Now Reading
IMbali ibuniswa ubugebengu obudlangile isidonsa izinswelaboya
Dark Light

IMbali ibuniswa ubugebengu obudlangile isidonsa izinswelaboya

Ongoti bathi akubhekisiswe kabanzi ukwenyuka kwezinga lobugebengu eMgungundlovu. Lokhu kulandela ukuvakashela kule ndawo kukaNgqongqoshe Wamaphoyisa uBheki Cele, ngenxa yokwenyuka kwezinga lobugebengu. 

Budlondlobala ngesivinini ubugebengu elokishini iMbali kanye nezindawo ezilakhele okubalwa ikwaPata nakwaDambuza. Okuvezwe uMnyango ukuthi sekusondele ekutheni zibe izizinda zokubulala nokudlwengula njengoba sezedlula uMlaza neNanda ngokwezibalo. 

UNgqongqoshe uCele uveza ukuthi babalelwa ema-70 abantu asebebulelwe eMbali, kwaDambuza kanye nakwaPata selokhu kuqale unyaka. 

Abalelwa ema-500 amacala abikiwe okuhlukunyezwa ngokobulili kuhlanganisa ukudlwengulwa kwezingane nabantu besifazane. UNks uNikiwe Biyela weLife Line Pietermaritzburg uthi bakhathazekile ngokuthi iningi labasolwa like lidedelwe ngebheyili. 

“Ukuhlukunyezwa kwabantwana kanye nabesifazane kusezingeni eliphezulu kakhulu. Ngonyaka ophelile kusuka ngoMbasa kuze kube uNdasa kophezulu inhlangano iLife Line isisize abesifazane ababalelwa ezi-4 354 abahlukunyeziwe ngodlame lwasemakhaya kanye nabantwana. Kunyangantathu odlule kusuka ngoMasingana kuze kube uNdasa sisize abantwana nabesifazane abangama-906 okuyisibalo esiphezulu kakhulu ezinyangeni ezintathu esifundeni esisodwa kuphela,” kusho uNks uBiyela. 

Isiteshi samaphoyisa iPlessislaer sikeliswe saba ngesesi-9 kwezihamba phambili ngezibalo zokubulawa kwabantu. Saphinda saba ngese-16 kwezihamba phambili ngamacala okudlwengula. Sibe ngesesi-8 ngamacala okutholakala kwezinhlamvu nezibhamu okungekho emthethweni. 

UNgqongqoshe uCele uthe iPlessislaer kusele kancane ukuthi ifice iphinde yedlule izindawo ezinobugebengu obuphezulu okubalwa iNanda noMlaza. 

“Lapha KwaZulu-Natal sineziteshi zamaphoyisa ezimbili ezisiphathisa ngekhanda ngaso sonke isikhathi okuwuMlaza neNanda. INanda ihamba phambili ngamacala okudlwengula eNingizimu Afrika yonke, uMlaza ulele isibili uphinde ube sendaweni yesithathu emacaleni okubulala kanti iNanda ikweyesine. Ngezizathu ezithile iPlessislaer seyivukwe umgolo ngalezi zindawo ezihamba phambili, kwenye yalezi zinto ilele isibili, bese kolunye uhlu iphuma phambili. Kunendawo okuthiwa iMbali, akukho Mbali lapha imbali ebolile le, ihamba phambili ekubulaleni, ihamba phambili ekudlwenguleni, ihamba phambili ekugqekezweni kwemizi, ihamba phambili emacaleni okuzama ukubulala, ihamba phambili nasekuduneni amabhizinisi,” kusho uCele ngesikhathi evakashele lesi siteshi samaphoyisa. 

Uveze ukwanda kwezindawo ezithengisa utshwala, ukuphuza ngokweqile nezidakwamizwa njengokunomthelela ebugebengwini obuphezulu kule ndawo. “Abantu abaphuzi kule ndawo babhukuda kubona utshwala. Kunezindawo ezinamasonto, izitolo namabhusha kuhlanganisiwe zinesibalo esincane kunezindawo ezithengisa utshwala. Izindawo ezidayisa utshwala zili-135 ingakho abantu balapha behlala bedakiwe. Ngeke uthole umphakathi ojwayelekile,” kusho uNgqongqoshe uCele. 

See Also

Njengoba amaphoyisa ezama ukulwa nezinga eliphezulu lobugebengu, ongoti bathi ukwengezwa kwawo akwanele ukuthi kungaba isisombululo esiphelele. Umncwaningi we-Institute of Security Studies uDkt Johan Burger, uthe kudingeka ezobunhloli eziphezulu emaphoyiseni ukuze amaphoyisa akwazi ukunqanda kahle ubugebengu. 

“Amaphoyisa eziteshini anezinsiza ezimbalwa, ngokuvamile abuka ubugebengu. Okumele balethwe ebezobunhloli obuphezulu besuka ehhovisi lesifundazwe kanye nakuzwelonke. Amaphoyisa abethwele kanzima eminyakeni eminingi eyedlule. Muningi umonakalo osewenzekile,” kusho uDkt uBurger. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier uJay Naicker uthe kunezinhlelo ezizokwenziwa zokusebenzisana phakathi kwamaphoyisa neminye iminyango kaHulumeni ukuze kunqandwe ubugebengu kule ndawo. UNaicker uthe iziteshi zamaphoyisa zonke zinamaphoyisa aqeqeshiwe kuhlanganisa nezobunhloli ukuqapha ubugebengu. 

“Sekungenelele noMkhuzi Wamaphoyisa esifundazweni waqinisekisa ukuthi kwengezwe namaphoyisa akuzwelonke. Sekunqunywe ukuthi kusetshenziswane neminye iminyango ukuqinisekisa ukuthi kungenwa ezimpandeni zobugebengu,” kusho uNaicker.

Scroll To Top