Now Reading
Imidlalo ethuthukisa ubudlelwano phakathi kwabomthetho nomphakathi
Dark Light

Imidlalo ethuthukisa ubudlelwano phakathi kwabomthetho nomphakathi

Konke sekumi ngomumo ngemidlalo iLegends Games ehlelwe iWadi 26 ezobanjelwa eHoy Park Sport Complex, eThekwini, ezokuba ngeSonto. 

Kulindeleke ukuthi iqale ngelesi-8 ekuseni ize isongwe ngelesi-5 ntambama kanti amasango azovulwa ngelesi-8 avalwe ngele-12 ukuze bangabi baningi abantu kwazise kusalandelwa imithetho yokhuvethe.

Kule midlalo kuzodlalwa unobhutshuzwayo, ibhola lomnqakiswano, ishesi, umlabalaba nomagalobha.

ElaboHlanga likhulume noSgt uSifiso Xulu okhulumela ukuhlelwa kwalo mqhudelwano.

“Kuyajabulisa ukuthi sesibala izinsuku ngaphambi kokuthi udlale lo mqhudelwano. Sifuna ukuthi abantu abazowuhambela babone indumezulu yento. Inhloso yalo mqhudelwano ukwakha ubudlelwano phakathi kwamaphoyisa kanye nomphakathi,” kusho uXulu.

Amaqembu azobe ekhona ikakhulukazi kunobhutshuzwayo iDurban Metro, iDurban Harbour, iMetro Police, iRailways, iNational Intervention Unit (NIU), iPublic Order Policing (POP), Ukhozi FM, othisha abaqhamuka ezindaweni ezahlukahlukene kanye neqembu labadlali abadala elizobe liholwa uJoel Faya owazakhela udumo ku-AmaZulu FC eminyakeni edlule.

Lapha kuzobe kudlala abantu abaneminyaka yobudala engama-35 kuya phezulu.

“Sifuna ukuqeda ubugebengu ingakho senza lo mqhudelwano. Siphinde senze ubudlelwano lapha emaphoyiseni sisebenzisane ngokubambisana,” usho kanje uXulu.

Le nsizwa yakwaXulu yaklama indima enkulu ekutheni kusungulwe iKwaZulu Chess ngonyaka wezi-2008.

“Kuyajabulisa ukuthi okwakuyinhloso yethu sisungula iKwaZulu Chess sekwafezeka. Inhloso yethu kwakuwukuthi sifake lo mdlalo kwaboHlanga. Muva nje sebeyakwazi ukuncintisana nabebala elimhlophe banqobe imiqhudelwano. Sesiyakwazi ukuthi sihlele umqhudelwano ohanjelwa inqwaba yabantu minyaka yonke. Yize sibuye sentule uxhaso kodwa asipheli amandla,” kusho uXulu.

See Also

Kuno mqhudelwano obizwa ngeBabanango Chess Open owasungulwa ngonyaka wezi-2009, isikhathi esiningi ohanjelwa ilowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma.

Lo mqhudelwano ozokuba ngeSonto uxhaswe abakwa-Assupol, iMetropolitan, uMasipala waseThekwini, i-African Chess Kingdom kanye noMnyango Wezemidlalo KwaZulu-Natal.

“Njengabantu bomthetho sizokwenza isiqiniseko sokuthi imithetho yokhuvethe iyalandelwa, ingakho nje umuntu ongasigqokile isifonyo engeke avunyelwe ukungena. Abantu sizofuna bahlale ngokwahlukana bangabi isixuku. Abazohambela lo mqhudelwano bazothola ukuthi bafundiseke ngezinto eziningi, baphinde babone amaciko azobe enandisa,” kusho uXulu.

Uthe umuntu ozobe eze kulo mqhudelwano ngeke akhiphe ngisho isenti kwazise kuzobe kungenwa ngaphandle kokuthi kukhokhwe.

Scroll To Top