Now Reading
UKhathi uyohleze engumakoya weTheku ungqo!
Dark Light

UKhathi uyohleze engumakoya weTheku ungqo!

Esikhathini samanje ukuzwa ingane ithi ifisa ukuba uDJ uma ikhula akusesiyo into eyenza abazali baxwaye ngenxa yokwesabela izingqinamba nengcindezi amaciko aboHlanga avamise ukubhekana nayo. Lokhu kungenxa yokubona impumelelo yamaciko anjengoMthokozisi “DJ Tira” Khathi nosebe kulo mkhakha iminyaka eyevile kwengama-30 nokwazile ukwakha isisekelo esiqinile amaciko angazinza kuso inqobo nje uma ezimisele.

Le nsizwa eyazalwa mhla zingama-24 kuNcwaba we-1976 kwaHlabisa, yafudukela edolobheni iTheku isasencane ngowe-1979, yafunda eMlokothwa High School. Kwathi ngowe-1995 wenza izifundo zeHuman Resources e-University of Natal manje esiyaziwa nge-UKZN.
Ukuqala kwakhe kulo mkhakha kwaba ngonyaka wezi-2000 lapho enqoba emncintiswaneni weSmirnoff SA DJ Knockout ehambisana noMthokozisi Mbatha naye ovela kwaHlabisa. UKhathi ungomunye wamaciko asungula futhi athuthukisa umculo weGqomu noyintandokazi kuleli nasemazweni angaphandle.

Ngasekupheleni kweminyaka yama-90, kuchuma lolu hlobo lomculo iGqomu, babodwa ababewubiza ngesidoklo, uthayela, ithini, uswazi njalonjalo. Okuvelayo ukuthi iGqomu liqale ukuchuma kumaNight Club aseThekwini ahanjelwa ngabantu boHlanga abakhele amalokishi afana naKwaMashu, iNanda, iClermont, uMlaza namanye.

Ngesikhathi kungenwa eminyakeni yezi-2000 oDJ abaningi kuzona zonke izindawo emalokishini nakumaNight club base bengayingeni eyomunye umculo kodwa bese kudlalwa lona iGqomu. Nabantu base befuna into entsha ezobajabulisa. Okwakuyinkinga ngalolu hlobo lo mculo ukuthi wawuhlanganiswa nezinto ezimbi. Neziteshi zemisakazo bezingafuni ukudlala lo mculo. Nokho ukunikwa kukaDJ Tira noDJ Sox uhlelo lo mculo kuGagasi FM eminyakeni edlule kwenza nezinye iziteshi zalandela ekudlaleni lo mculo.

See Also

UReal Makoya (elinye igama aziwa ngalo) uhambile ezinyathelweni zegama lakhe kule minyaka ekule ndima. Ngowezi-2007 usungule isitebele sakhe sokuqopha i-Afrotainment nasesebenze kuso nenqwaba yamaciko waphinde wavundulula amakhono amasha ngisho emculweni kaMaskandi imbala. UKhathi akagcini ngokuba uDJ kepha uphinde abe nguMqondisi womculo neciko leKwaito.

Scroll To Top