Ayihlabi ngakumisa
UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Uma ubuka ubona intombazanyana nje kepha ake ubuke noma ulandele imisebenzi yayo uyamangala. Lona nguThuso Mbedu intokazi yalapha kweleNdlovukazi uMthaniya nesingundabamlonyeni phesheya kwezilwandle.
Lapha ekhaya yaduma ngomdlalo ‘Is’thunzi’ neyaqokelwa kuma-Emmy Awards.
Muva nje usehlabe abaningi umxhwele ngendawo ayidlala emdlalweni iThe Underground Railroad nekhuluma ngomlando wobugqila e-USA.
IThe Underground Railroad yabe iyinxakanxaka yemizila eyimfihlo nezindlu eziphephile ezakhiwe e-USA maphakathi nekhulunyaka le-19 futhi zisetshenziswa izigqila ezingama-Afika ase-USA ukuze zeqe ziye emazweni akhululekile naseCanada. Lapha le ntokazi idlala indawo kaCora.
Abaningi basho ngazwi linye ukuthi ukufanele wukuhlonishwa ngendondo. Le ntokazi ibukeka iluqonda ubizo lwayo nethi akukhona nje ukujabulisa kepha kukhona okunye.
Uma ibuzwa ngobumqoka bokukhetha indawo emdlalweni eyingxenye yawo, ithe: “Angidlaleli nje ukuba ngibonakale kuthelevishini kodwa ngikwenza ukuze nginikeze izwi elingasiza abantu ngomuso. Ngisho nabalingiswa engibakhethayo yilabo okufanele baqine, abasho izinto eziwusizo empilweni yabantu.”