Ziyohlabana amalunda kosala oyedwa!
Phakathi kwalamaqembu elilodwa lizokwenza umlando yokunqoba amahlandla amane
Kuphela amaphupho ngoMgqibelo ngele-9 kusihlwa kowamanqamu weNdebe yoMhlaba lapho aMabhokobhoko ezotholana phezulu neNew Zealand eStade de France. Lamazwe womabili agaqele isicoco sawo sesine seNdebe yoMhlaba. Elakuleli alikaze lishaywe kowamanqamu. Intatheli yelaboHlanga uZipho Singela uxoxe nengwazi yaMabhokobhoko uGcobani Bobo ukubheka umdlalo.
Zipho Singela (ZS): Gcobani, iqembu elizobhekana neNew Zealand selimenyezelwe. Uma ulibheka indlela elithakwe ngayo, ithimba labaqeqeshi licabangani kanti lifuna ukudlala kanjani? Awusichazele nsizwa yakithi.
Gcobani Bobo (GB): Ngibingelele abafundi bephepha nabathandi bezemidlalo eNingizimu Afrika ngiphinde ngibonge ngethuba. Uma ngibheka isikimu bese ngisihlaziya sengidwebela isithombe sokuthi Amabhokobhoko afuna ukufaka ingcindezi kuNew Zealand zisuka amagqozo. Umqeqeshi wenze izinguquko ezimbili kuphela. Ubuyise amasosha akhe awathembayo namenzele umsebenzi emidlalweni eyedlule. Ebhentshini unabadlali abayisikhombisa baphambili noyedwa wasemuva. Lokhu kukutshela ukuthi Amabhokobhoko afuna ukudlalela engxenyeni yeNew Zealand umdlalo wonke. Uma ngifingqa nje, lesi sikimu sithumela umyalezo wokuthi alukho noluncane uvalo. Sichazela iNew Zealand ukuthi thina siyiNingizimu Afrika futhi sizodlala ngokwendlela yethu. Konke sekusezandleni zabadlali ukubhekana nenselelo.
ZS: UHandre Pollard uthathe indawo kaManie Libbok kwathi uFaf De Klerk wangena esikhaleni sikaCobus Reinach. Awusichazele ngalezi zinguquko ezimbili usitshela ukuthi zichaza ukuthini?
GB: Lona ngumdlalo wamanqamu eNdebe yoMhlaba. UHandre noFaf banesipiliyoni sokudlala kowamanqamu eNdebe yoMhlaba. Hhayi isipiliyoni sokudlala koweNdebe yoMhlaba kuphela kodwa isipiliyoni sokuyinqoba iNdebe yoMhlaba. Leso sipiliyoni ngeke usithenge ndawo. Uma ufuna ukuphonsa inselelo emdlalweni omkhulukazi njengalo udinga amadoda aseqine ukhakhayi. Ngicabanga ukuthi yingakho nethimba labaqeqeshi liphonsele labadlali ababili ijoka. Sebeke basenzela isizwe umsebenzi phambili umsebenzi lapho isizwe sasibadinga okwangempela. Amagalelo abo ayaziwa ezimeni ezinzima. Umsebenzi omkhulu usele nabo ekutheni bakhombise umhlaba ukuthi abaqeqeshi benze isinqumo esifanele ngokuqoka bona.
ZS: Emidlalweni emibili eyedlule siphume ngembobo yenaliti. Yini okumele siyishintshe ukuze sinqobe ngendlela egculisayo?
GB: Okumqoka wukuthi abadlali abayishumi nanhlanu abaqale umdlalo basenzele umsebenzi. Emidlalweni eyedlule silanyulelwe yibhentshi. Yebo, siyalidinga ibhentshi kodwa abaqale umdlalo abakhe isesekelo esiqinile. Kumele siqale ngegiya eliphezulu umdlalo uqale. Yilokho esikudingayo. Ngilindele ukubona Amabhokobhoko azolwa ngendluzula, anqobe izimpi ezincane ngesikhathi somdlalo bese egwema amaphutha. Ithuba nethuba esilitholayo kufanele silivalele phakathi. Engikuthandayo ngeqembu lethu wukuthi uma libhekene nengcindezi liyakwazi ukuqhamuka nezimpendulo. Akumnandi ukuphuma ngembobo yenaliti kodwa okuhle wukuthi kuhamba nezifundo ezinhle.
ZS: Yini ezoba ngukhiye wokunqoba lo mdlalo kanti ukuphumelela kuzosho ukuthini esizweni?
GB: Ngicabanga ukuthi Amabhokobhoko awanconywa ngokwanele. Eminyakeni eyisithupha eyedlule iqembu belintengantenga. Ngemuva kweminyaka emibili linqobe iNdebe yoMhlaba. Bheka manje ngemuva kweminyaka eyisishiyalombili selizithola lidlala umdlalo wamanqamu wesibili. Sineqembu eliqine okusuka kwabaqala umdlalo kuya ebhentshini kuze kuzofika kwabangekho esikimini. Leli qembu lilwe lahlula izingqinamba ezifana nokhuvethe. Yingakho noma libhekene nengcindezi lingaxhamazeli. Noma lidlala kabi kodwa liyakwazi ukuthola indlela yokunqoba. Leli qembh liyakwazi ukulwa nokuqinisela. Sezidlale eNdebeni yoMhlaba amahlandla ayisishiyagalombili safinyelela kweyamanqamu izikhawu ezine. Lokhu kufanele ukunconywa ngoba kusinika isithombe sokuthi izwe lethu liseqophelweni eliphezulu kangakanani. Amabhokobhoko ngiyawathemba, azobuya nayo iNdebe yoMhlaba.
ZS: Siyabonga ngesikhathi sakho.
GB: Kubonga mina ngethuba.
Indlela yaMabhokobhoko ebheke kowamanqamu:
SA 18-3 Scotland
SA 76-0 Romania
SA 8-13 Ireland
SA 49-18 Tonga
SA 29-28 France
SA 16-15 England
Irekhodi laMabhokobhoko kweyamanqamu:
1995:
SA 15-12 New Zealand
2007:
SA 15-6 England
2019:
SA 32-12 England
Amazwe anezicoco eziningi zeNdebe yoMhlaba:
Amabhokobhoko (3): 1995, 2007, nangowezi-2019.
New Zealand (3): 1989, 2011 nangowezi-2015.
Isikimu sabaqala umdlalo:
D Willemse; K-L Arendse, J Kriel, D de Allende, C Kolbe, H Pollard, F de Klerk, S Kitshoff, B Mbonambi, F Malherbe; E Etzebeth, F Mostert, S Kolisi (c), P-S du Toit, no-D Vermeulen.
Ibhentshi:
D Fourie, O Nche, T Nyakane, J Kleyn, RG Snyman, K Smith, J Wiese, no-W Le Roux.