Izinhlelo eziphuthumayo zokutakula umphakathi woMdoni



UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
UMasipala uMdoni sewuqhamuke nohlelo oluphuthumayo okuhloswe ngalo ukuxazulula ngokushesha izinkinga ezimayelana nokuhanjiswa kwezidingo emphakathini ongaphansi kwawo.
Kubikwa ukuthi lolu hlelo olwethulwe uMasipala wendawo ngokubambisana nowesiFunda Ugu ludle imali engaphezu kwezigidi ezingama-R50.
IMeya yoMkhandlu uMdoni uSibongile Khathi, obekumqoka ukuthi iveze ukuthi le mali isivelaphi ngoba ngenkathi ithatha izintambo nyakenye yaveza ukuthi lo Masipala awusenayo imali, ithe: “NgoLwezi nyakenye besinohlelo lokuhambela imiphakathi sibheka ukuthi ngabe sisahamba ngohlelo umphakathi owawusiyalele ngalo, sibe sesithola ukuthi kukhona okungahambi kahle futhi ziningi kakhulu izinkinga eziphakanyisiwe okubalwa imigwaqo, ukunakekelwa kwamalambu emgwaqeni, imigodi emgwaqeni kanye nemigwaqo yasemakhaya engekho esimweni esifanele ukusetshenziswa umphakathi nezimoto.”
Ithe babe sebengqumuza njengoMkhandlu babheka ukuthi bangangenelela kanjani ezinkingeni ezibhekene nomphakathi. IMeya iveze ukuthi babe sebethola ukuthi ngokwemali abayilondolozile uMasipala ungakwazi ukuphila uma kuthathwa kuyona ukuze kusheshiswe ukuxazululwa kwezinkinga ezibhekene nomphakathi ezifana nokuhanjiswa kwentuthuko emphakathini kanye nengqalasizinda.
Njengoba bekunamalungu omphakathi abengathokozile abegovuza amanye ekhala ngokugqoza kwentuthuko, ibuzwa iMeya ukuthi ngabe sebekwazile yini ukuxoxisana nawo ngalokhu, ithe: “Kuneqembu elizibiza nge-uMdoni Action Group eselinesikhashana likhona. Ngithe uma ngingena ngoLwezi nyakenye ngiphathiswa ukuthi ake ngibambe njengenhloko yepolitiki yoMkhandlu sibe sesibuka izinto abakhala ngazo sabona ukuthi ziyangena ezintweni ezisezinhlelweni esinazo nesizozethula sibe sesiqala izingxoxo nabo ngenkathi sibuya kuzimbizo ebezikhona ngoLwezi kanye nekomiti labo, bazethula izikhalazo ezizwakalayo ngoba bafuna intuthuko. Sithe sesilwenza uhlelo sakwazi ukuthi sizifake izikhalo zabo ngoba nabo bebesakhala ngemigodi emgwaqeni, imgwaqo yasemakhaya engekho esimweni, amalambu omgwaqo angakhanyi, ukuqoqwa kwemfucuza, nokuhlanzwa kwezindawo zokubhukuda.”
Iphendula ukuthi omunye umuntu angathi sebephuthuma kanjena nje ingoba benza amaqhinga okuthi baqokwe njengoba sekubhekwe okhethweni loHulumeni Basekhaya ngoMfumfu, ithe: “Ekusebenzeni kukaMasipala uhlelo lokuya emphakathini alulusha, amakhansela aseMdoni ayakwenza ngoba ayayibamba imihlangano yomphakathi okuwuhlelo olumqoka lokuxhumana nomphakathi esesikwenzile kanjalo nesikwenzayo. Lolu akusilona uhlelo olusha kanjalo namaqhingasu okuhanjiswa kwezinsiza emphakathini siqale zivele zikhona izinhlelo eziqhubekayo kanjalo nemisebenzi ezoqala eminye esesigabeni sokuba iqale. Singenelele ngalolu hlelo ukuze sisheshise lapho sisalele khona, akusiyona into entsha le esiyenzayo. Nakho ukuxhumana nomphakathi akusiyona into entsha namakhansela ayaqhubeka nemiphakathi.”
IMeya uKhathi ithe sekuzophela unyaka odlule uMkhandlu uthathe isinqumo sokumisa iMeneja yawo ebibekwe izinsolo ezithile nokuthe sekuqalwa uhlelo lokuqondiswa kwezigwegwe yafaka incwadi yokwesula emsebenzini.
“Sesiwukhangisile umsebenzi njengamanje sisezinhlelweni zokuqoka abazoya kunhlolokhono ukuze sikwazi ukuqasha nokuyinto engenzeka kuwona uNhlaba kodwa uma siphunyukwe isikhathi kungaba uNhlangulana kodwa angiboni kungaba ngale kukaNhlangulana ngoba umsebenzi wethu esesiwenzile sewuhambile impela,” kuphetha iMeya.