Now Reading
Isifiso sokudlalisa kweyomhlaba simgqugquzela ekuzibambeni ziqine
Dark Light

Isifiso sokudlalisa kweyomhlaba simgqugquzela ekuzibambeni ziqine

Unyaka wezi-2023 omunye umuntu engawubuka ukude kodwa insizwa yaseMgungundlovu, iwubona useduze ingakho ifuna ukusebenza kanzima kulesi sikhathi esisele ngaphambi kokuthi ufike.

Ngalo nyaka iNingizimu Afrika izobe isingethe umqhudelwano weNdebe YoMhlaba.

Yonke imidlalo yalo mqhudelwano izodlalelwa eCape Town.

Igama lale nsizwa nguQhawe Lwazwi Mncwabe, engu-Umpire emdlalweni webhola lo mnqakiswano. Omunye uzobuza ukuthi ngabe yini umsebenzi ka “Umpire”? umsebenzi ka-Umpire ungawufanisa nowonompempe kweminye iminxa yezemidlalo efana nonobhutshuzwayo.

“Ngabe unamanga umuntu owu-Umpire ongathi akafisi ukuthi athole ithuba lokudlalisa umqhudelwano weNdebe YoMhlaba. Lesi esinye sezifiso zami ezinkulu. Ingakho ngisebenza ngokukhulu ukuzikhandla ukufeza lelo phupho. Ngikholwa ukuthi isona sikhathi sokuthi ngivuke ngizithathe, ngoba kuningi okumele ngikwenzile uma ngifuna ukufeza leli phupho,” kusho uQhawe.

Le nsizwa eneminyaka yobudala engama-28 yenze amabanga aphansi eBerg Street Primary, kwathi amabanga aphezulu yawenza eWoodlands Secondary yabe isidlulela e-University of KwaZulu Natal (UKZN) naseDurban University of Technology (DUT).

Yazise elaboHlanga ukuthi yaqala ukuzibandakanya nalo mdlalo isencane kakhulu, kodwa yabe isiqala ukuthi izinikele kuwona ngonyaka wezi-2011. Ithe okuyikho okwenza yagxila kakhulu kulo mdlalo kwaba uthando, yazibona ukuthi uma isenkundleni isekhayeni layo lesibili.

Ibuzwa le nsizwa ngezinqinamba ehlangabezane nazo njengoba ingu-Umpire nje ithe: “Ziningi kakhulu ilokho engingakusho. Kodwa engicabanga ukuthi inkulu kakhulu ukungayitholi imali, uze uyithole uma udlalisa imiqhudelwano ethize nakhona okuyinto engenzeki njalo ukuthi kube khona imiqhudelwano. Okunye ugcine udlalisa imidlalo eminingi, nokuyinto egqilazayo.” 

UQhawe ubonga ikakhulukazi umndeni ngokuthi uhlezi umeseka kukhona konke, kanye nozakwabo anabo  kulo mdlalo. 

Uphinde wabonga nabeluleki bakhe uNks uT Mlotshwa noMnu u-A Khumalo.

Emasontweni amathathu edlule wanqoba enye yezindondo ezinkulu kuma KZN Netball Awards emcimbini owabe ubanjelwe eCoastlands Hotel, eMusgrave, eThekwini.

Ngokunqoba le ndondo uthe: “Ukunqoba kwami le ndondo kwaba intokozo enkulu kumina, kwakuyifakazela le nkulumo ethi ukusebenza kanzima kuletha imivuzo emihle. Kwaba buhlungu nje ukuthi angikwazanga ukuba khona kulowo mcimbi ukuthi ngizwe umuzwa wokuthatha indondo engiyisebenzele kanzima phambi kozakwethu.”

See Also

Abanye abathola izindondo ezinkulu kulobo busuku kwaba uDanelle van der Linde eyeSportswoman of the Year, uPercy Thabethe eyeSportsman of the Year kanye noMagda Du Plessis owathola eyaCoach of the Year.

UQhawe udlalise imiqhudelwano eminingi okubalwa i-All Ages National School Tournament, iNational Males Championships, neSpar National Championships.

Uthe ufisa ukuqhubeka nezifundo zakhe, enyuse izinga ekubeni ngu-Umpire, bese ekwazi ukuziqeqeshela abakhe o-Umpire abazogila izimanga. Okukhulu ukuthi adlalise iNdebe YoMhlaba nomqhudelwano iTelkom Netball League (TNL).

Manje usebenza ngokufunda umsebenzi eDUT emahhovisi ezemidlalo abuye aziphilise ngokuba ngumhleli wemicimbi.

Akathathi amashansi ekuphatheni imidlalo kodwa ukufundele ukuba ngu-Umpire nasemabhukwini akwaNetball South Africa (NSA) uyaziwa njengoba eneziqu zika Level 3.

Scroll To Top