Izakhamuzi zaseBurkina Faso zibhikishele ukuthula nokuphepha kwazo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Izinkulungwane zingene ezitaladini zenhlokodolobha yaseBurkina Faso ngoMgqibelo zinxenxa impendulo kaHulumeni enqala egagasini lokuhlasela kwamasosha okuhlukumeze kakhulu leli lizwe eliseNtshonalanga Afrika eminyakeni edlule.
Abanye babehambe amakhulukhulu amakhilomitha beya embhikishweni oholwa abaphikisi e-Ouagadougou, lapho ababhikishi baphakamisela phezulu ifulegi elibomvu neliluhlaza iBurkinabe bashaya amakhwela. “Bekumele sikhombise ukungagculiseki kwethu, sikhombise ukukhathazeka kwezakhamizi ezikhalela ukuphepha nokuthula,” kusho umsekeli weqembu eliphikisayo u-Alpha Yago eceleni kombhikisho.
Amaqembu axhunyaniswe ne-al Qaeda kanye ne-Islamic State ekuqaleni azinze ezweni elingumakhelwane iMali azinamathele enyakatho nasempumalanga yezwe, aqala ukuhlasela njalo izakhamizi, kufaka nokukodwa ngoNhlangulana okwabulala abantu abangaphezu kwe-130, okwaba isigameko esibi kakhulu kuleli lizwe.
Omunye wababhikishi wayephethe izingqwembe ezinesithombe samabhokisi afakwe ifulegi nesiqubulo esithi: “Baba Mengameli, yiba nesibindi sokuthatha isinqumo. Sikhathele!”
Ingcindezi inyukile kuMengameli uRoch Kabore ukuba aphathe futhi aqede inkinga yabantu lapho abantu abangaphezu kwesigidi bashiywe dengwane ngenxa yalolu dlame olukhungethe leli lizwe.
NgoLwesithathu olwedlule, uKabore uthathe isikhundla sokuba nguNgqongqoshe wezokuvikela ekushintsheni iKhabhinethi okuhloswe ngayo ukujabulisa abaholi bamaqembu aphikisayo, abafuna uhulumeni ashiye phansi izintambo.
Iqembu elilodwa lababhikishi belihambe amakhilomitha acishe abe ngama-400 (250 miles) ukusuka edolobheni elisempumalanga yeMadjoari, nokuyilapho izinkulungwane zezakhamizi zibalekela usongo lwamaJihad. “Asikwazi ukuqonda ukuthi abantu bahlupheka kanjani usuku nosuku futhi isikhathi esingaphezu kwenyanga kungekho ukusabela okuvela kuhulumeni.
Kuyadabukisa,” kusho iphini leMeya yaseMadjoari uDjergou Kouare, ngesikhathi abanye abantu bevayizisa izingqwembe zekhadibhodi ezithi ‘SOS Madjoari’.
Ngaphandle kokuba khona kwezinkulungwane zabagcini bokuthula be-UN, ukuhlaselwa ngamasosha esifundeni saseSahel esiseNtshonalanga Afrika kukhuphuke kakhulu selokhu kuqale unyaka, ikakhulukazi eBurkina Faso, eMali naseNiger, futhi kukhona konke lokhu izakhamizi ezithwele kanzima.

