Now Reading
IBaidu yethula amatekisi okuqala angenamshayeli eChina
Dark Light

IBaidu yethula amatekisi okuqala angenamshayeli eChina

Inkampani yaseChina yezobuchwepheshe iBaidu isiyethule ngokusemthethweni itekisi ezishayelelayo nekhokhelwayo eBeijing.

La matekisi ayizimoto ezincane abizwa nge-Apollo Go Robotaxi kanti athulwe eShougang Park, entshonalanga nenhlokodolobha yaseChina.

“Ukwethula itekisi engenamshayeli kungesinye isinyathelo esibheke ukusebenziseni izimoto ezizishayelelayo ukuthi zithuthe abantu” kusho isitatimende sikaWang Yunpeng onguMphathi nePhini likaMengameli kwaBaidu eMnyangweni Wobuchwepheshe Bezimoto ezingenabashayeli.

Phakathi kule tekisi akukho muntu ohleli esihlalweni sikamshayeli, kodwa ukhona oqaphe ukuphepha esihlalweni esiphambili somgibeli. Esitatimendeni esikhishwe inkampani, bathe onjiniyela bakhona ukuqinisekisa ukusebenza kwezimoto kodwa bazongenelela uma kuba khona inkinga ebadingayo.

IShougang Park kwabe kuyimboni yensimbi kodwa manje isiyaguqulwa ukuze ibe isizinda sezokungcebeleka kanti futhi kuhlelwe ukuthi ibe ngenye yezindawo ezizosetshenziselwa ukubamba imidlalo ye-Ice Hockey ngeBeijing 2022 Winter Olympic Games.

Sekuphele cishe iminyaka emibili iBaidu ihlola izimoto zayo ezizishayelelayo emadolobheni ahlukene, kodwa amatekisi asanda kwethulwa ayisinyathelo sokuqala sokwethula la matekisi njengezimoto ezikhokhelwayo.

La matekisi asebenza kule ndawo ezungeza ibanga elilinganiselwa ku-3km2 ecosha abagibeli ezitobhini ezakhelwe wona.

Abagibeli basebenzisa i-Apollo Go App ukubiza itekisi, kanti ngaphambi kokuthi isuke imoto kumele uqinisekise imininingwane yakho ekumazisi kukhompyutha, bese ufasa ibhande ukuze isuke imoto.

Nokho imizamo yokugibela leli tekisi iphelele emoyeni njengoba izisebenzi zakwaBaidu zithe abantu abanomazisi baseChina kuphela abagibelayo okwamanje.

Ukugibela le tekisi ye-Apollo Go ezishayelelayo kuzokubiza imali elinganisewa ema-R60.

Abagibeli uKelly Wang nomyeni wakhe bakujabulele ukugibela i-Apollo Go, njengoba bethe imoto ihambe ngaphandle kwezinkinga.

 “Ibihamba kancane kakhulu ngesivinini esingama-30 kmph kuleli. Angizange ngizizwe ngisengozini ngoba ubekhona umuntu oqaphe ukuphepha,” kusho uWang.

See Also

Omunye umgibeli u-Amy Li uthe ngokwakhe ukubona imoto ezishayelelayo ingeke ikwazi ukubhekana nezimo lapho abanye abashayeli benezikhalo uma bebona ukuthi bashayeliswe kabi.

“Uma sishayela thina, sonke sesike saba sesimweni lapho imoto ingena khona phambi kwakho noma ishintshe imizila ungazelele.  Abantu banemizwa ngesikhathi amarobhothi engenayo. Imoto eyirobhothi ngeke ikwazi ukubhekana nemizwa yabantu.”

Zilishumi izimoto zakwaBaidu ezisebenza eShougang Park kanti izinhlelo zenkampani ukuthi sikhushulwe isibalo sezimoto ngokuhamba kwesikhathi.

Inkampani yakwaBaidu, neyaziwa njengeSearch Engine, isebenzisana nezinkampani ezahlukene ukwenza izimoto ezinobuchwepheshe bokuzishayelela.

IChina ihlele ukuthi ngowezi-2025 leli lizwe libe selikhiqiza izimoto ezikwaziyo ukuzihambela zingenamshayeli futhi zisebenza embonini yezokuthutha, ngokusho kohlelo lukaHulumeni.

Scroll To Top