Now Reading
Umqhudelwano omusha welokunqakisana wezikole
Dark Light

Umqhudelwano omusha welokunqakisana wezikole

UMengameli weKwaZulu-Natal Netball uGugu Ngema uncome abeMultichoice ngokuthi basungule umqhudelwano walo mdlalo wezikole.

IMultichoice yethule le ligi ngokusemthethweni ngoLwesibili eFlorida Hoerskool, eGoli, ebizwa ngeDStv Schools Netball Challenge. Lo mqhudelwano uzodlalwa kuzozonke izifundazwe zakuleli.

Inhloso yayo ukugqugquzela intsha yabesifazane ukuthi izibandakanye nalo mdlalo. Lo mqhudelwano uzodlalwa abadlali besifazane abaneminyaka ephakathi kweli-16 kuya kweli-19.

“Lapha KwaZulu-Natal sinekhono eliningi, yize sikwazi ukuthi silithole kodwa kuba nzima ngoba ziningi izindawo futhi nabadlali baningi. Ngibona kuzoba ithuba elihle leli lokukwazi ukuvundulula ikhono elicashile kakhulukazi kubadlali abasebancane,” usho kanje uGugu.

Kwethulwa lo mqhudelwano nje iNdebe YoMhlaba yawo lo mdlalo isisemome kwazise izodlalwa ngonyaka wezi-2023 khona lapha eNingizimu Afrika, eKapa. Lo mqhudelwano uzoqala Phakathi nenyanga uze usongwe ngoNcwaba.

“Badinga ukunconywa abeMultichoice ngokusungula lo mqhudelwano, kusinika ithemba ukuthi lo mdlalo usuzoqala ukuthi usabalale kulo lonke izwe uthole ukunakwa njengeminye iminxa yezemidlalo okubalwa unobhutshuzwayo. Kwazi bani singabona umdlali okanye abadlali abadlale kulo mqhudelwano bethola ithuba lokumela iNingizimu Afrika kuNdebe YoMhlaba. Bayadingeka abadlali abanamava kodwa futhi nabancane bayafuneka,” usho  kanje.

IMultichoice ifike yezwakala kwezemidlalo kuleli njengoba ixhase neligi yakuleli kanobhutshuzwayo yePremier Soccer League (PSL) njengoba isibizwa ngeDStv Premiership.

UJoe Heshu (osesithombeni)wakwaMultichoice ekhuluma nabezindaba kwethulwa lo mqhudelwano uthe, kuyajabulisa ukuba yingxenye yalo mqhudelwano wokuvundulula ikhono.

“Lo mqhudelwano uzosiza kakhulu ekuvundululeni amakhono entsheni yakuleli. Sizoqinisekisa ukuthi udlalwa kuzo zonke izindawo. Uzoqala kuma Inter-School League uye kumaDistrict bese uya kumaRegion,” kusho uHeshu.

See Also

Ngokusho kwakhe uHeshu, uzohlukaniswa izigaba ezimbili ezasemakhaya zizokube zidlala ngaphansi koBuntu Stream bese kuthi ezasemadolobheni zidlale ngaphansi kweBatho Stream.

UMengameli weNetball South Africa (NSA) uCecilia Molokwane, uthe kuphenduleke imithandazo yakhe yeminyaka ngokusungulwa kwalo mqhudelwano.

Ekhuluma ngoLwesibili uthe: “Akekho owayazi ukuthi lolu suku luyofika. Kumina njengomuntu oqale ngokuyidlala iNetball, ngaba umqeqeshi ngase ngaba umphathi wayo, ukusungulwa kwalo mqhudelwano kunginika ithemba lokuthi sizokhonya emhlabeni kulo mdlalo. Ngaphandle kokuba izwe lokuqala ezwenikazi i-Afrika ukusingatha iNdebe YoMhlaba yalo mqhudelwano, sizophinde sibe ngelokuqala ukuwunqoba.” 

Phakathi kwabebehambele ukwethulwa ngokusemthethweni kwalo mqhudelwano kubalwa iPhini likaNgqongqoshe Wezemidlalo kuzwelonke, uNocawe Noncedo noBongiwe Msomi oyinxusa leDStv Schools Netball Challenge ophinde abe ngukaputeni weqembu lesizwe iSpar Proteas.

Scroll To Top