Now Reading
Asingayekethisi sifekethise okwethu ngokuphambanisa ukuhuba – uMkhathini
Dark Light

Asingayekethisi sifekethise okwethu ngokuphambanisa ukuhuba – uMkhathini

UMnu uMbuso Khoza ulandisa ngokuqhakambisa amahubo ethu, iqhaza lawo kanye nokuwasebenzisa ngendlela efanele.


Bandla lakwethu kuthe kusempondozankomo ngashayelwa ucingo nguMtaka uMfo waKwaNomajalimane kwaze kwaba mpondozamnenke ekhala ngomonakalo odalwa wubudlundlutheki bethu siyisizwe uma kuza endleleni yokuhuba kwethu. Sengathi iyindida le ndaba ngoba uye ubone emicimbini izinsizwa nezintombi sezibiza ihubo lempi emgcagcweni ekubeni umgcagco kuyinto emqoka futhi ehlanganisa imindeni. Nakuba sifisa ukuqhakambisa izinto zethu siyisizwe asoqaphela nalapho sesigxibha ngoba izwe liyosizakala ngathi. Udaba lwamahubo neqhaza lawo liyadinga linobululwe linomfiywe sisuse amakhoba namakhavilithi ngoba lona ukulona uhlobo lomculo wobuntandakubukwa kepha lena yimithandazo, izinsizi, imilando nezinyembezi zesizwe. Izinhlamvu namagama nephimbo elisetshenziswa emahubeni alefani nhlobo neminye imiculo. Ukweluleka kwemigqa ngokwephimbo wukwehla nokwenyuka kwephimbo nokugcizelelwa kwamagama athize uma kuhutshwa aqukethe izincazelo ezijulile. Iphimbo lokuhuba liqala liwumthemelezo yingakho njalo uma inhlabi, inkwazi noma inqambi iye iliqale yodwa okuyinto eningi ekuthemelezeni.

Anezigaba eziwuchungechunge ngokwemikhosi yesizwe, kufike kube khona ihubo lesibongo okuganiswa ngalo kufihlwe ngalo uma kukhona odlulile emndenini. Kuphinde kube yilelo okuzingelwa ngalo elibizwa ngesigubho senqina elaziwa ngamaphisi. Kube khona isigekle noma umvumo wegceke wona-ke uqukethe umoya wentakaso uma kusesigcawini noma ebaleni. Uma kunecece ekhaya uye ubone amahele eviliyela ebiza amahubo okuviliyela kwamabutho kuze kuyofika ekuhlabeleleni kwezintombi ziyokha amanzi emifuleni kanti nawo amahubo ezintombi anezigaba kusukela intombi iyogana iqamba inkondlo, ezoyihaya mhla iyogcagca lapho iyokwendela khona. Bese kuba yilawo ahutshwa uma izintombi zihambise umkhonto ngelanga lomemulo kusa nje ngovivi. 

Sekuye kudide nokho ukubona izintombi zibheke emikhosini yaseNdlunkulu zihuba amahubo akhuluma ngemikhonto namabheshu, amagama nawo anomoya awuqukethe ovusa isifesane nosikisiki nohlevane amanye avuse umzwangedwa amanye avusa umuzwa wempi nokuba wuhlomendlini. Ngakho-ke kumqoka ukuba sifunde ngalokhu ukuze singaxovi imicimbi yabantu.

Kukhona ngisho amahubo emikhosini yaseNdlunkulu angathiwa noma yinini ngenxa yeqhaza alibambe emlandweni njengokuthi uma kubekwa iNkosi amabutho ashuphula inkunzi aze akhuze isaga esithi; “Sayibamba inkunzi sayishuphula” ngakho awukwazi ukuhuba ihubo elinomlayezo ovusa uhlevane. Ngisho izaga neziqubulo zinendawo nesikhathi ngenxa yenhloso yazo. Kukhona izaga ezifundisa ngezinhlobo zezinyoni njengalesi esithi; “Nyonini izinyoni izinyoni nyoni” uma ubheka lesi saga sifundisa kabanzi ngezinhlobo ezahlukene zezinyoni. Ezinye zifundisa ngokulwa kwezinqama uzwe kuthiwa, “iyangqikila inqama”.

Bakwethu ngisho esikholweni kunezihlabelelo zemingcwabo, ezendumiso, ezokuvangela ngisho ezokukhokhela abantu. Nasezimpahleni kukhona ezokuya empini ezomgcagco nezothenigisa. Kumqoka kithi njengendlu kaMnguni ukuba sikucophelele njalo esikwenzayo ngoba kulula ukuthuka inhlamba ngesenzo. Ihubo ulizwa ngomlayezo ukuthi liqondene nani. Sihlala sikhala ngabezizwe nje ukuthi basixovela izwe kanti nathi sinelikhulu iqhaza kulokhu.

See Also

Kuyingozi ukwenza izinto ngedumela ube ubulala okwakwenu ungaboni. Amahubo anyakazisa imimoya yezinyanda zezulu kuthule umoya,njengoba sengishilo ngenhla ukuthi yonke imikhosi yesizwe inehubo lakhona. Kukhona into ebizwa ngensimu kaNomdede empeleni uNomkhubulwane lapho omama babengena khona umuzi nomuzi becela imbewu bephukule ebusweni uma sebeyolima le nsimu uyobabona ngezichumo zotshwala babuchele ensimini maqede bahube bethi; “Iyagodola inkawu”. Lobu wubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi kumele ahlonishwe kanganani amahubo ngokwemilayezo yawo. 

Kumele nokho bakhuzwe abantu uma sebehuba okungeyikho ngenhloso yokulonda nokufundisa isizwe yebo inkemane idlangile sizama ukuxosha okuyikati eziko kepha masingakhumuli izikhindi esazigqokiswa ngokhokho bethu uze ungasuki endaweni muzi onsundu ngoba nguwe oqaphe izikhonkwane zomuzi wakwenu khuza lapho kuhlwathizelwa khona uqondise lapho kumazombe khona.

Scroll To Top