Ukuhlukumeza, ukuhlukunyezwa nokuhlukumezana kubafundi kudinga ukungenelela kweminyango ethintekayo – uXulu
UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Kuyanda ukuhlaselana kwabafundi ezikoleni kuleli. Isigameko sakamuva esisematheni sobubhoklolo ezikoleni esisabalale ezinkundleni zokuxhumana lapho kwabonakala umfundi eshaya omunye esikoleni samabanga aphakeme iMbilwi esifundazweni iLimpopo, okwagcina ngokuthi umgilwa uLufuno Mavhunga azibulale.
I-African National Congress Youth League (ANCYL) isibe nesiphakamiso sokuthi kube nabeluleki bengqondo ekholwa ukuthi bazoba impendulo kulesi sihlava esihlasele ezikoleni.
UMnu uLindokuhle Xulu we-ANCYL ephawula ngesiphakamiso sabo uthe: “Angiqale ngikubalule ukuthi kuwukucabanga kwethu lokhu kepha kuyisinqumo sikaHulumeni ngokwemigomo ayeyenzile ngesikhathi esedlule kusuka ngowezi-2003 lapho kwakuphakanyiswa ukuthi kube nabantu ababhekelele ezengqondo ezikoleni nokuwuhlelo oluthinta iminyango eyahlukene kaHulumeni okungoWezempilo, oWezokuthuthukiswa Komphakathi noWezemfundo.
Okuwuhlelo olugqugquzela ukuthi kube indawo yokufunda kuphinde kube indawo enokweseka. Akusiyona into esiyisusela ekhanda nje lena kepha uma kwenziwa ucwaningo kubonakale ukuthi into eshodayo njengamanje, okuyizinto ezidinga ukuthi zitshalwe.”
Ephendula ekutheni omunye angabuka ngokuthi lolu uhlelo oselubambezelekile kanti into ekade uHulumeni ayibona, sekuze kuqubuka lezi zehlakalo zakamuva ezingezinhle, uthe: “Kunezinto esizibukayo ukuthi ziyimbangela, okokuqala akukho ukubambisana kweminyango.
Okwesibili ukungabikho kwezinhlelo kuMnyango Wezemfundo, isibonelo, uma ubuza oWezempilo ngohlelo lwawo ezikoleni ngeke bakutshele lokhu kungokufanayo nakoWezemfundo ngeke bakutshele ngezempilo asisayiphathi-ke eyengqondo. Izikhathi eziningi le minyango ibhekana nalezi zinto sekwenzeke inhlekelele azikho izindlela zokuthi zinqandwe zingakenzeki. Uhlelo lolu lwaluphakanyiselwe ukuthi kunqandwe izehlakalo ezinjengalezi ukuthi zingenzeki. Njengamanje kuba nokubhekelela ngokomqondo uma kukhona ozibulele kepha azizinqandi lezi zinto ukuthi zingenzeki.”
Uqhube wathi inkinga ukuthi abafundi bangabantu abaphila emphakathini lapho kungumphakathi onokulwa futhi onendlala, wathi abafundi bangabantu abahlukumezekile ngokomqondo abadinga ukwelashwa ukuze babe ngabantu abakwaziyo ukulungela ukufunda nokubhekana nezinselelo zokufunda.
Mayelana nokuthi sekuvame ukuthi kube ngabafundi besifazane abathinteka kulezi zigameko, uthe: “Abafundi akubona abantu abaphila ngaphandle komphakathi kepha bayingxenye yawo. Thina bafana sikhule siqhathwa ngesikhathi sethu singcweka kepha njengamanje sekukhona ukuhlukumeza ngokobulili okuthikameza impilo yabafundi nezingqondo zabo.
Kukhona nokuhlukunyezwa okwenzekayo emakhaya njengoba izingane zamantombazane zibuye zidlwengulwe ingakho sikuphikisa uma uMnyango ufuna ukubuka lezi zingane ezihlukumeza ezinye njengezigebengu, sithi cha aziyizo izigebengu kepha ziyizisulu zezinto eziqhubeka emphakathini.”
UXulu uthe uma beqhathanisa nasezikoleni zabelungu bona banazo zonke izinhlaka ezelekelela ngokomqondo, wathi uHulumeni ohlulekayo ukulinganisa imfundo.
“Uma uHulumeni wehluleka ukwenza imfundo ifane kungcono wenze izinga lemfundo-ke ifane kulabo abazimele kanye nalabo abakuHulumeni. Into esiyibuka kakhulu ukuthi udaba lokuphila komqondo into esemqoka kanti uHulumeni awulubeki eqhulwini. Lokho sikushiso ukuthi awuwufakile umgomo owubuke wabona ukuthi umqoka, lokhu okungasiwona umthwalo wezemfundo kuphela kepha iMinyango oWezempilo noWokuthuthukiswa Komphakathi kumele ingene kodwa inkinga ukuthi oWezemfundo kumele uhole njengoba kuyiwona ohlezi uthinteka,” usho kanje uXulu.
Ebeka uvo lwakhe njengoba iNkantolo kaMantshi eMahlabathini inike umfundi oneminyaka yobudala eli-16 isigwebo sokwenza umsebenzi womphakathi emva kokulahlwa icala lokuhlukumeza omunye umfundi, uthe: “Sikushayela ihlombe ukuthi inkantolo ikhethe ukubuyisa isithunzi somntwana, ngoba thina asikholelwa ekutheni akumele sijezise izingane ngokuhluleka kukaHulumeni ukuqondisa izinhlelo zawo, lapho kumele izingane zibuyiswe kahle endleleni futhi kumele zijeziswe ngendlela elingana nomqondo wabo. Ngicabanga ukuthi akumele lezi zingane zibe nomlando wokuthi ziyizigebengu ngoba ukucabanga kwazo kusekufishane futhi zixakwe izimo ezithile zasemphakathini, okungaphezu kwemiqondo yazo. Siyakubonga ukuthi izinkantolo zakithi ziyaphila futhi zinenhloso yokwakha ikusasa, njengoba kwaziwa ukuthi izingane ziyikusasa lezwe, udaba lwazo kumele lusingathwe ngobuchule.”