Abaphathelene nezosomankomane abahlale beqaphe eqolo njengonwabu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ingcabha isele nakumabhokisa ukuzinakekela ukuze angaphunyukwa ileli thuba osekunesikhathi eside elilangazelele
IMeneja Jikelele yezamankomane KwaZulu-Natal, uMnu uMike Dube, isidonse ngendlebe ophromotha bezimpi nosomankomane ngokuziphatha njengoba izwe libhekene nobhubhane ukhuvethe.
Lokho uDube ukwenze emva kokuthi inhlangano ephethe lo mdlalo kuleli, iBoxing South Africa (BSA), inikeze imvume yokuthi kubuyelwe eringini.
Ezamankomane nazo kazisalanga ngaphandle ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa evala yonke into kuleli ngoNdasa nyakenye ngenxa yokuhlasela kokhuvethe.
UDube uthe yize izindaba zokubuyela eringini zimjabulisa kodwa unovalo.
“Isimo esiphila ngaphansi kwaso sinzima kakhulu njengoba ukhuvethe luhlasele kangaka. Osomankomane njengoba bezohlangana nje eringini kumele baziphathe kahle, bafake izifonyo, bagweme ukuhambela izindawo ezigcwele abantu. Nyakenye isimo sibe sibi kakhulu kubhuntsha izimpi eziningi njengoba sinikeziwe ithuba kumele silihloniphe. Uma kutholakala osomankomane abanaleli gciwane beze bebabaningi kuyophoqeleka ukuthi kuphinde kumiwe futhi nokuyinto engeyinhle neze,” kusho uDube.
Uthe bayisihlanu ophromotha asebefake izicelo zokwenza imiqhudelwano, wathi ufisa sengathi ingenzeka ngaphandle kwezigameko ezimbi.
ElaboHlanga likhulume noNkk uZandile Malinga weStarline Promotions nothe ngakolunye uhlangothi ukujabulele ukubuyiswa kwezimpi eringini kodwa ngakolunye akaneme.
“Sihlele umqhudelwno omkhulu esifisa ube mhla zingama-27 kuNhlolanja nonyaka. Singahlela siqede kuthi sekusele isikhathi esincane ngaphambi kokuthi umqhudelwano ubanjwe kube ukuthi isibalo sabantu abatheleleke ngokhuvethe senyuke kakhulu. Kusukela ngaba uphromotha angikaze ngihlele umqhudelwano ungenzeki okanye ngibe netwetwe ukuthi uzokwenzeka noma cha kodwa kulokhu ngiyesaba impela,” kusho uNkk uMalinga.
Eqhuba uthe: “Ukwenza umqhudelwano ngaphansi kwesimo sokhuvethe kudla kakhulu ngasemalini. Angifuni ukumosha imali kaHulumeni kwasize imiqhudelwano eminingi uyena oyixhasayo. Osomankomane bahlolelwa ukhuvethe ngemali ephuma kuHulumeni kuthi abaqeqeshi namasekela bakhokhelwe uphromotha. Kungakubi-ke ukuthi sekukhishwe imali kuthi sekusele izinsuku nje kuvele kuphinde kumiswe imiqhudelwano”.
Ngaphambi komqhudelwano osomankomane nabaqeqeshi bahlala izinsuku ezintathu kuBio-Bubble.
“Njengoba bezobe bekuBio-Bubble kumele badle, benze konke okwenziwayo lokho akusiwo amahhala kuyimali. Ingakho nje ngisho ngithi ukujabula kwami kuphakathi nendawo. Ngeke ngaqamba amanga ngiyafisa kubuyelwe eringini kahle,” usho kanje.
Kulo mqhudelwano ohlelwe iStarline Promotions uGcina Makhoba uzovikela ibhande leWBF International Junior Bantamweight alithatha eshaya uMsawenkosi Ndwandwe ekuqaleni konyaka odlule.
ElaboHlanga liphinde lakhuluma noMnu uThulani Magudulela weLudonga Boxing Promotion othe: “Njengoba nginguphromotha ingcindezi ibinkulu kakhulu njengoba amabhokisa abelokhu ekhalile efuna ukubuyela eringini. Njengoba ngangihlele umqhudelwano ngoZibandlela awenzekanga, amabhokisa awamanga ukuziqeqesha ngoba ayenethemba lokuthi kungaphuma noma iluphi usuku ukuthi izimpi zibuyele eringini kodwa lutho. Ngalokho ngijabule kakhulu ukuthi sesilitholile igunya lokubuyela eringini,” kusho uMagudulela.
Izimpi zeLudonga Boxing Promotions kwakuhlelwe ukuthi zibe mhla zili-19 kuZibandlela nyakenye kodwa manje sezizokuba mhla zingama-29 kwephezulu. Kuzotholana phezulu u-Ayanda Mthembu waseMandeni no-Ibrahim Tamba waseTanzania belwela ibhande leWBF Middleweight, kube impi kaKhumbulani Mdletshe wakwaNongoma noHabibu Pengo waseTanzania bebanga ibhande le-International Welterweight.
Lo mqhudelwano uzobanjelwa ehholo iKwagqikazi kwaNongoma lapho uMagudulela edabuka khona.
“Kubuhlungu ukuthi bazobe bengekho abalandeli ukuzobuka lo mqhudelwano kodwa okungijabulisayo ukuthi uzobanjelwa endaweni yasemakhaya. Inhloso yeLudonga Boxing Promotions ukufaka lo mdlalo ezindaweni eziningi. Siyafisa ukuthi ukhuvethe kungangaba bikho elikwenzayo okuzophazamisa lo mqhudelwano,” kusho uMagudulela.