Now Reading
Ozonqoba angahle athathe isicoco seLa Liga phakathi kweBarca ne-Atletico
Dark Light

Ozonqoba angahle athathe isicoco seLa Liga phakathi kweBarca ne-Atletico

Kuzosiphuka izidindi emdlalweni weligi yaseSpain iSpanish La Liga kusasa ntambama phakathi kweFC Barcelona ne-Atletico Madrid.

Lo mdlalo uzoba senkundleni yeFC Barcelona iCamp Nou kanti uzoqala ngele-16:15.

Okuzokwenza lo mdlalo ufane nowamanqamu ukuthi womabili la maqembu asembangweni wokunqoba iligi. Iligi yaseSpain isalelwe imidlalo emine ngaphambi kokuthi isongwe, lokho kusho ukuthi uma elilodwa la lawa maqembu liqhuzuka kuyobe sekulibhedele.

I-Atletico Madrid iyona ezihola phamabili kulogi ngamaphuzu angama-76 emveni kwemidlalo engama-34 kanti iFC Barcelona isendaweni yesithathu ngamaphuzu angama-74 emveni kwemidlalo engama-34.

La maqembu etholene phezulu emdlalweni womlenze wokuqala kwanqoba i-Atletico Madrid ngegoli elilodwa eqandeni elavalelwa phakathi uFerreira Carrasco. 

IFC Barcelona izoya kulo mdlalo ngaphandle komqeqeshi wayo uRonaldo Koeman owathola ikhadi elibomvu ngesikhathi leli qembu lihlulwa iGranada ngoLwesine olwedlule. UKoeman kanye neFC Barcelona lolu daba baluyise enkantolo beyofuna isigwebo sakhe siphele kodwa inkantolo yabachitha.

Elinye iqembu  elisembangweni weligi iReal Madrid yona ehlezi endaweni yesibili kulogi ngamaphuzu nemidlalo okulinganayo neFC Barcelona.

Womathathu la maqembu wonke amasizini ahlezi elwela ukuthi kube khona indebe ayitholayo, kulokhu iligi kuphela aseyibanga. 

NgoLwesithathu iReal Madrid ihlulekile ukwedlulela kowamanqamu we-UEFA Champions League njengoba ihlulwe iqembu lase-England iChelsea FC.

IFC Barcelona yona isinayo inkomishi eyiphethe esandleni kwazise yanqoba indebe yeCopa del Rey ngokuguqisa i-Atletico Bilbao.

Umdlali we-Atletico Madrid uSaul Niguez, uncome uLionel Messi oyisethenjwa seFC Barcelona. “Uma nizobhekana neBarcelona usuke wazi kahle ukuthi ubhekene neqembu elinzima futhi elikhulu, phezu kwalokho inomdlali ohamba phambili emhlabeni okunguMessi. Ungumdlali engimhlonipha kakhulu osekwenze konke kunobhutshuzwayo,” usho kanje.

See Also

Uthe yize emhlonipha kodwa konke lokho kusasa kuzophela.

“Noma umuntu kuthiwa umesaba kangakanani kodwa uma uzobhekana naye uyakhohlwa yilokho nawe uzethembe. Ukuhlulwa kwethu siyazi ukuthi kuzoletha muphi umthelela ingakho nakanjani kumele sinqobe. Okubuhlungu nje ukuthi sayihlula emlenzeni wokuqala iBarcelona, izofuna ukuziphindiselela,” usho kanje.

Ubalule nokuthi babe nesizini enhle ukudla iligi kobe kubafanele ingakho kumele banqobe.

I-Atletico Madrid emva kwalo mdlalo izotholana phezulu neReal Sociaded, i-Osasuna ivale ngeValladolid. IBarcelona yona izosalelwa iLevante, iCelta Vigo ne-Eibar.

Iqembu okubukeka kuyilo elisalelwe imidlalo enzima iReal Madrid njengoba ngeSonto izodlala neSevilla ilandele ngeGranada, i-Atletic Club bese isivala ngeVillareal.

Scroll To Top