Amaholidi osuku lwezisebenzi avuselele ezokuvakasha eChina
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
Iholidi lezisebenzi elaziwa nge-International Workers’ Day noma iMay Day nelidonsa izinsuku ezinhlanu eChina selisize kakhulu ukukhuthaza ukuvuka kwemboni yezokuvakasha kuleli lizwe emva kokukhahlamezwa ubhubhane ukhuvethe.
Leli holidi iMay Day ebeliphakathi lulu-1 kuya zi-5 kuNhlaba libe ngelokuqala elikhulukazi lapho abantu bakuleli lizwe bethole khona ithuba lokuthi bachithe imali kwezokuvakasha ezindaweni ezahlukene emva kokuthi bechithe amaholidi amaningi nyakenye behleli emakhaya ukuvika ukhuvethe.
Ngisho nasekuqaleni konyaka abantu abaningi abahlala emadolobheni abakwazanga ukuya emakhaya ukuyoba nemindeni yabo ngeholidi elibalulekile eChina iSpring Festival
Leli holidi lezinsuku eziyishumi eliba njalo ngasekuqaleni kukaNhlolanja kugujwa ngalo ukuqala konyaka omusha eChina kodwa ukuqubuka kabusha kwezigameko lapho abantu bethelekele khona ngegciwane kuphoqe uHulumeni ukuthi ugqugquzele abantu ukuthi bahlale lapha bekhona, nokuphazamise imboni yezokuvakasha.
Nokho kuleli holidi leMay Day, kubonakale izinto zijika zibangcono kwezokuvakasha njengoba isimo sokubhebhetheka kokhuvethe sesinqandiwe.
Kubikwe ukuthi kube nabantu abazigidi ezingama-230 abavakashele ezindaweni ezahlukene ngamaholidi, ngokwezibalo ezikhishwe uMnyango Wezamasiko Nokuvakasha eChina.
UMnyango uthi imali eyenziwe imboni yezokuvakasha ilinganiselwa ezigidigidini ezili-$17.5, nokusho ukukhuphuka ngama-138% emalini eyenziwe ngesikhathi ngonyaka odlule.
Lezi zinombolo ziveza ukuthi ezokuvakasha eChina ezingeni elingama-77% wesibalo sangaphambi kokuhlasela kokhuvethe ngowezi-2019.
Imboni yezindiza kanye namahhotela kubike izibalo eziphezulu ukudlula iminyaka eyedlule lapho abantu bebekise khona izindawo abanye bethenga amathikithi ukuze bangcebeleke. Balinganiselwa ngaphezulu kwezigidi ezingama-58 abantu abathenge amathikithi ezindiza, izitimela, izithuthi zomgwaqo kanye nezamanzi ngosuku lokuqala lwamaholidi, nokuyisibalo esikhuphuke ngaphezulu kwama-119% uma uqhathanisa nesikhathi esifanayo ngowezi-2020, ngokwezibalo ebezisakhishwe uMnyango Wezokuthutha.
Abantu abaningi bakhethe ukusebenzisa izitimela ukufinyelela ezindaweni zokuvakasha ezahlukene ezweni, njengoba izitimela zithuthe abagibeli abalinganiselwa phakathi kwezigidi ezili-13 nezili-18 kulezi zinsuku ezinhlanu zamaholidi.
Ngokwezibalo ezikhishwe iChina Railway Group engamele izitimela ezweni isibalo sabagibeli kula maholidi sibe nokukhula okuphakathi kwama-3% nama-9% kulezi zinsuku ezinhlanu zamaholidi, uma uqhathanisa nonyaka wezi-2019 ngaphambi kokhuvethe.
Isibalo sesibili ubukhulu kube ngesabagibeli bezindiza njengoba belinganiselwe esigidini esiso-1.9 abantu abandizele ezindaweni ezahlukene zokuvakasha ekuqaleni kwamaholidi. Izindawo zokuhlala izivakashi, okubalwa namahhotela, lapho kunezidawo zokungcebeleka khona zibike ukukhuphuka kwesibalo sabantu kula maholidi eMay Day.
