Now Reading
Ukuhlaselwa kuya kuqonga eDemocratic Republic of Congo
Dark Light

Ukuhlaselwa kuya kuqonga eDemocratic Republic of Congo

Iqembu elihlomile libulale okungenani abantu abali-19 kuhlanganisa namasotsha ayishumi ekugaseleni ezigodini ezimbili empumalanga yeDemocratic Republic of Congo ngoMgqibelo, ngemuva kwamahora uMengameli uFelix Tshisekedi (osesithombeni) ememezele isimo sokuvinjezelwa  ezifundazweni ezimbili. 

Ukudlondlobala kokuhlasela kwamaqembu ahlomile nodlame phakathi kwezakhamuzi empumalanga yaleli lizwe sekubulale abantu abangaphezu kwama-300 selokhu kuqale unyaka njengoba amasotsha kaHulumeni kanye nabagcini bokuthula be-United Nations (UN) belwela ukuzinzisa isimo. 

Ukuhlasela kwakamuva kwenzeke ekuseni ngoMgqibelo lapho amasotsha ehlasele amadolobhana amabili enkabeni yesifunda saseNorth Kivu eBeni, kusho iziphathimandla zendawo. 

Kamuva ngalolo suku, enye yama-Imam anamandla amakhulu aseBeni idutshulwe yabulawa ngabahlaseli abangaziwa ngaphakathi kweMosque ephakathi neBeni ngenkathi benza umthandazo wakusihlwa, ngokusho kwemibiko yabezindaba zendawo. 

Wayekade esaziwa ngokushumayela ngokungaseki ezombutho zobuSulumane esiteshini somsakazo sesifunda. 

 UTshisekedi umemezele isimo sokuvinjezelwa esifundazweni saseNyakatho Kivu nase-Ituri ngoLwesihlanu.

“Inhloso wukuqeda ngokushesha ukungavikeleki okubulala abantu bakithi kuleya ndawo nsuku zonke,” kusho okhulumela uHulumeni uMnu uPatrick Muyaya. 

Akazange asho ukuthi yiziphi izinyathelo ezizothathwa ngokulandelayo ngaphansi kwesimo sokuvinjezelwa.

See Also

 NgoLwesihlanu, amaphoyisa ahlomile eBeni ahlakaze abafundi abebeqhinqe izinsuku eziyisishiyagalombili ehholo ledolobha ngenhloso yokugqamisa  isimo esibucayi sokuphepha. Abafundi abaningana balimalile kwathi abanye baboshwa. 

Iqembu lase-Uganda elalisebenza empumalanga yeCongo kusukela ngawo-1990 libizwa ngokuthi yi-Allied Democratic Forces (ADF) kukholakala ukuthi yilo elenza ukuthi kube nokuchitheka kwegazi kwakamuva.

Sekunezigameko eziningi zokuhlaselwa kwabantu ngenxa yokuthi amasotsha aqala ukubhekana naleli qembu ngasekupheleni kowezi-2019, abulala abantu ababalelwa kuma-850 ngonyaka odlule, ngokusho kwezibalo ze-UN. 

 Udlame lubhebhethekise inkinga yabantu lapho abantu abangaphezu kwesigidi esi-1.6 bebalekile e-Ituri kubantu abayizigidi eziyisi–5.7, kusho i-UNICEF ngoMbasa. Abanye abantu abayizigidi ezi-2.8 badinga uhlobo oluthile losizo oluphuthumayo.

Scroll To Top