Now Reading
Iyavuthwa eyokubuyela okhethweni uNetanyahu eqiwa usuku
Dark Light

Iyavuthwa eyokubuyela okhethweni uNetanyahu eqiwa usuku

Seludlulile usuku obelubekelwe uNdunankulu wakwa-Israeli uBenjamin Netanyahu lokusungula uHulumeni omusha. ULwesibili bekuwusuku lokugcina ezinsukwini ezingama-30 uMengameli uReuven Rivlin azinika uNetanyahu ukuthi asungule uHulumeni omusha. Lokhu kwenzeka nje yingoba alikho iqembu elathola izihlalo ezanele okhethweni lwangoNdasa ukusungula uHulumeni. Yize lokhu kwejwayelekile kuleli lizwe kodwa umehluko kulokhu ukuthi alisekho elisazimisele ukusebenzisana nelikaNetanyahu iLikud. 

Leli lizwe selibe nokhetho kane eminyakeni emibili imbangela kuwukunqamuka kobudlelwano phakathi kweLikud namanye amaqembu esuke ibambisene nawo. Ekuqapheleni ukuthi iLikud okuyiyo eyathola izihlalo eziningi eSishayamthetho isiwumgodi onganukwanja uRivlin wasebenzisa amandla akhe njengoMengameli ukuyalela uNetanyahu ukuthi asungule uHulumeni ezinsukwini ezingama-30. Okwamucacela uRivlin ukuthi nakuba esenyamanambana uNetanyahu kodwa angeke kwaba khona uHulumeni ngaphandle kwakhe njengoba iqembu lakhe lathola izihlalo ezili-30. 

Le nkinga isibuyele ezandleni zakhe uRivlin osevele usekubalulile ukuthi usekhulumile nawo wonke amaqembu ali-13 athola izihlalo eSishayamthetho ukuthi axoxisane ukuze kusungulwe uHulumeni ngoba leli lizwe libhekana noxhaxha lwezinkinga nje alinaHulumeni ogunyaziwe. 

Leli lizwe linukwe inhlangano ebhekelela amalungelo abantu iHuman Rights Watch (HRW) ngesonto eledlule elifanisa noHulumeni wengcindezelo waseNingizimu Afrika ngendlela eliphatha ngayo amaSulumane angowokudabuka ePalestine eyahlwithwa yiyo i-Israel umhlaba njengoba isisele neziqeshana ezimbili iGaza neWest Bank. 

Ngalo futhi isonto eledlule kube nesinyokotho esibulale abangama-45 eJerusalem kumbungazo obalulekile enkolweni yobuJuda. Ngaphezu kwalokhu leli lizwe lisolwa ngokuzama ukuvimbela ukhetho lwasePalestine okumele lube zingama-22 kule nyanga. 

Okunye, leli lizwe lisolwa ngokuzama ukubhuntshisa izingxoxo phakathi kwe-United States of America (USA) ne-Iran zokuvuselela iJoint Comprehensive Plan of Action (JCPOA) okuyisivumelwano sokuhoxisa unswinyomnotho olubhekiswe e-Iran ngombandela wokuthi leli lizwe lingedluleli ekwakheni izikhali zokubhubhisa ngobuchwepheshe benuzi elibusebenzisela ukuphehla ugesi. 

Konke lokhu kwenzeka nje leli lizwe alinawo uHulumeni ogunyaziwe okungakho uRivlin esewakhumbuzile wonke amaqembu ukuthi kungani kubalulekile ukuthi lisungule uHulumeni. 

Okulindelekile ukuthi uRivlin anikeze izimbangi zikaNetanyahu ithuba lokusungula uHulumeni njengoba uNetanyahu esehlulekile. Okunye angakwenza ukuthi ayalele amalungu eSishayamthetho ukuthi aqoke ilungu elizoba nguNdunankulu. 

