Now Reading
Inyanga uNhlaba iyisikhumbuzo sokuningi okwenzeka kuleli
Dark Light

Inyanga uNhlaba iyisikhumbuzo sokuningi okwenzeka kuleli

Abamhlophe abakayeki ukusebenzisa izikhathi ekwenzeni izinto neziyigunundu labo benganakile aboHlanga. 

Abaqaphele naboHlanga uma abamhlophe benza izinto, ikakhulukazi izinyanga nokunye.

AmaBhunu asebenzisa inyanga uNhlaba nezinye njengebalulekile kuwona ekugubheni, ekwenzeni, ekuthuthukeni ngokomnotho nasekukhumbuleni izinto ezweni njengabanye abamhlophe emhlabeni.

Abamhlophe jikelele benza isiqiniseko ukuthi ngisho sebephethe, sebekhona aboHlanga abasabalele ngomnotho, ngemali kodwa akufuneki badlule abamhlophe ngokwezimali.

AboHlanga baseMlaza bangakhumbula inyanga uNhlaba we-1962. Ngokuyigubha, babenentuthuko ngokomnotho njengoba bahlaliswa ngayo okokuqala eMlaza, besuswe eMkhumbane.  

Basicukulele ekhasini lama-63 ababhali uGavin Maasdorp no-ASB Humphreys bencwadi iFrom Shantytown to Township: An Economic Study of African Poverty and Rehousing in a South African City, ukuthi izindlu zokuqala eMlaza zanikezwa aboHlanga enyangeni uNhlaba we-1962. Njengoba babesibhalele nasekhasini lama-62 ukuthi aboHlanga bahlaliswa okokuqala kwaMashu ngoNdasa we-1958.

Zazi-3 kuNhlaba wezi-2020 kubonakala uhlelo olusha lwezibonelelo zikaHulumeni ngaphansi kukaMhlonishwa uLindiwe Zulu woMnyango Wokuthuthukiswa Komphakathi eNingizimu Afrika.

 Abadala baqala ukuhola impesheni kuqala, kwase kuba abakhubazekile kwagcina abasebancane, abasazala nabanye. Sekunesizotha, akusenasiminyaminya manje.

Ngiyayikhumbula inkulumo yeSILO uZwelithini kaBhekuzulu esayethula ngoNhlaba wezi-2015 eCity Hall ngosuku lokubungaza umama. Kafushane sabalula ukuthi umuntu wesilisa wayengashaywa uma esecashe kwabesimame, okungasenzeki manje.

AmaBhunu ayiqhakambisa, asayiqhakambisa inyanga uNhlaba njengoba anqoba okhethweni lwamhla zingama-26 kuNhlaba we-1948, aphatha neNingizimu Afrika kwaze kwaba mhla zili-10 kuNhlaba we-1994 mzukwana uMnu uNelson Mandela ebekwa njengoMengameli wokuqala woHlanga kuHulumeni wedemokhrasi.

AmaBhunu aqhakambisa umhla zingama-31 kuNhlaba we-1961 eqamba iRepublic of South Afrika esezimele ngokomnotho.

Ayexebuke emaNgisini mhla ziyisi-5 kuMfumfu we-1960 ngaphansi kweCommon Wealth yamazwe ayedlelana neBritain.  

Ibhangengodla, iSouth African Reserve Bank (SARB), lasabalalisa imali yamaphepha eyayinobuso bukaJan Van Riebeeck.

Aqhakambisa uVan Riebeeck owayehole abamhlophe, bafikela eNtshonalanga Kapa, eNingizimu Afrika, mhla ziyisi-6 kuMbasa we-1652. UVan Riebeeck wayezalwe zingama-21 kuMbasa we-1619 wafa ziyi-18 kuMasingana we-1677.

Kanti ibhangengodla yaseThekwini yayiku-Anton Lembede (Smith) Street, osekuyibhilidi leDamelin College namanye, njengoba isikuDr A.B Xuma (Commercial) Street eduze neWorkshop Shopping Mall.

Le mali yamaphepha yasatshalaliswa kabusha ngaphansi kukamphathi webhangengodla uNkk uGill Marcus ngowezi-2012 isinobuso bukaMandela.

Umbhali uMagema kaMagwaza Fuze wencwadi ethi:The Black People and Whence They Came, wasibhalela ekhasini le-139 ukuba sikhumbule uNhlaba ukuthi kwake kwaba nezikhukhula neqhwa elalikhithikile eMgungundlovu  mhla zingama-31 kuNhlaba we-1904. Kusazokwenzeka futhi kwazibani ngaphandle kukaMdali.

AboHlanga basungula inhlangano yobumbano, yentuthuko, yokuzigqaja ngamasiko kwe-Afrika i-Organisation of African Unity (OAU) mhla zingama-25 kuNhlaba we-1963 e-Addis Ababa, e-Ethiopia. Abalibekanga eqhulwini iphuzu lezomnotho kodwa elokuphatha amazwe nokuxosha abamhlophe.

Abaholi basezwenikazi i-Afrika babanephutha sebephathiswe amazwe ukuthi base-Afrika babayingxenye yalo mnotho emazweni abo. Behluleka ukulawula ezomnotho ezingokomqondo waseNtshonalanga.

See Also

Besaba ukuphatha amazwe ase-Afrika njengaMakhosi, izinduna, abamnumzane nokunye kwasemandulo bengangakafiki abamhlophe.

Abaholi boHlanga bezinhlangano zepolitiki, basinisa amahleza uma bethi bangasimamisa umuntu omnyama ngokwezomnotho.

Ngabe seziningi izinkampani nezimboni zaboHlanga okusimeme naboHlanga abasimeme ezweni, bangabi ngamasela, bangazicabangeli bona ukuze basabalalise ezomnotho ebantwini.

Kungenzeka ukuthi uHulumeni oholwa uMnu uCyril Ramaphosa bayazi, abazi ukuthi bahlonze uMfumfu ukuba kubenokhetho loHulumeni Basemakhaya ezweni okwakuyinyanga eyayibalulekile emaBhunwini.

Usuku lomhla zili-10 kuMfumfu we-1825 kwawuyiholidi okwazalwa ngalo owayengumholi wawo uMnu uPaul Kruger.

Abamhlophe bamvimba owoHlanga kwezomnotho behlanganisa amabhange i-Allied, i-United Building Sociey (UBS), i-United Bank, iTrust Bank, iVolkskas yamaBhunu kwaba i-Amalgamated Banks of South Africa Limited (ABSA) ngowe-1991.

Kwahlangana iNatal Building Society (NBS), iPeoples Bank ayekwaMashu Centre, iPermanent Bank (Perm), yiNedfin Bank eyayingakwesokunxele ebhilidini eliwunombolo-333 Durban Bay House, emgwaqeni u-Anton Lembede (Smith) Street abanguNedbank.

Wengeza noMnu uThabo Mbeki kafushane inkulumo ngokuvuselelwa kwe-Afrika ethi: “African Renaissance. I am an African” ePhalamende ziyisi-8 kuNhlaba we-1996.

Yayethulwe phambilini nguDkt uPixley ka-Isaka Seme eColumbia University ziyisi-5 kuMbasa we-1906 ngokuvuselelwa kwe-Afrika wathi: “The Regeneration of Africa. I am an African”.

Scroll To Top