Phakathi kwezindawo ezivakashelwe kakhulu kubalwa iGreat Wall, nokuwudonga olulinganiselwa ngaphezulu kwezi-21,000 km neselineminyaka engaphezulu kwezinkulungwane ezimbili lakhiwa.
Ezinye zezindawo lolu donga oluvakashelwa kuzo isenhlokodolobha yaseChina iBeijing, lapho kuvunyelwe khona abavakashi.
Ezinye izindawo ezidonse izivakashi zihlanganisa isakhiwo esiyinxuluma nesinezingadi zohlobo lwaseChina kanye namachibi iSummer Palace eBeijing, kanye neShanghai Disneyland.
Nokho ngesikhathi iChina ijabulela ukuvuka kwemboni yezokuvakasha imigubho yosuku lwezisebenzi ayizange ilethe injabulo efanayo emazweni amaningi kusifunda sase-Asia ngenxa yokubhebhetheka kabusha kokhuvethe.
I-India, nokuyizwe lesibili elinabantu abaningi emhlabeni emva komakhelwane iChina, ibhekene nengwadla njengoba izibhedlela zizabalaza ukunika usizo iziguli ezinokhuvethe ngenxa yokukhula ngesivinini kwesibalo sabantu abathelelekayo.
Kuleli sonto isibalo sabantu abatheleleke ngokhuvethe sikhule sedlula izigidi ezingamashumi amabili, nokubeka leli lizwe endaweni yesibili emva kwe-USA nesiqophe abantu abangaphezulu kwezigidi ezingamashumi amathathu abanegciwane.
Nokho kubonakala engathi i-India isondela ngokushesha kuso isibalo sase-USA, kanti ososayensi bathole uhlobo olusha lwalesi sifo kuleli zwe okuthiwa sisukela ekuguqukeni kwezinhlobo ezimbili zaleli gciwane.
Lolu hlobo olusha lokhuvethe olubizwa ngeDouble Mutant kuthiwa lusabalala ngesivinini kanti futhi selutholakele nakwamanye amazwe.
IBeijing isimdibi munye namazwe alekelela i-India ngezinsiza kanye nochwepheshe emizamweni yayo yokulwa nokhuvethe. Phakathi kwezinto ezidingeka kakhulu njengamanje ama-Oxygen Concentrator asiza abantu abanenkinga yokuphefumula.
Kusenjalo, uHulumeni waseSingapore usumemezele imigomo emisha eqinile ukunqanda ukusabalala kokhuvethe nedonsa amasonto amathathu kusukela ngoNhlaba ziyisi-8. Izikhulu kuleli lizwe zinqume ukuthi kula masonto amathathu kuvalwe izindawo zemphakathi ezifana namajimu, izindawo zokudlela, amabhayisikobho nemingcwabo ukunciphisa ukutheleleka kwabantu.
Izinkampani zikhuthazwe ukuthi zamukele ama-50% wezisebenzi, ikakhulukazi lezo ezingakwazi ukusebenzela emakhaya. NgoMsombuluko, abezempilo eSingapore bamemezele ukuthi bathole abantu abayishumi abanohlobo lokhuvethe olusanda kutholakala e-India.
EJapan, uHulumeni ulungiselela ukusingatha imidlalo ye-Olympics ezoqala ngoNtulikazi ngaphansi kwemigomo eqinile yokunqanda ukubhebhetheka kokhuvethe. Lesi simo sesiphoqe abahleli bale midlalo banqume ukuthi zingavunyelwa izibukeli zangaphandle.
Isibalo sabantu asebetholwe nokhuvethe eJapan asisibi kakhulu uma kuqhathaniswa namanye amazwe, njengoba sebengaphezulu kwezi-614,000 abanegciwane, besuka ezi-558,000 phakathi noMbasa.
Nokho ukuqubuka kokhuvethe kwakamumva kudale ukukhathazeka emva kokuthi ezinye zezibhedlela zibike ukushodelwa izinsiza. Kulindeleke ukuthi ngesonto elizayo uHulumeni uxegise eminye imigomo eqinile.

