Isiphakamiso sokunyusa amaholo ezisebenzini zikaHulumeni
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umfelandawonye wezisebenzi iCongress of South African Trade Unions (COSATU), uthi unethemba lokuthi uHulumeni uzobuye uxoxe kabusha nezinyunyana ngesiphakamiso samaholo ezisebenzi zawo.
Izinyunyana nabamele uHulumeni bebehlangane kuBargaining Council ngoLwesibili kulandela isicelo somhlangano sikaHulumeni emveni komnqamulajuqu wesonto eledlule mayelana nezingxoxo zamaholo kulo nyaka.
Izisebenzi zifuna ukwenyuselwa amaholo ngamaphesenti ayisikhombisa, njengoba phambilini uHulumeni wayethembise ukungawenyusi.
Ohola izingxoxo emele iCOSATU uMnu uMugwena Maluleke uthe: “Sikholwa wukuthi uHulumeni unesibopho sokuvuselela lesi siphakamiso futhi ubone ukuthi singakwazi yini ukufinyelela esivumelwaneni ngakho. Kuzoba kuhle kuwo wonke umuntu ngoba esikufunayo wukuthuthuka ezimweni zokusebenza kwezisebenzi zikaHulumeni. Sizokwenza konke, sizinwaya amakhanda futhi sicabange ngaphandle kwebhokisi ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi sihlanganisela okuthile okuzotholwa yizisebenzi zikaHulumeni. ”
Izisebenzi zikaMasipala zimisiwe kulandela isiteleka sangoNdasa
Kumiswe izisebenzi ezili-15 zikaMasipala iNdwedwe, enyakatho yeTheku kulandela isiteleka sangoNdasa.
Phakathi kokunye, izisebenzi bezifuna indawo yehhovisi nesibonelelo semoto sezisebenzi ezisebenzela ngaphandle.
IMeneja kaMasipala uMnu uMusa Hadebe, ithe uMkhandlu wenza uphenyo ngaphambi kokufinyelela esinqumweni sokuthi kumele kuthathwe izinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe.
Ithe lokhu kumiswa akuzange kuthinte ukusebenza kukaMasipala.
“Kodwa-ke siwuMasipala sikwazile ukwakha amahhovisi ekubhekaneni nodaba lwendawo yamahhovisi futhi sisezingxoxweni nezisebenzi ngokuzama ukuzeluleka ukuthi zingathathi imali yesibonelelo sezimoto. Njengamanje uMasipala uhlinzeka izisebenzi ngezimoto ezifanele indawo okubandakanya ukukhuphuka izintaba.”