Intokazi kaDlakadla izibona ibahlokoloza kowomhlaba
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iyazi ukuthi kumele isebenze kanzima ukuzibekela indawo emqhudelwaneni weNdebe YoMhlaba
Ibona lizofezeka iphupho layo lokudlala eNdebeni YoMhlaba yebhola lomnqakiswano intokazi yaKwaZulu-Natal esencane.
UNomfundo “Hlokoloza” Mngomezulu lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma nelaboHlanga emveni kokunqoba indondo enkulu kumaKZN Netball Awards abengoLwesihlanu olwedlule eCoastlands Hotel, eMusgrave, eThekwini.
Le ntokazi eneminyaka yobudala engama-24 inqobe indondo yeShooter of the Year.
“Kungijabulise kakhulu ukunqoba le ndondo, ngiswele amazwi ayizinkulungwane ngendlela engiyiyona. Bekungeke kwenzeke lokhu ngaphandle kokwesekwa umndeni wami, abangani, abalandeli, abadlali engidlala nabo eqenjini kanye nomqeqeshi,” kusho uNomfundo.
Ngenxa yokuthi le ntokazi isematasa nezifundo zayo, ayikwazanga ukuba yingxenye yomcimbi wezindondo njengoba ibiseGoli.
UNomfundo uqhube wathi: “Bengingaziboni ngiyinqoba le ndondo, umncintiswano kubadlali abangamaShooter mukhulu kakhulu lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal. Abantu ebengiqhathwe nabo basebenze kakhulu nabo.”
Le ntokazi ezalelwe KwaShikishela Area eMtubatuba ithe ingene kulo mdlalo isafunda isikole kodwa yadlala imiqhudelwano ngonyaka wezi-2012 nalapho eyadlala imidlalo iKwanaloga Games.
Idlala kuKZN Super League okuyiligi esikhiqize inqwaba yabadlali kanti isifundazwe iKwaZulu-Natal isona kuphela esinale ligi. UNomfundo uphinde wabonakala edlala iTelkom Netball League (TNL) okuyiligi enkulu kuleli edlalela iKingdom Stars kanti nyakenye udlalele iKingdom Queens.
“INdebe YoMhlaba isisemome, okusele kumina ukuthi ngiqhubeke ngisebenze kanzima ukuzibekela indawo. Uma kungenzeka lokho kobe kusho ukufezeka kwephupho lami lokumela iNingizmu Afrika emiqhudelwaneni emikhulu,” kusho uNomfundo.
NgoLwezi nyakenye ubizelwe eqenjini lesizwe, waphinda nakulo nyaka walithola ithuba lokuba sekhempini yamaProteas.
Ekhuluma emcimbini wangoLwesihlanu olwedlule uMphathiswa Wezemidlalo KwaZulu-Natal uHlengiwe Mavimbela, uthe iKZN Netball iyaqhubeka nokwenza kahle ngokuthi ikhiqize abadlali abasezingeni eliphezulu.
“IKZN Netball Super League iyiligi enkulu futhi ehlelekile iyasekwa ngakho konke lokho kuyiphupho lezifundazwe eziningi. Kuwumqondo waKwaZulu-Natal ngokuziqhenya futhi siyalugubha lolu hlelo. Indlela kulesi sifundazwe owesekwa ngayo lo mdlalo kuyinto eyenzeka lapha kuphela, lokho kudinga ukushayelwa ihlombe elikhulu,” kusho uMphathiswa.
Uqhube wathi: “Njengoba silangazelele iNdebe YoMhlaba yeNetball ezoba seKapa ngonyaka wezi-2023 ngithanda ukukhuthaza iNetball South Africa (NSA) kanye neKZN Netball esekelwa yiKZN Confederation kanye noMnyango ukuthi basihole ekwenzeni izinhlelo ezizokwenza kube umqhudelwano ongasoze wakhohlakala emlandweni bese kuhlomula izingane eziqhamuka ezindaweni zasemakhaya. Ukwehluleka ukwenza lokho kobe kusho ukuthi siyenzele phansi imiphakathi yethu.”
Abanye abanqobe izindondo
- ICoach of the Year: UMagda Du Plessis
- I-Umpire of the Year: ULwazi Qhawe Mncwabe
- IManager of the Year: UNomusa Sithole
- ITechnical Official of the Year: UThabile Mdletshe
- ITeam of the Year: IKingdom Queens
- IDefender of the Year – Kwabesilisa: USandiso Zulu
- IDefender of the Year – Kwabesifazane: UFezeka Sondzaba
- IMid-Court Player of the Year: UTarle Mathe
- IShooter of the Year: kwabesilisa; USifiso Mntambo
- IMost Disciplined Player of the Year: USinethemba Mkhize
- IMost Disciplined Team of the Year: ISheppy Central Netball Team
- IMost Improved Player of the Year: UNolwazi Mathe
- ISportswoman of the Year: UDanelle van der Linde
- ISportsman of the Year: UPercy Thabethe
- IPersonality of the Year: uNompumelelo Mthembu

