Now Reading
Ngeke kuphuphuthwe kude kozodla umhlanganiso kowonyaka
Dark Light

Ngeke kuphuphuthwe kude kozodla umhlanganiso kowonyaka

Bakhona abadlali nabaqeqeshi bamaqembu aKwaZulu-Natal okubhekwe ukuthi bakhale bemuke nezindondo ekupheleni kwale sizini ebidle ngokukhanga nokuhlabahlosa


Kwathi uma kuqala isizini yangonyaka wezi-2020/21 yeDStv Premiership ngasho ngathi izoba engasoze yakhohlakala emlandweni kanobhutshuzwayo eNingizimu Afrika.

Okwakwenza ngisho lokho ukuthi  ngangibona indlela amaqembu ayethenga ngayo abadlali  nezinguquko ezazenziwa amaqembu okubalwa nokuqashwa kwabaqeqeshi abasha.

Yize ingakapheli isizini njengoba amaqembu cishe esasalelwe imidlalo emihlanu amanye emine kodwa ngokwami sengibabonile abadlali abangase baqokwe ukubanga indondo yeFootballer of the Season. 

Ngesizini edlule lo mklomelo wemuke nomdlali weMamelodi Sundowns  uThemba “Mshishi” Zwane kanti yiwo obhekwa kakhulu uma kuphela isizini kwazise ingenkulu eminxeni esuke ikhona.

UZwane ungomunye wabadlali engibabalayo ohlwini lwalabo engibabona bengase badle umhlanganiso kulo munxa. Ngeke ngamshiya ngaphandle uzakwabo kuSundowns uPeter Shalulile ongagayelwe mphako kulezi zinsuku. Uma ungabuza izitobha ze-Orlando Pirates zingakutshela kahle ukuthi zimusaba kabi lo mdlali.

UZwane noShalulile kuyimanje banamagoli ayisi-8 ngokwahlukana kuDStv Premiership kuphela. UShalulile akagcini ngokushaya igoli kodwa ubuye awakhande njengoba esesize kwayisi-6.

Omunye umdlali engimubonayo uMduduzi Mdatshane oyihlikihla kuCape Town City. Lo mdlali oke wafunwa uthuli iKazier Chiefs udlale kahle kakhulu njengoba eze wakwazi ukuthi ashaye amagoli ayisi-8 ekubeni edlala esiswini.

Isitobha seLamontville Golden Arrows uNkosinathi “Bhodlela” Sibisi, ngisichoma uphaphe lwegwalagwala. Ngingasho ngaphandle kokungangabazi ngithi Abafana Bes’thende balapho abakhona nje usebenze umsebenzi omuhle kakhulu. 

Angimangali uma ngizwa amahemuhemu athi kungenzeka ngesizini ezayo adlubhe ijezi lamaBrazillians (iSundowns). 

UThabiso Kutumela weMaritzburg United kule sizini utshengisile ukuthi kungani engukaputeni waleli qembu laseMphithi. Kuyimanje lo mgadli oke wagijima kuPirates usevalele phakathi amagoli ali-11. 

Ngeke nangengozi ngabashiya ngaphandle abadlali ba-AmaZulu FC uSiyethemba Sithebe no-Augustine Mulenga. 

Nginenhlanhla yokuthi imidlalo yoSuthu eminingi ngiyibukile ngababona laba badlali belidlalela kakhulu iqembu labo. Yize iqembu lonke lidlale kahle kodwa laba bobabili bangenzele into yamehlo. Kunobhutshuzwayo kuhlezi kunezinto ezethusayo ezenzekayo, kodwa kuyongethusa kakhulu uma kungaqokwa noyedwa kulaba badlali ukudla indondo yeFootballer of the Season.

UMulenga kuyimanje uzihola phambili kubadlali abakhande amagoli amaningi. Kulona uSuthu, omunye umdlali obe nesizini enhle uMakhehleni Makhaula, emidlalweni eminingi uqokwe njengomdlali ovelele uma kudlala ezakhe. 

See Also

Ngeledlule uSuthu lubhekene nomkhaya balo iLamontville Golden Arrows uyena obe umdlali wosuku.

Ngaphandle kwendondo yeFootballer of the Season kukhona lapho engibona abadlali abathize nabaqeqeshi beqokwa.

Kubadlali abasebancane ngokweminyaka yobudala engibabona besemathubeni okuqokelwa emunxeni weYoung Player of the Season kule sizini, ngibona unozinti weLamontville Golden Arrows uSfiso Mlungwana okunguye kuphela osavimbe cishe yonke imidlalo kule sizini, udlale kahle kakhulu. 

Abanye uSipho Mbule weSuperSport United, uThabani Zuke oku-Arrows, uNkosingiphile Ngcobo weKaizer Chiefs, uLeletu Skelem weStellenbosch FC noBongokuhle Hlongwane weMaritzburg United.

Kubaqeqeshi ngaphandle kokungabaza nginganika oyedwa phakathi kukaMandla Ncikazi oqeqesha i-Arrows noma owoSuthu uBenni McCarthy. Laba baqeqeshi abasebancane bazifake emlandweni ongasoze wakhohlakala kunobhutshuzwayo kuleli. Kakhulukazi uMcCarthy usethubeni elikhulu lokwenza  AmaZulu FC adlale umqhudelwano wase-Afrika. Ngaphandle kwalokho ubani obazi ukuthi leli qembu lingaba sembangweni wokunqoba iligi ekubeni lihlezi lisenkingeni yokuvika izembe.

Ngiyawabongela AmaZulu FC ekutheni akwazi ukunqoba iQ3.

Scroll To Top