
Imibhikisho yaseKenya ngehambisana nokuzwelana nePalestine
Dark Light

Imibhikisho yaseKenya ngehambisana nokuzwelana nePalestine

Amaphoyisa adubule isisi esikhalisa unyembezi ngesikhathi ehlakaza isixuku sabantu abangaphezu kwama-200 abebebhikisha enhlokodolobha yaseKenya iNairobi ngoLwesine bephikisana nokuqhunyiswa kwamabhomu ngabakwa-Israel endaweni yasePalestine, iGaza. Kuboshwe ababhikishi abaningana, ngokusho kwezinkulumo eziphuma kuleli lizwe.  

Imashi iqale ngemuva kwemithandazo ye-Eid esontweni lamaSulumane eliseduze. Ababhikishi bebendizisa amabhena anefulegi lasePalestine  amanye ebhalwe nangamazwi athi: “AbaseKenya bame nePalestine” nokuthi “Inkululeko yethu ayiphelele ngaphandle kweNkululeko yasePalestine – uNelson Mandela”.

“Ngimi nabafowethu nodadewethu ePalestine futhi ngithandaza ubusuku nemini ukuthi odadewethu nabafowethu bathole ukuthula,” kusho umbhikishi uRayan Sheikh.

Kubulawe inqwaba yabantu ezigigabeni zokuhlaselwa ngezomoya kwa-Israel eGaza selokhu kwanda udlame ngoMsombuluko odlule, kwathi abantu abaningi kwa-Israel babulawa wumlilo werokhethi.

“I-Israel yisizwe sokugcina esingaphansi kwesandla sobandlululo emhlabeni,” kusho uBoniface Mwangi, olwa nenkohlakalo kanye namalungelo abantu, ngaphambi nje kokuba amaphoyisa asebenzise isisi esikhalisa unyembezi ukuze kuhlakazeke abamashi.

“Ubandlululo eNingizimu Afrika belungeke luqunjwe phansi ngaphandle kwengcindezi yamazwe omhlaba. Ukuthula kwethu kuthethelela okwenziwa yi-Israel.”

See Also

Abanye abagxeki bezinqubomgomo zakwa-Israel maqondana nabasePalestine, kubalwa neHuman Rights Watch, abayisola ngokuthi yayiyindlela thizeni yobandlululo, uhlelo lwangaphambili lokubusa kwabamhlophe abambalwa eNingizimu Afrika iningi okwakungaboHlanga.

I-Israel iyakwenqaba ukuqhathaniswa kwesenzo sayo nobandlululo eNingizimu Afrika kanye nobandlululo uqobo lwalo.

Scroll To Top