Now Reading
Umqeqeshi weRich Boyz akagabadeli ufuna ukucophelela ngeligi
Dark Light

Umqeqeshi weRich Boyz akagabadeli ufuna ukucophelela ngeligi

Abaningi sebebona ukuthi seliyithathile iligi yeGladAfrica Championship iqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal iRichard’s Bay FC emveni kokwehlula omkhaya balo ngoLwesithathu.

Leli qembu liguqise iRoyal AM emdlalweni obuseChatsworth Stadium ngegoli elilodwa elivalelwe phakathi ngekhanda uSiphiwe Mcineka.

Okunye okuphinde kwabonakala kucacisa ukuthi iNatal Rich Boyz, okuyisiteketiso saleli qembu, ngesizini ezayo izobe idlala kuDStv Premiership ukuhlulwa kweFree State Stars nayo ebidlala ngoLwesithathu. 

IFree State Stars ihlulwe ngegoli elilodwa ngomakoti iPretoria Callies kanti ukube iwunqobile lo mdlalo ibizoba namaphuzu angama-39.

Ukunqoba kweNatal Rich Boyz kuyenze yaba namaphuzu angama-41 emidlalweni engama-24 okuyenze yashiya iqembu elisendaweni yesibili ngamaphuzu amane. Lokho kusho ukuthi iTS Sporting esendaweni yesibili ngamaphuzu angama-37 kumele ithandazele ukuthi iRichard’s Bay FC iqhuzuke kabili bese yona inqoba imidlalo emibili ukuze ihlale esicongweni.

Umqeqeshi weRichard’s Bay FC uSimo Dladla, uthe ubona kusengenzeka noma yini kule midlalo eyisi-6 esele.

“Kusukela eqenjini elisekuqaleli kuya kwelihlezi endaweni yesi-6, wonke asasethubeni lokuyinqoba iligi. Ingakho lokhu okushiwo abantu kungangijabulisi nhlobo. Emidlalweni emithathu edlule sihlulwe kabili sanqoba kanye lokho kusho ukuthi sisangaphinde siqhuzuke uma sizozithela ngabandayo bese siyasuka lapho esikhona,” kusho lo mqeqeshi.

Ube esencoma indlela abadlali bakhe ababambisane ngayo ngoLwesithathu nokuyikho athi ibenze banqoba. 

See Also

Amaqembu asesembangweni iTS Sporting, iRoyal AM enamaphuzu angama-37, iSekhukhune United, iFree State Stars neJDR Stars abanamaphuzu angama-36 ngokwehlukana.

NgeSonto ezikaDladla zizotholana neSekhukhune United ekhaya, kulandele i-University of Pretoria, iTS Sporting, iJDR Stars, iJomo Cosmos bese zisonga ngeSteenberg United.

Ekhuluma ngomdlalo wangeSonto uDladla uthe: “Umdlalo nomdlalo kumele siwuthathe njengowamanqamu. NgeSonto kumele sinqobe noma ikanjani, okwenzeke ngoLwesithathu sesikukhohliwe ikhona silungiselela umdlalo olandelayo manje. Kuhle ngoba bayazi abadlali ukuthi ukwehlulwa kwethu kuyobe kusho ukuthini. Ukuze ube umpetha kumele unqobe imidlalo enzima, imiphumela yangeSonto izosicacisela ngekusasa lethu. Imidlalo esizoyidlala inzima yonke, ngisho owokugcina esizowudlala neSteenberg United uyobe ungelula ngoba nayo izobe ifuna ukuvika izembe,” kusho uDladla.

Scroll To Top