Now Reading
UMashatile akalilahlile ithemba ngamathuba omsebenzi nomnotho
Dark Light

UMashatile akalilahlile ithemba ngamathuba omsebenzi nomnotho

IPhini likaMengameli uMnu uPaul Mashatile uthe kubalulekile ukuthi uhulumeni nemboni yezimoto baqinise ubudlelwano ukuze kuthuthukiswe umnotho nokudala amathuba omsebenzi.

Ubekhuluma ngosuku lokugcina lwe-Automotive Week  ethathe izinsuku ezintathu  eMidrand’s Gallagher Convention Centre. Umkhakha wezimoto ungumkhakha wezokukhiqiza omkhulu waseNingizimu Afrika, onegalelo elingama-5% ku-GDP futhi uqashe abasebenzi abanamakhono abayizi-460,000.

Uthe imboni yezimoto izoshintsha kakhulu eminyakeni eyi-10 ezayo kunale minyaka eyi-100 edlule. “Ngokubambisana, kufanele sicabangele indlela yokudala izinhlelo ezisebenzayo, ezizuzisayo, nezisebenzisekayo ezizoqhuba uguquko lwe-electro-mobility oluhambisana nokwanda komnotho wethu.”

See Also

“Kumele sakhe amathuba emisebenzi amasha asezingeni eliphezulu, sinikeze abantu abasha amathuba omsebenzi ajabulisayo,” kwengeza uMashatile.

Scroll To Top