Akubonakali konke lokhu kuzoba impumelelo ngoba iqembu likaNetanyahu yilo elinezihlalo eziningi kanti nezimbangi akulindelekile ukuthi zivume ukuthi abuyele kwesobuNdunankulu. Uma konke lokhu kungabi impumelelo kulindeleke ukuthi leli lizwe libuyele okhethweni okuyobe kungolwesihlanu eminyakeni emibili. 

Konke lokhu kumunika ithuba lokuthi uNetanyahu aqhubeke kwesobuNdunankulu nakuba engagunyaziwe ngamalungu eSishayamthetho. Okungamketula uNetanyahu amacala enkohlakalo abhekene nawo. 

Amalungu angama-52 eSishayamthetho afuna uNetanyahu abuyele kwesikaNdunankulu. Okudala engakwazi ukubuyela ukuthi kumele abe ngama-61 aseka lokhu, kanti okunye ukuthi nakuba lawa malungu efuna uNetanyahu abuyele kulesi sihlalo kodwa awafuni ukusebenzisana naye ukwakha uHulumeni okuyilapho inkinga eqala khona. Amanye amalungu angama-45 afuna umholi weqembu iYesh Atid uYair Lapid kube nguye uNdunankulu kodwa akubonakali kwenzeka lokhu ngoba uqhele kakhulu kusibalo esifunekayo. 

UNaftali Bennett weqembu iYamina naye usigaqele esobuNdunankulu nakuba ziyisikhombisa kuphela iqembu lakhe elinazo. ULapid ufuna ukwakha umbimbi noBennett khona kuzogudluzwa uNetanyahu. ULapid ufuna babambisane ngisho nakwesobuNdunankulu noBennett okuchaza ukuthi i-Israel izoba noNdunankulu ababili abasebenza ngokushintshana. 

See Also

Inkinga ukuthi noma bengalakha lolu mbimbi kodwa izibalo azibavuni kanti kukhona isigcwagcwa laba bobabili abanaso kwamanye amaqembu njengoba bebonakala benozwelo kwabasePalestine kanti amanye amaqembu akubeka kucace ukuthi iPalestine ne-Israel angeke bahlalelana. 

Okugqamayo ngoBennett ukuthi akasophinde asebenzisane noNetanyahu njengoba uNetanyahu esola uBennett ngokuholela ekuhlakazekeni uHulumeni odlule. ESishayamthetho kukhulu ukuhlambalazeka kukaNetanyahu okuyinto engajwayelekile njengoba iqembu lakhe lehlulekile ukuphasisa umthetho wokuthi uNdunankulu avotelwe ngqo ngabantu kunokuthi avotelwe ngamalungu eSishayamthetho. 

Amanye amalungu asole uNetanyahu ngokuzama ukuqhamuka nelinye iqhinga lokuqhoqhobala izintambo zombuso. Ukuhlala emandleni ombuso kubalulekile kuNetanyahu ngalesi sikhathi njengoba icala lakhe lenkohlakalo selisesigabeni sofakazi kanti okusashiwo ngaye kwakha isithombe esingesihle ngokusebenzisa kwakhe amandla ombuso ukuzicebisa yena nomndeni wakhe. 

Kuyavela ukuthi uNetanyahu wayenobudlelwano obumucebisayo nobumunika isizinda kupolitiki nosomabhizinisi bezinkampani bezindaba ababemubeka esithombeni esihle ngaso sonke isikhathi baphinde bavundulule amahlazo ngezimbangi bese yena ebabonga ngokunikeza izinkampani zabo umsebenzi kuHulumeni. 

Kukhona konke lokhu okucacayo ukuthi uma amaqembu ehluleka ngokuvumelana ukuthi ngubani okumele abe nguNdunankulu leli lizwe libuyela okhethweni kanti ozoqhubeka kwesobuNdunankulu kuze kube kushaya ukhetho nguye uNetanyahu.

Scroll To Top