Umnotho wemigidi olumbene nowendawo uyantenga
Minyaka yonke abathandi bobuciko obahlukene bayahlela ukuthi yimuphi umgidi abazowuhambela. Kungaba ngoweJazz, umculo wokholo noma ishashalazi kuyefana.
Lokhu kuhlela kuhambisana nemali yamathikithi okungena, ukulala uma ngabe umgidi loyo usendaweni ekude njengeCape Town International Jazz Festival eba seWestern Cape minyaka yonke noma iNational Arts Festival eyabe yaziwa ngeGrahamtowm Festival.
Ikhona neminye efana nekaCothoza eba sePlayhouse eThekwini, i-AfrikaBurn, i-Afropunk eba seJohannesburg ne-Oppikpppi eba seLimpopo.
Le migidi kayigcini nje ngokuhlomulisa amaciko kepha baningi abanye abathintekayo okubalwa izindawo ezidayisa amathikithi, abagqugquzeli, abenza imisindo njalo njalo. Abanye abantu abazuzayo kuba yizindawo lezo okusuke kubanjelwe kuzo imigidi leyo.
Uma nje kuneMacufe Festival isifundazwe iFree State kanjalo nedolobha ebanjelwe kuyo kusuke kuphithizela ngabantu abaqhamuka kwezinye izindawo, okuyikuthi nomnotho wendawo uyazuza ngezokuvakasha ngalezo zinsuku. Ukhuvethe lukuphazamise konke lokhu njengoba lwenzile nakweminye imikhakha. Ngenxa yalokhu kukhona ukungabaza ukuthi ngabe isimo sizobuyela ngokushesha yini kwesejwayelekile.
Kunokwesaba ukuthi ngisho uHulumeni angawavula amasango kepha ababukeli okuyibo phela abaletha into yokuthenga bayobe besanalowo mdlandla yini wokuhambela imigidi noma bayobe besaba ukuthi umkhuhlane lona ungahle ubadle.