Now Reading
Amavukelambuso adle idolobha eSomalia
Dark Light

Amavukelambuso adle idolobha eSomalia

Abashayi bomthetho bakuleli lizwe bavote ngazwi linye ngoMgqibelo ukuthi kuhoxiswe ukwelulwa kwehlandla likamengameli ngeminyaka emibili abebesigunyaze ngenyanga edlule, ngemuva kokuxabana enhlokodolobha iMogadishu phakathi kwamaqembu ezokuphepha, ahlukene phakathi ngalolu daba. 

Enkulumweni yakhe ngemuva kokuvota ePhalamende, uNdunankulu uMohamed Hussein Roble uyalele umbutho ukuthi ubuyele enkanjini wanxusa osopolitiki ukuthi bagweme ukugqugquzela udlame. 

Inkinga yezepolitiki isondeze uvalo lokuthi abahlubuki be-al Shabaab abaxhumene ne-al Qaeda bangase basebenzise isikhala sokuntengantenga kwezokuphepha uma ezokuphepha zezwe zihlukana phakathi ngenxa yemindeni nobuhlanga. 

Leli qembu lamavukelambuso ngesonto eledlule lithathe okungenani idolobha elilodwa laseSomalia ngesikhathi amasotsha abephethe izikhali abesuka emaphandleni engena enhlokodolobha. 

Ukuzama kukaMengameli uMohamed Abdullahi Mohamed ukwengeza ihlandla lakhe kubacasulile nabanikeli bakwamanye amazwe, abasekele uHulumeni wakhe emzamweni wokuletha uzinzo eSomalia ngemuva kweminyaka engaphezu kwamashumi amabili njengombuso owehlulekile kulandela impi yezakhamuzi eyaqala ngowe-1991.

Ivoti langoMgqibelo lisakazwe kuthelevishini yaseSomalia futhi lafika ngemuva nje kokuba uMohamed ekhulume ePhalamende wathi uyalela uNdunankulu ukuthi alungiselele ukubamba ukhetho lwePhalamende olubambezelekile. 

UNdunankulu uRoble ubhale enkundleni yokuxhumana uTwitter ngoMgqibelo ukuthi uHulumeni “maduze” uzolungisa uhlelo lokhetho, futhi wabonga uMengameli nePhalamende. 

Ihlandla likaMohamed liphele ngoNhlolanja kodwa ngaphandle kwesivuno esisha sabenzi bomthetho, iPhalamende alikwazanga ukukhetha umengameli.

Ukunwetshwa kwehlandla kuvunyelwe yindlu ephansi ngenyanga eyedlule kepha kwenqatshwa yiSenate, kwaqubula inkinga ebishuba ngesonto eledlule.

See Also

Abantu abaphakathi kwezi-60 000 nezi-100 000 baphoqeleke ukuba bashiye amakhaya abo kulandela ukungqubuzana okwenzeke ngeSonto okususe ukwesaba ukuthi kuzoba nempi phakathi kwamaqembu abehlome ephelele.

 URashid Abdi, ongumhlaziyi ozimele ozinze eNairobi, uthe ivoti lePhalamende kanye nesinyathelo sikaMengameli maqondana nokubamba ukhetho kubukeka kuwukuvumelana okuhle.

“Inkinga ukuthi kuncane ukwethembana phakathi kwamaqembu futhi inqobo nje uma uFarmaajo ephethe abezempi nabezokuphepha, kubukeka kunzima ukwakha ukuzethemba kuleyo nqubo,” esho esebenzisa isidlaliso esithandwayo sikaMengameli.  

uMnyango Wezwe wase-USA inxusa le-EU kanye noMnyango Wezangaphandle waseTurkey bancoma inqubekela phambili eyenzeke ngoMgqibelo. 

Scroll To Top