AbaseChina bafaka izinkampani ezinkulu ingcindezi yokuhlonipha izwe labo



UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
Umphakathi waseChina usukhombise kaningana amandla awo uma ungahambisani nezinto ezenziwa izinkampani zangaphandle ezisebenza kuleli lizwe. Seziningi izinkampani zangaphandle eseziluzwile ulaka lwabantu baseChina, ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana, uma bebona ngathi zidelele izwe labo. Kamumva nje inkampani yase-USA eyakha izimoto iTesla iluzwile lolu laka ngenkathi ividiyo ekhombisa owesifazane ephazamisa umbukiso wezimoto iShanghai Auto Show.
Lo owesifazane ugibele phezu kwemoto embukisweni weTesla ekhala ngokuthi le nkampani ayizange iyixazulule inkinga yemoto yakhe emva kokuthi ibe sengozini.
Bephendula kulesi sigameko, uTesla uqale wathi abaxoxisani bona nabantu abangacabangelani, nokube isitatimende esingehlanga kahle kubantu ezinkundleni zokuxhumana. Nokho ingcindezi ibe isifakwa ngokushesha emva kokuthi ividiyo enalo owesifazane isatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana.
Abantu babone isenzo sale nkampani njengesikhombise ukungabi nazwelo, beyigqugquzela ukuthi ayilungese isikhalo somthengi.
Gwiqiqi emva kwamahora ambalwa nengcindezi yokugxekwa ezinkundleni zokuxhumana isizwela, uTesla ube usuyijika inkulumo uxolisa. Le nkampani ivumile ukuthi lona wesifazane wayibika inkinga ngoNhlolanja kodwa kwase kuba nokungaboni ngasolinye emva kokuthi befune imoto ihlolwe umuntu ozimele.
Bagcine bevuma ukuthi bazoyilungisa inkinga yalo wesifazane, kodwa hhayi ngaphambi kokuthi izikhulu zaseChina ziyalele abakwaTesla ukuthi balethe yonke imininingwane ethinta udaba lwemoto, okubalwa nombiko wemoto ngaphambi kokuthi ibe sengozini.
UTesla ujoyina uhide lwezinkampani zangaphandle esezike zaba senkingeni nabantu baseChina ngenxa yokuphambana ngokombono. Kamumva nje abantu bajikele izinkampani ezinkulu ezifana neH&M, iNike ne-Adidas, phakathi kwezinye, ngenxa yokwenza izinsolo zokuthi iChina ihlukumeza amalungelo abantu baseXinjiang. Nokho abanye basola iBeijing ngokuba nesandla ukugqugquzela abantu ukuthi badube izitolo, nokuyinto uHulumeni ayiphikayo.
Loyo okhulumela uMnyango Wezangaphandle eChina uHua Chunying, uzichithile izinsolo zokuthi ukudutshwa kwezimpahla nezitolo zangaphandle okwenziwa abantu baseChina kusuke kugqugquzelwe uHulumeni. “Kunabantu abayisigidigidi esiso-1.4 eChina, iloyo naloyo uzicabangela ngokwakhe, ngokunjalo wonke umuntu ukhululekile ukuthi azwakalise umbono nemicabango yakhe ezinkundleni zokuxhumana,” kusho uChunying. Uxwayise ngokuthi loyo ophoxa abantu baseChina kumele akulindele ukukhokha ngalokho.
Kamumva nje kunombuzo ngokuthi ngabe izinkampani zezimpahla zokugqoka ezinamagama adumile nezivela emazweni angaphandle zizokwazi yini ukubuyisa isithunzi emva kokudikilwa umphakathi waseChina ngenxa yodaba lwaseXinjiang.
Izinkampani iH&M, iNike, i-Adidas, iPuma kanye nezinye izinkampani zangaphandle, zithole ukugxekwa ebantu baseChina emva kokuthi zithathe izinyathelo zokuvala ukusetshenziswa kukakotini okhiqizwa eXinjiang ngenxa yezinsolo zokuthi kunokuhlukunyezwa kwamalungelo esintu kulesiya sifunda.
Osaziwayo baseChina nabo bakhethe ukuyeka ukusebenzisana nezinye zalezi zinkampani ezinkulu ngenxa yokungahambisani nesinqumo sokuduba ukotini waseXinjiang. Umkhankaso ngaphansi kwesiqubulo “I support Xinjiang Cotton” okuwukuthi ‘Ngeseka ukotini waseXinjiang’ ugcwale ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi abantu bezwakalisa ukuphikisana nokudutshwa kukakotini okhiqizwa eXinjiang. “Abathengi baseChina banelungelo lokuthi bazikhethele,” kusho uChunying khathi ebuzwa ngezinsolo zokuthi uHulumeni unesandla emkhankasweni wokuduba izitolo ezifana neH&M. Yize usuthe ukudamba umkhankaso wokuduba lezi zinkampani, ezinye zezitolo zenkampani yase-Sweden i-H&M zisavaliwe.
Abantu baseChina sebekhombisile ukuthi angeke bakubekezelele ukubukelwa phansi izinkampani zangaphandle, ngokunjalo bathi akuhlonishwe leli zwe uma bengafune zinkinga. Ezinye izinkampani esezike zazithola zisenkingeni kubantu baseChina kule minyaka edlule ngenxa yezizathu ezahlukene nezithinta ukushayisana kwemibono kubalwa iDolce&Gabbana kanye Burberry.
Ezinye futhi zezinto eziholele ekutheni izinkampani ezinkulu zangaphandle zime ukuphawula ngokwenzeka ezindaweni ezifana nezizinda iTaiwan neHong Kong okuyizindaba ezibucayi eChina.