Eziphuma zishisa ngonobhutshuzwayo wase-Europe kuqala leli sonto



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Liqale kanzima leli sonto kunobhutshuzwayo phesheya kwezilwandle ngenxa kusabalala kwezindaba eziningi ezehlukahlukene.
Udaba olube sematheni olokuthi kungenzeka kusungulwe iligi entsha ezobizwa nge-European Super League (ESL). Kusuke omkhulu umsindo njengoba izikhulu zamaqembu zihlukane phakathi zakhala ngokuthi le ligi izokona unobhutshuzwayo ngoba ibizokhokhela amaqembu abezodlala kuyona izindodla zemali.
Amaqembu okuvele ukuthi abezogijima kule ligi esungulwe abadla izambane likapondo ayisi-6 ase-England adlala ku-English Premier League (EPL) okuyiManchester United, i-Arsenal FC, iChelsea FC, iManchester City, iTottenham Hotspur neLiverpool FC.
Amanye abesengenile iReal Madrid, iFC Barcelona, i-Atletico Madrid, iJuventus, i-Inter Milan ne-AC Milan.
Onke la maqembu ajoyine i-ESL njengabasunguli bayo.
Konke lokhu kujikile ngoLwesibili kusihlwa njengoba amaqembu athe awasazibandakanyi nhlobo nale ligi. Amaqembu abezodlala kule ligi abengeke esakwazi ukuba yingxenye yomqhudelwano omkhulu emhlabeni i-UEFA Champions League.
Iqembu elizihlangule kuqala kube iManchester City abe eselandela namanye. Amaqembu abenxenxelwe ukuba ajoyine le ligi kodwa agcina enqabile iBayern Munich, iBorussia Dortmund neParis Saint-Germain (PSG). Olunye udaba olube lukhulu ngolokuxoshwa kukamqeqeshi weTottenham Hotspur uJose “The Special One” Mourinho. Izintambo kuleli qembu laseLondon sezizobanjwa uRyan Mason.
UMourinho uhlale ebhentshini laleli qembu imidlalo engama-86 kusukela aqashwa ngoLwezi wangonyaka wezi-2019, unqobe imidlalo engama-44, wadlala ngokulingama kweli-19, wehlulwa kwengama-23.
Kuphinde kwavela ukuthi umqeqeshi weLiverpool FC uJurgen Klopp, kungenzeka alishiye leli qembu ajoyine ompetha baseGermany iBayern Munich eshiywa umqeqeshi wayo. UKlopp izinto azimuhambeli kahle njengoba ehluleka ukufaka iqembu kwamane aphezulu ukuze lizokwazi ukudlala ku-UEFA Champions League ngesizini ezayo.
ISikhulu Esiphezulu seBayern Munich uKarl-Heinz Rummenigge, sithe njengoba ehamba uHansi Flick kumele bathole umqeqeshi omusha kodwa lokho kuzokwenzeka uma sekuqala isizini ezayo.
Bathi bafuna umqeqeshi onamava kodwa hhayi ukuthi kuKlopp.
Khona eGermany iSchalke 04 ibe iqembu lokuqala ukudliwa izembe. Emidlalweni engama-30 isanqobe imidlalo emibili kuphela nokuyenza ibe namaphuzu ali-13. Isalelwe imidlalo eyisi-6 ngaphambi kokuthi iyogijima esigabeni esingezansi iBundesliga 2.
UDavid Alaba ongumdlali weBayern Munich kuvele ukuthi usesayine nompetha baseSpain iReal Madrid iminyaka emihlanu. Ekuqaleni kwesizini bekuvele ukuthi lo mdlali kungenzeka asayiniswe iFC Barcelona kodwa kwagcina kungenzekanga. IReal Madrid kuvele ukuthi kungenzeka ishiywe ukaputeni wayo uSergio Ramos njengoba kuvela ukuthi akafuni ukuvuselela inkontileka yakhe ngoba leli qembu alifuni ukumenyusela imali.