Now Reading
Ayanyakaza amantombazane kwezemidlalo
Dark Light

Ayanyakaza amantombazane kwezemidlalo

Lokhu okwenzekayo kunika ithemba ngokuthuthuka kwabesifazane kwezemidlalo kuleli osekusele wukuthi banikwe ukwesekwa abakudingayo  


Ngalesi sikhathi kwezemidlalo kuleli kubhekwe izindaba ezithinta unobhutshuzwayo ezihlanganisa ukuqokwa komqeqeshi omusha weqembu lesizwe labesilisa iBafana Bafana, nokungenzi kahle kweqembu eliyintandokazi kwabaningi kuDStv Preimership, iKaizer Chiefs, kukhulu okwenzekayo kwezemidlalo yamantombazane kuleli agila izimanga kwezinye izingxenye. 

Ezokusubatha

Umsubathi ongaphansi kweTitle Star Boxer uGlenrose Xaba, wenze ezibukwayo evikela isicoco sakhe se-AGN Championship futhi eba ngowesihlanu emjahweni iNelson Mandela Bay Half-Marathon ebihlanganisa i-ASA Half-Marathon Championships ngoMgqibelo eGqeberha esifundazweni i-Eastern Cape.

Selokhu aphumelela i-AGN Champs ngoNdasa, uGlenrose ubelokhu ekhombisa ukuthi izinto zimuhambela kahle. Lapha wenza kahle ebangeni lamamitha ayizi-5000 waphinde wanqoba eleyizi-10 000.

Lo msubathi ubuyele ekwenzeni kwakhe kahle lapho ephule khona amarekhodi amahle azibekela yena futhi wethembisa ukuqhubeka nokwenza kahle njengoba esebenza nomeluleki wakhe uCaster Semenya

Ukuqeda kwakhe kulo mqhudelwano ngesikhathi sika-1:09:30 esendaweni yesihlanu ngemuva kwezikhathi ezabekwa uBrillian Kipkoech, kusale kancane ukuba edlule isikhathi sakhe esihle kakhulu asibeka phambilini.

Ukholelwa ukuthi angabangcono njengoba isizini iqhubeka.

Ekhuluma emveni kwalo mjaho, lo msubathi uthe: “Ngijabule kakhulu futhi ngiyabonga ngokwenza kwami. Ngikujabulele kakhulu. Kube wumncintiswano omuhle, futhi ukushaya lesi sikhathi ekhaya kukhombisa ukuthi ngisesimweni esihle futhi kuningi okungalindeleka ngokuhamba kwesizini. ”

UGerda Steyn ube ngowesifazane wesibili waseNingizimu Afrika ngesikhathi eshaya isikhathi esi-1: 12: 13 kanti u-Irvette van Zyl ubengowesifazane wesithathu waseNingizimu Afrika onejubane kunabo bonke futhi walala endaweni ye-10. 

UBrillian Jepkor waseKenya unqobe isicoco seNelson Mandela Bay Half-Marathon sabesifazane  no-Alemaddis Sisay wase-Ethiopia noTadu Nare abalale isibili nesithathu ngokulandelana. UHelalia Johannes waseNamibia ube ngowesine kwathi kweyesihlanu kwangena uGlenrose. 

Imiphumela ime kanje:

1. UBrillian Kipkoech – Kenya – 1:07:32

2. U-Alemaddis Sisay – Ethiopia – 1:08:04

3. UTadu Nare – Ethiopia – 1:09:09

4. UHelalia Johannes – Namibia – 1:01:25

5. UGlenrose Xaba – South Africa – 1:09:30 (Igolide)

6. UBeji Geletu – Ethiopia – 1:11:00

7. UFortunate Chidzivo – Zimbabwe – 1:11:01

8. U-USara Naibei – Kenya – 1:11:51

9. UGerda Steyn – South Africa – 1:12:13 (Isiliva)

See Also

10. U-Irvette van Zyl – South Africa – 1:12:54

Kunobhutshuzwayo

Sekuyisonto lesibili imidlalo kanobhutshuzwayo yabesifazane kuleli ibuyelile enkundleni ngaphansi kweSafa National Women’s League kanti kuze kube yimanje amantombazane awakaphoxi ngendlela enza ngayo enkundleni. 

Esontweni lesibili lesizini ngempelasonto eyedlule kubonakale amaqembu amaningi ethela muva okwembumba eqoqa amaphuzu amathathu. 

Ompetha abavikela isicoco iMamelodi Sundowns Ladies bashaye iDurban Ladies ngo 3-1 KwaMashu kodwa kudingeke ukuthi babuye ngemuva kokuholwa ngegoli elilodwa okukhombise ukuthi bawasebenzelile amaphuzu abo amathathu. 

I-TUT Ladies ikwazile ukunqoba okokuqala kule sizini ingadlaleli ekhaya iginqa phansi iBloemfontein Celtic Ladies ngegoli elilodwa eqandeni. Komunye umdlalo i-University of Johannesburg yenze okufanayo inqoba ngamathathu kwamabili kuTsunami Queens. 

I-UWC kudingeke ukuthi ilinde igoli lomzuzu wama-70 likaNoxolo Cesane ukuze ithole amaphuzu amathathu emdlalweni obunzima ibhekene neThunderbirds. 

IRichmond United ibhaxabule iCoal City Wizards ngamathathu kwamabili emdlalweni obumnandi okhiqize ihat-trick yokuqala yesizini ivela kuNtabiseng Majiya obhakuzise enethini la magoli enqobela leli qembu ebelidlalela ekuhambeni. 

Empini yomkhaya baseLimpopo, omakoti iMa-Indies bathole igoli kuqala kodwa banikela ngalo esiwombeni sesibili njengoba iFirst Touch Academy ingene esiwombeni sesibili isivutha bhe umdlalo waphela isihamba phambili ngamagoli amabili kwelilodwa. 

UNompumelelo Nyandeni we-JVW uvalele phakathi amagoli amabili ngesikhathi ezakhe zishaya iGolden Ladies ngamagoli amabili kwelilodwa okugcizelela izinhloso zaleli qembu  zokulwela inkomishi kule sizini. 

Scroll To Top