Akayizwa eyamaphuzu u-Usman ufuna ukuthela indoda othulini
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuzoba ongaphansi nongaphezulu kutholene uKamaru Usman waseNigeria noJorge Masvidal wase-USA emdlalweni okuliwa kuwona ngawowonke amalunga omzimba, i-Ultimate Fighting Championship (UFC) 261.
Laba bazobe bebanga ibhande leWelterweight World Championship eliphethwe u-Usman kule mpi ezokuba ngeSonto ezintatha eVystar Veteran Memorial Arena, eJackonville.
Ingeyamagqubu le mpi kwazise u-Usman wamthela phansi uMasvidal empini yabo eyayingoNtulikazi nyakenye ibanjelwe e-Abu Dhabi. Kwakubangwa lona leli bhande. U-Usman uthe ngesikhathi ebhekene noMasvidal akalwanga neze kahle. “Angikwenzanga engangifuna ukukwenza, ngangifuna ukumphula zisuka nje. Kwangiphatha kabuhlungu ukuthi ngagcina senginqoba ngencacamezela yesinqumo samajaji. Kulokhu angifuni kube sengathi ngenzelelwe,” kusho u-Usman.
UMasvidal oneminyaka yobudala engama-36, uselwe izimpi ezingama-49 wanqoba ezingama-35 ezili-16 wazinqoba ngeKnockout, wehlulwa kwezili-14. Impi agcina ukuyilwa iyo le eyabe ingoNtulikazi, wagcina ukunqoba ngoLwezi wonyaka wezi-2019 nalapho ahlula khona uNate Diaz wase-United States of America (USA).
U-Usman yena ugcine ukulwa ngoNhlolanja nonyaka lapho ayetholene noGilbert Burns ongowokudabuka eBrazil amshaya ngeKO empini eyayibanjelwe eLas Vegas, eNevanda. Le nsizwa inomlando omuhle njengoba ezimpini ezili-19 isinqobe ezili-18 yehlulwa kweyodwa. Induku yayithola ngonyaka wezi-2013 lapho yayitholene phezulu noJose Caceres.
“Okungikhuthazayo ukuthi ngiya kule mpi ngisanda kulwa, naleyo mpi ngayinqoba kalula. Kuzoba nzima khona ngoba uMasdival uze kule mpi ngokuthi uzoziphindiselela, yona impi izoba mnandi kakhulu,” kusho u-Usman.
UMasvidal uthe ngeke akhuluma kakhulu kodwa uzonqoba noma ikanjani.
“Ukuthi kade ngagcina ukuba seringini akusho ukuthi ngeke ngakwazi ukunqoba, kuyangijabulisa ukuthola impinda. Okumele ngikwenze ukunqoba nje kuphela,” usho kanje uMasvidal.
UDaniel Ryan Cormier owayelwa ngaphansi kwayo i-UFC, waba ngumpetha weLight Heavweight neHeavyweight uthe le mpi izoba ngemnandi. “Uma kukhulunywa ngomuntu ongahlula u-Usman uyena uMasdival, kule mpi kuzoliwa ngempela. Akekho ozovele anqobe kakula, amajaji iwona azoqhamuka nesinqumo. Le mpi ingeyamagqubu, okubuhlungu nje ukuthi oyedwa wabo unesikhathi agcina ukulwa kodwa lokho akusho lutho,” kusho uCormier.
Ezinye izimpi ze-UFC ezizondlalela enkulu ziqhathwe kanje:
- UZhan Weili noRose Namajunas bazobanga ibhande leStrawweight Championship
- UValentina Shevchenko noJessica Andrade bebanga ibhande leFlyweight Championship
- U-Uriah Hall noChris Weidman abalwa esisindweni seMiddleweight
- U-Anthony Smith noJimmy Crute bona abalwa esisindweni iLight Heavyweight.

